Newspaper
Isolezwe
Umbhali uzocobolela 'ama-blogger' ngamasu okuzuza ngemibhalo yabo
\"ABANTU abaningi abakhonze ukubhala nokusabalalisa imicabango yabo ngokuyibhala phansi, bese beyishicilela ngezindlela ezehlukene, bavame ukwenza lokhu ngoba bethi bahambisa isikhathi ngenxa yokuswela ulwazi lokuthi bangazuza kanjani ngalokho.
1 min |
June 12, 2025
Isolezwe
Ahlome aphelele aweFifa Club World Cup
NAKUBA yehlukile kokujwayelekile kodwa akukho nokuncane ukungabaza ukuthi indlela okudidiyelwe ngayo iFifa Club World Cup ezoqala ngeSonto e-United States of America (USA) izobashiya bebheme bakholwa abathandi bakanobhutshuzwayo umhlaba wonke.
1 min |
June 12, 2025
Isolezwe
Igonyuluka ngokukhula ngaphandle kukayise ingwazi yeSundowns
OMUNYE wabadlali bebhola likanobhutshuzwayo osewawaphanyeka emgibeni amakhokho, uSiyanda Zwane, ugonyuluke ngobunzima bokukhula ngaphandle kukayise. UZwane oke waba semabhukwini eMamelodi Sundowns, uthe ayikho into eyamhlukumeza njengokukhula ngaphandle kukayise.
1 min |
June 12, 2025
Isolezwe
UKhaya usakholelwa emshadweni noma waphela kabuhlungu owokuqala
UMSAKAZI weGagasi FM ophinde abe wumculi ocula owokholo, uKhaya Mthethwa uthi usakholelwa emshadweni futhi usazophinde ashadelwe yize ezwa ubuhlungu kuphela umshado wakhe nozime wakuleli uNtandoyenkosi Kunene, waseMpumalanga.
1 min |
June 12, 2025
Isolezwe
Kuhlehle icala lowayeyimeya yase Thekwini kudingeka imibiko yocwaningo
INKANTOLO eNkulu yaseThekwini ihlehlise icala lethenda ka-R320 million leDurban Solid Waste elibhekene nowayeyimeya yaseThekwini, uNkk Zandile Gumede, ngenxa yokungatholakali kwemibiko yokucwaningwa kwamabhuku kumasipala izolo.
1 min |
June 12, 2025
Isolezwe
Lisemanzini Isolezwe kudlula omunye wabahluzi
KUDLULE emhlabeni obengumhlaziyi wezincwadi zeSolezwe, uNkk Mpume Nzimande, ngemuva kokugula isikhashana. UNkk Nzimande ubesebenzela Isolezwe esethimbeni labahluzi bezindaba kodwa umsebenzi wakhe obuvela emehlweni abafundi bephephandaba bekuba yingosi yangoLwesihlanu ethi Eshalofini Lezincwadi noMpume Nzimande.
1 min |
June 12, 2025
Isolezwe
UKhumalo ufuna amaqhinga amasha koweCosafa
UMQEQESHI weBafana Bafana eyibamba kwiCosafa Cup, uVela Khumalo, ubona kufanele bashintshe umshovo emzuliswaneni olandelayo kulandela ukungena ngomcacamezelo kowandulela owamanqamu weHollywoodbets Cosafa Cup ngokubambana ngo 0-0 neMauritius, ngoLwesibili eDr Petrus Molemela Stadium, eMangaung.
1 min |
June 12, 2025
Isolezwe
Kuzogqama ithalente labakuleli efilimini yeNetflix
UMLINGISI ULerato Mvelase uthe usekubheke ngabomvu ukubona ifilimu ezoqala ngoJulayi, alingisa indawo ephambili kuyona kwiNetflix, ethi Marked.
1 min |
June 12, 2025
Isolezwe
Izokhangulwa ngePremier's Cup inkundla yaseMhlathuze
ZOVULWA ngomqhudelwano, iKZN Premier's Cup, inkundla yaseRichards Bay okuvela ukuthi isiphasiswe yiPremier Soccer League (PSL).
