Try GOLD - Free

Newspaper

Isolezwe

Asikhuthaze abafana ukuba basondele eNdlunkulu besakhula

BAYEDE Hlangalomhlabathi! INdlulamithi yamakhosi! Nina beSilo.

1 min  |

July 09, 2025

Isolezwe

OweMidlands nethemba lokubuya kwesasasa lebhola eMgungundlovu

USIHLALO ongumqeqeshi weMidlands Wanderers, uVincent \"Masenti\" Myeni, ukholwa wukuthi kuzolibuyisa ithemba nesasasa kubathandi bebhola baseMgungundlovu nakosomabhizinisi abancane bakule ndawo ukwenyukela kwabo kwiMotsepe Foundation Championship.

1 min  |

July 09, 2025

Isolezwe

OweJunior Eleven ufake iqembu endalini ekhala ngezindleko

NAKUBA iJunior Eleven beyiza kahle ngesizini yayo yokuqala esigabeni seSafa KwaZulu-Natal ABC Motsepe League kodwa usihlalo waleli qembu, uMthokozisi Khoza, uthi umkhizo ubusuzwela ejazini ngenxa yokwentula uxhaso okugcine ngokuthi afake iqembu endalini.

1 min  |

July 09, 2025

Isolezwe

OwamaProteas ukhuthaze injejane kowe DStv Schools Netball eKokstad

WAYENGUKAPUTENI weqembu lesizwe le-netball iSpar Proteas, uBongiwe Msomi, ukhuthaze abadlali abasebancane ngokulandela amaphupho abo kungakhathaleki ukuthi basuka ezindaweni ezinjani ukuze bafinyelele kwelenyoni kulo mdlalo webhola lomnqakiswano.

1 min  |

July 09, 2025

Isolezwe

Kuboshwe ababili abebe udizili elolini elithwala amanzi eMbumbulu

KUBOSHWE umshayeli weloli elithwala amanzi ngaphansi kukaMasipala weTheku nomunye wabaholi bekomiti lewadi eSawpits, eMbumbulu izolo ababanjwe bempompa udizili elolini.

1 min  |

July 09, 2025

Isolezwe

Ulaxaze esebheyili osolwa ngokubulala abayisithupha eMlaza

UVELE wasilaxaza isicelo sebheyili ngesikhathi evela eNkantolo yeMantshi yaseMlaza ngoMsombuluko, owesilisa waseSwatini, osolwa ngokubulala abayisithupha emijondolo yase-V6 eMlaza nyakenye.

1 min  |

July 09, 2025
Isolezwe

Isolezwe

OweMetro FM uthi kwamvulela iminyango ukuvolontiya kwiGagasi FM

UMSAKAZI weMetro FM, u-Ayabonga \"Zola Zeelovin\" Mhlongo, uthe kwamsiza kakhulu ukusebenza ngokuzinikela kwiGagasi FM lapho ayevolontiya khona ngoba kugcine kumvulele iminyango eminingi. Ekhuluma kwiEngineer Your Life (okuyiYouTube Channel) uZola (31), osakaza iBest Weekend Breakfast noSomizi Mhlongo, uthe kwamsiza kakhulu ngoba kwamcija kulo mkhakha waze wagcina echaze abaphathi balesi siteshi.

1 min  |

July 09, 2025

Isolezwe

Kusale dengwane inqwaba kusha imijondolo

BABALELWA ku-200 abantu abasale dengwane ngesikhathi kusha imijondolo engaphezu kuka-100 yaseDakota, eSiphingo, eThekwini, izolo.

1 min  |

July 09, 2025
Isolezwe

Isolezwe

I-ANC nemicimbi yokukhumbula UDD Mabuza

I-ANC ihlele uxhaxha lwemicimbi yokukhumbula owayeyiphini likamengameli wezwe, uMnuz David Mabuza, ozongcwatshwa ngoMgqibelo.

