Go Unlimited with Magzter GOLD

Go Unlimited with Magzter GOLD

Get unlimited access to 9,500+ magazines, newspapers and Premium stories for just

$149.99
 
$74.99/Year

Try GOLD - Free

Newspaper

Isolezwe

Masingathalalisi umdlavuza wezicubu uyabulala

ININGI izinhlobo zemidlavuza, eminye yilona okhula uhlume ezicutshini. Njengoba izicubu zigcwele umzimba wonke, lokhu kuchaza ukuthi le nhlobo yomdlavuza ungahluma ukhule kuyo yonke indawo lapho kunesicubu khona.

2 min  |

June 17, 2025
Isolezwe

Isolezwe

Ubumaye kuqhuma isibhamu emhlanganweni we-ActionSA

KUSUKE isidumo kuqhuma isibhamu emhlanganweni wokukhetha ubuholi be-ActionSA kuWard 25 kuMasipala waseThekwini.

1 min  |

June 17, 2025

Isolezwe

Ukuzindela ukuhlolela izifo kwabesilisa kungabaholela oPhathe

NGAPHANDLE kwemigubho nemicimbi eyehlukene eyenziwa eNingizimu Afrika ngoJuni, ukubungaza nokukhumbula iqhaza elabanjwa yintsha eyayiphila ngesikhathi okwakubusa ngaso uhulumeni wengcindezelo, le nyanga ibuye futhi yaziwe ngokuthi yiMen's Health Month, okwenziwa ngenhloso yokukhuthaza abantu besilisa ngokumele bakwenze nokumele bakugweme ukuze baphile ngendlela efanele.

1 min  |

June 17, 2025
Isolezwe

Isolezwe

Sebeqalile ukushintsha imibala abadlali kwiPSL

KHONO lesitobha seSuperSport United, u-Ime Okon, lisibeke esimweni esingajwayelekile kumdlali kwazise simelwe ukukhetha ukuthi ikusasa laso kunobhutshuzwayo liqhakaze kangcono kwiKaizer Chiefs, Orlando Pirates noma emaqenjini aphesheya kwezilwandle akhombisa izimpawu zokuthatheka ngaso.

1 min  |

June 17, 2025

Isolezwe

I-IFP Youth Brigade ivikela 'obehlukumeza' obengumqondisi jikelele

USIHLALO we-IFP Youth Brigade, uMnuz Sanele Zondo, uvikele isikhulu esisolwa ngokuhlukumeza oshiye isigubhukane kwesikamqondisi eHhovisi likaNdunankulu waKwaZuluNatal, uDkt Nonhlanhla Mkhize.

1 min  |

June 17, 2025

Isolezwe

Usizi umfundi ezibulala emva 'kokuthunjwa nokudlwengulwa abasematekisini'

UFUNA ubulungiswa umndeni waseMaphephetheni, eNanda, umfundi ezibulala emva kokukhala ngokuthunjwa nokudlwengulwa ngabasolwa abaziwayo abasebenza embonini yamatekisi.

2 min  |

June 17, 2025
Isolezwe

Isolezwe

I-JVW ishaye iSundonws Ladies okokuqala kwiHollywoodbets

IPHINDE yakhombisa ukuba yiqembu elizoba yingozi kule sizini i-JVW FC iguqisa iMamelodi Sundonws Ladies ngo 2-1 koweHollywoodbets Super League e-UJ Stadium, eSoweto, ngeSonto.

1 min  |

June 17, 2025
Isolezwe

Isolezwe

Uthembisa ukubeka phambili ukuthuthuka kwezokugijima obuyele kwesokuhola

USTEVE Mkasi obuyiselwe esikhundleni sokuba ngumengameli weKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) okhethweni obelungempelasonto uthembisa ukuqhubeka lapho egcine khona ekuholeni le nhlangano yezokugijima esifundazweni njengoba esethatha ihlandla lesibili.

1 min  |

June 17, 2025

Isolezwe

Lisazoqhubeka nokugawula izembe kwi-MK: Zuma

UMHOLI we-MK, uMnuz Jacob Zuma, uthe lisazoqhubeka nokugawula izembe kubaholi beqembu abenza okuphambene nomthetho, wathi abakhathali noma ngabe bathandwa kangakanani.

1 min  |

June 17, 2025

Isolezwe

Akubuyekezwe izinselelo zezimfuno zentsha ngoJune 16

ZOLO iNingizimu Afrika ibigubha uSuku lweNtsha, oseludume nguJune 16. Ngokomlando womzabalazo wenkululeko umhla ka-16 June 1976, waba usuku olwaba nomthelela omkhulu ekucabangeni kabusha kwababusi bobandlululo.