1 min |
June 11, 2025
Isolezwe
UBaloyi ufisa iChiefs isike iphethini kwiPirates
UQWEQWE lukanozinti wakudala weKaizer Chiefs, uBrian \"Spider-Man\" Baloyi, lululeke Amakhosi ngokugcina esikhundleni, uNasreddine Nabi, nangokumsondezela umqeqeshi oluqondayo usikompilo lukanobhutshuzwayo waseMzansi nolimi olukhulunywa abadlali bakuleli.
1 min |
June 11, 2025
Isolezwe
Kukhonye abamapiano kumaBET Awards
IZINTOKAZI zodumo emculweni wamapiano futhi ezizinze eGoli, iTxC, ziqophe umlando ngokuhlabana kuma2025 BET Awards, emkhakheni weBest New International Act ngokubambisana nomculi waseBrazil, Ajuliacosta.
1 min |
June 11, 2025
Isolezwe
UMatthews ukhuza ingebhe kwabeDowns koweFifa
NAKUBA kubukeka sengathi iMamelodi Sundowns iphonswe emphandwini wamabhubesi kwiFifa Club World Cup kodwa uTashreeq Matthews odlale isikhathi eside phesheya kwezilwandle, akasiboni isidingo sokuhlonipha kakhulu amaqembu ngenxa yamagama kumbe umlando wawo.
1 min |
June 11, 2025
Isolezwe
Kanti ngempela waqala nini umhlaba?
MHLELI: Kunezinto lapha emhlabeni ezihlala zixaka uma zishiwo. Kwawena ugcina ungasazi ukuthi yikuphi okuyikhona futhi okumele ukukholwe nokumele ungakukholwa.
3 min |
June 11, 2025
Isolezwe
Uma isiziphatha kanje iMelika isishonephi impucuzeko?
MHLELI: Sesiphila esikhathini lapho kwenzeka zonke izinto ezisishiya sinemibuzo engenazo izimpendulo. Sekuyizinkomba zokuthi okushiwo yibhayibheli ngokuthi kuyokwenzeka sekufezekile iningi lako.
1 min |
June 11, 2025
Isolezwe
IBafana Bafana idlule sekubanjwe umoya kowe Cosafa
KUDINGEKE ukuthi kushaywe izibalo ngaphambi kokuqinisekisa ukuthi iBafana Bafana iyona ezodlulela kweyandulela owamanqamu yeHollywoodbets Cosafa Cup emazweni amane obekubunjwe ngawo uGroup A walo mqhudelwano oqhubeka eFree State kuze kube yiSonto.
1 min |
June 11, 2025
Isolezwe
Kukhonye iBomvini kwiNtokozo Myeni U/15 Tournament
UBALISA ngokungesekwa ngabazali umqeqeshi weBomvini FC enqobe umqhudelwano waminyaka yonke, iNtokozo Myeni Under 15 Soccer Tournament, eNgwelezane New Fields, eMpangeni, ngoMgqibelo.
1 min |
June 11, 2025
Isolezwe
Ukhale 'ngamaphoyisa angamazambane abolile' kwelikaMagaqa
SISHOSHOVU esiphambili ekulweni nokutholakala komnyombo wokubulawa kukaMnuz Sindiso Magaqa, uMnuz Thabiso Zulu, ukhale ngamaphoyisa athe angamazambane abolile futhi ayishaya emuva ayishaye phambili okwenza kube lukhuni satshe ukuwathemba.
1 min |
June 11, 2025
Isolezwe
Kuhle okwenziwa isizwe sakwaMthethwa sibonga izingwevu
MHLELI: Isizwe sakwaMthethwa muva nje sigqama ngezingwevu ezibe nomnikelo ekusithuthukiseni eminxeni ehlukene.
1 min |
June 11, 2025
Isolezwe
Ayisukunyelwe imizamo yokulawula amatele eKZN
NKINGA yesifo samatele egubuzela iKwaZulu-Natal, nezinye ezakhelene naso, idinga iminyakazo ecacile kwaboMnyango weZolimo esifundazweni.