1 min  |

July 09, 2025

Isolezwe

Kunxenxwe abalandeli kuqhathwa azodudulana kwiKZN Premier's Cup

AZOPHINDE azwane amandla ngaphambi kokuqala kwesizini amaqembu aKwaZulu-Natal emqhudelwaneni waminyaka yonke, iKZN Premier's Cup.

1 min  |

July 09, 2025
Isolezwe

Isolezwe

OweBay ufuna abanamava bahole injenjane

UKHOLELWA ekutheni abadlali abanamava abaseqenjini bazokwazi ukubambisana nabasebancane ukuze iqembu liphinde elikwenze ngesizini edlule usihlalo weRichards Bay FC, uJomo Biyela.

1 min  |

July 09, 2025

Isolezwe

Kuzokhunjulwa isilomo somculi kamaskandi

NJENGOBA kuphela iminyaka eyishumi kwadlula emhlabeni isilomo emculweni kamaskandi, uMtshengiseni \"Indidane\" Gcwensa, kuhlelwe indumezulu yomcimbi ngenhloso yokusikhumbula.

1 min  |

July 09, 2025

Isolezwe

UPetersen uncoma 'ukulamba' kwabeChiefs eNetherlands

UNOZINTI weKaizer Chiefs, uBrandon Petersen, uncoma ukulamba nokulangazelela okukhonjiswa ngozakwabo njengoba bezicijela ukuqala kwesizini yeBetway Premieship ka-2025/2026.

1 min  |

July 08, 2025

Isolezwe

Zibucayi izinsolo zikaMkhwanazi ngoMchunu: Ramaphosa

UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uthembise ukusukumela izinsolo ezishaqisayo ezenziwe uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi.

1 min  |

July 08, 2025

Isolezwe

Kuzoshikisha ufudu kweyandulela eyamanqamu yeFifa

NAKUBA indawo kowamanqamu weFifa Club World Cup izobangwa ngamaqembu amathathu ase-Europe nelilodwa laseBrazil kodwa kunzima ukuziba isinongo sikaKylian Mbappe kulo mqhudelwano osongwa ngeSonto e-United States of America (USA).

1 min  |

July 08, 2025

Isolezwe

OweTheku ucacisa ngomyalelo womazisi emitholampilo

IZIGULI eziya okokuqala ngqa emitholampilo yaseThekwini sezigqugquzelwe ukuthi ziqinisekise ukuthi ziyabaphatha omazisi bazo uma zivakashela lezi zikhungo ngenhloso yokuthola usizo lwezempilo.

1 min  |

July 08, 2025

Isolezwe

Likhulu iqhaza labezindaba ekufuneni iqiniso ekubusweni kwezwe

ABABANINGI abanaka ukubaluleka kweqhaza labezindaba abasebenza ngokuzimela ezweni lapho inkohlakalo nobugebengu obuhleliwe kudla lubi. Yize noma singazi ukuthi izinsolo ezichaywe wuKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, ngokudungeka kwesiphoyisa empini yokulwa nobugebengu nezidakamizwa, zizofika kuphi, kodwa akukho ukungabaza ukuthi imithombo yezindaba inendima enkulu eyiklamayo ekuvezeni ukubola ezinhlakeni ezisingethe izwe.

1 min  |

July 08, 2025

Isolezwe

Yini lena esiyikweleta abokufika kuleli zwe lethu?

MHLELI: Njengesakhamuzi saseNingizimu Afrika, ngibhala ngokukhulu ukukhathazeka. Iqiniso lithi sesigula ngengondo ngenxa yemibuzo esizibuza yona imihla yonke yokuphila kwethu kuleli zwe.

1 min  |

July 08, 2025

Isolezwe

Kungaphuma isikimu esiqinile ngabangenawo amaqembu kwi-PSL

UNGAPHUMA inqanawe yesikimu esingabhincisela nxanye amaqembu anesithunzi kwiPremier Soccer League (PSL) uma ungahlanganisa abadlali abaphelelwe wumsebenzi njengoba kuqale uJulayi.