1 min |
June 11, 2025
Isolezwe
Bazoshintsha imizimba bephoqwa yingcindezi yezothando
BAKULELI abondlekile ngokomzimba bazothatha uhambo lokushintsha indlela imizimba yabo ebukeka ngayo ukuze bavikele ubudlelwano babo kwezothando.
1 min |
June 11, 2025
Isolezwe
USimphiwe uzoxoxa indaba ngohambo Iweminyaka engu-20 emculweni
UBONGA ukuxhaswa abalandeli bakhe eminyakeni engu-20 esendimeni yomculo, uSimphiwe Dana, okuzothi ngoMgqibelo abe nekhonsathi yokubabonga, ePlayhouse eThekwini.
1 min |
June 11, 2025
Isolezwe
Ulaxaze isicelo sebheyili umsolwa osatshwayo eMariannhill
USHAYE ungqimphothwe, walaxaza ukufaka isicelo sebheyili, uMnuz Linda \"Mjinja\" Hlongwa, ngesikhathi evele eNkantolo yeMantshi yasePinetown, izolo.
1 min |
June 11, 2025
Isolezwe
Izigwebo ezinzima kwababulala owayehamba ngesihlalo esinamasondo
LIKHALE ngonya nesihluku ijaji libagixabeza ngezigwebo ezinzima, abesilisa ababili ababulala owesilisa waseMlaza owayehamba ngesihlalo esinamasondo, kufihlwa ubufakazi.
1 min |
June 11, 2025
Isolezwe
Osaziwayo bazodalula okwabenza bashiya emishadweni yabo
ABESIFAZANE abangosaziwayo ebebesematheni bazogonyuluka ohlelweni lwethelevishini ngokwabenza bashiya phansi abayeni babo, olusihloko sithi Untied. Lolu hlelo oluzoqala ngoJuni 24 kulo nyaka, luzobe lwethulwa wumsakazi osenamava uRelebogile Mabotja.
1 min |
June 11, 2025
Isolezwe
UJenet nethemba lokugcina enqobe iComrades
UJENET Mbhele obe ngumgijimi wokuqala wesifazane ompisholo ozuze igolide amahlandla amathathu iminyaka ilandelana kwiComrades Marathon usenyukelwe yithemba lokuthi usengawunqoba lo mjaho ngenxa yokuthi usewuqonda kangcono.
1 min |
June 11, 2025
Isolezwe
OweTornado nethemba lokwengeza aweMotsepe eKing Cetshwayo
USIHLALO weTornado FC, uMthokozisi Thusi, ezomela isifunda seSafa King Cetshwayo kuma-Play Offs esifundazwe eHollywoodbets Men's Regional League, unethemba lokuthi leli qembu lizokwazi ukuzibamba ziqine kule sizini njengoba selibuyela isibili.
1 min |
June 11, 2025
Isolezwe
Lishiye kukhalwa izulu elihambisana nomoya eKZN
ISIFUNDA Ugu yiso esikhahlamezeke kakhulu njengoba kuhlasele isimo sezulu esingesihle esifundazweni iKwaZulu-Natal.
1 min |
June 11, 2025
Isolezwe
UNdunankulu waseKZN uncome amagalelo kamqondisi Jikelele osulile
UNCONYWE ngamagalelo akhe uDkt Nonhlanhla Mkhize obenguMqondisi jikelele kuhulumeni waKwaZulu-Natal.
1 min |
June 11, 2025
Isolezwe
Usenethemba kwiNPA uRamaphosa
UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uveze ukuthi usabethemba ubuholi bophiko lwezokuShushisa kuleli, INPA nakuba igxekwa nxa zonke ngokuhluleka ukushushisa ngempumelelo amacala amakhulu.
1 min |
June 11, 2025
Isolezwe
IMaritzburg ilahlekelwe kwazuza iTheku: Kadodia
USIHLALO weDurban City, uFarouk Kadodia, uphinde wakugcizelela ukuthi ngeke besabuyela eMgungundlovu, lapho abephucwa khona inkundla ngemuva kokugawulwa yizembe ngo-2023.
1 min |