1 min  |

July 08, 2025
Isolezwe

Isolezwe

Abombhaqanga bayobika usizi Iwabo kuShembe

KUNGADLALWA ngendlela komculo wombhaqanga eziteshini ezingaphansi kweSABC nokungaqashwa kwabaculi bawo, sekwenze abaculi bayofuna usizo kumholi wakwaShembe eBuhleni, Inkosi uMduduzi \"Unyazilwezulu\" Shembe.

1 min  |

July 08, 2025

Isolezwe

Uhlela ukuyithuthela eMabhida indumezulu yakhe DJ Merlon

INDLELA yomcimbi i-Anywhere in the City isibheke enkundleni iMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngokusho komhleli wayo uDJ Merlon.

1 min  |

July 08, 2025

Isolezwe

Ibohlololo kuhoxa osaziwayo kowesibhakela

USOMABHIZINISI waseMgungundlovu, uPhumlani Njilo nomrepha uDonovan \"Chad Da Don\" Mansoor, yibo asebezohluthana ngamankomane kwiFists of Fame Celebrity Boxing Bout e-Emperors Palace eGoli ngoJulayi 26 ngo-6 ntambama.

1 min  |

July 08, 2025

Isolezwe

Kushintshe ukudla epuletini i-IFP ibuyisa uMasipala wakwaNongoma

KUPHENDUKE amatafula i-IFP ibuyisa ihlalankosi , uNongoma. I-IFP ichithe ubuholi be-NFP ne-ANC obebuphethe umkhandlu ngokubambisana.

1 min  |

July 08, 2025

Isolezwe

Uhlelo Iwe-TV luqhathe uThinah nabantu ngenxa kaKhehlelezi

UMCULI wowokholo ophinde abe wumfundisi uThinah Zungu, uveze ukuthi uhlelo lwakuMzansi Magic, obelukhombisa ngempilo yakhe nomndeni wakhe, iThinah SingoZungu lumfake kokukhulu ukukhuluma ngenxa yokubonakala kwenyanga uDr Khehlelezi.

1 min  |

July 08, 2025

Isolezwe

Idumele i-DA ukhongolose evikela uNgqongqoshe weMfundo ePhakeme

I-ANC yaseka uNgqongqoshe weMfundo ePhakeme uDkt Nobuhle Nkabane, njengoba ebhekene nengcindezi yokuthi asule ngokuqambela iPhalamende amanga.

1 min  |

July 08, 2025

Isolezwe

Bakhathazekile ngekusasa abadlali beSuperSport edayisiwe

KUMNYAMA ngekusasa labadlali beSuperSport United esanda kudayiselwa abaphathi beSiwelele FC yaseBloemfontein, eFree State.

1 min  |

July 08, 2025

Isolezwe

Akafanelwe ukuba semphakathini olahlwe elokusoconga uMagaqa - ijaji

I JAJI lithe akakufanele ukuba semphakathini umlisa olahlwe yicala lokusoconga owayengunobhala jikelele we-ANC Youth League, uMnuz Sindiso Magaqa.

1 min  |

July 08, 2025

Isolezwe

Imibandela eqinile komasipala kukhishwa eyenhlekelele

Izoqale ithole uR50 million, bese ithola uR504 million ngo-Agasti.\"

1 min  |

July 08, 2025
Isolezwe

Isolezwe

Ukhamba lufuze imbiza kohlabane ngomfundaze wemfashini kwi-HDJ

UKUKHULA esondelene nonina onebhizinisi lokuthunga futhi ethekela ulwazi kuyena, kwenza uNksz Andile Cele wakhula ethanda ukuthunga futhi kwamkhuthaza nokuthi afunde kuyena okuningi ngale mboni.

1 min  |

July 08, 2025
Isolezwe

Isolezwe

IDundee July nombhidlango wokudala amathuba omsebenzi

KUSEQHULWINI kumhleli womcimbi iDundee July ukubona lo mcimbi udala amathuba omsebenzi uphinde uphephezelisele phezulu ifulegi lezindawo zasemakhaya.

1 min  |

July 08, 2025