1 min  |

June 17, 2025

Isolezwe

Izinsephe zeSundowns nethuba lokuzidayisa

UKUNOTHA kweMamelodi Sundowns ngalo lonke ubisi lwabadlali ongalucabanga kungase kube yikhona futhi okuyibangela ukuthi ibuye ingasaphelele kwiFifa Club World Cup eqhubeka e-United States of America (USA) kuze kube uJulayi 13.

1 min  |

June 17, 2025

Isolezwe

Banuka owomndeni ngokusocongwa kukasomabhizinsi

IKHULUNYELWA phansi eyokusolakala kowomndeni ngemuva kokusocongwa kukasomabhizinisi waKwaMaphumulo.

1 min  |

June 17, 2025
Isolezwe

Isolezwe

ISafa ituse Isolezwe ngokufaka isandla ebholeni labasafufusa

UMENGAMELI weSouth African Football Association (Safa) esifundeni iTheku, uMazwi Mkhize, utuse ukuzinikela kwephephandaba Isolezwe ekufakeni isandla ekuthuthukiseni intsha ngomqhudelwano kanobhutshuzwayo wabafana namantombazane.

2 min  |

June 13, 2025

Isolezwe

Izinto zisavuna iCity kuPSL Play-Offs

UKWEHLULEKA kwe-Orbit College ukubuya namaphuzu agcwele emdlalweni wayo wokuqala wasekhaya wePSL Promotion Play-Offs idlala ngokulingana neCasric Stars ngoLwesithathu, sekugongise ingcindezi yokubhukula kuleli qembu laseNorth West, elizodlala neCape Town City kusasa ekuhambeni.

1 min  |

June 13, 2025

Isolezwe

Isasasa kwethulwa iThabo Thalente Games KwaMashu

UMA kuya ngokwesifiso sabadlali baKwaMashu abadlalela izinkunzi zaseSoweto, uThabo Cele noThalente Mbatha, leli lokishi lizobuyela ezingeni elalaziwa ngalo ekukhiqizeni izihlabani eminyakeni edlule.

1 min  |

June 13, 2025

Isolezwe

UCele 'uvuma' ekaBroos ngabadlali beKaizer Chiefs

NJINI yeKaizer Chiefs, uThabo Cele, iyasiqonda isizathu somqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, sokushiya ngaphandle abadlali baleli qembu laseNaturena.

1 min  |

June 13, 2025

Isolezwe

Silungile isithangami kodwa singagqibi ichilo lenkohlakalo

UMBONO kaMengameli Cyril Ramaphosa wokumema izingwevu nabahlonishwa bemikhakha eyahlukeke ekwakhiweni kwesithangami sokudingida ezithinta isimo sezwe ngemuva kweminyaka engu-30 kwafika umbuso wentando yabantu, yisinyathelo okumele sishayelwe ihlombe.

1 min  |

June 13, 2025

Isolezwe

Umlingisi uqokwe eminxeni emibili kowezindondo

UMLINGISI owaduma ngekaSlindile Ngwenya kwiMbewu noDetective Latha kuMkhokha: The Curse, uPortia Ncwane, ubonge uNkulunkulu eqokwa eminxeni emibili kumaSimon Sabela Film and TV Awards akulo nyaka.

1 min  |

June 13, 2025

Isolezwe

Ake ibhekwe indaba yokuhlukumezana kwabasemajele

MHLELI: Thina sonke zakhamizi zalapha eMzansi sivikelwa nguMthethosisekelo wezwe. UMthethosisekelo ukhonela khona ukuthi ungaphulwa ngokunjalo futhi kungabi bikho muntu ohlukumeza ilungelo lomunye ununtu.

1 min  |

June 13, 2025

Isolezwe

Siyawahalalisela amaBhele ngengomboco yawo

MHLELI: Sincoma iphephanda lakho elisithatha lisibeke oPhongolo, oNdini, oGwini, eMpendle nakwezinye izinkalo zezwe, siyabonga kakhulu. Muva nje bekubuthene abakwaQunta, Khuboni, Shabangu, Ntuli nezinye izindlu eziphuma emaBheleni. Besingekho kule ngomboco ebiseThekwini, kodwa iphepha lakho lisibikele konke obekwenzeka. Yingakho ngilibonga.

1 min  |

June 13, 2025

Isolezwe

Kubanjwe umoya kudlanga uhlobo olusha IweCovid

UBANJWE umoya ngokusabalala kohlobo olusha lobhubhane iCovid okuthiwa lusabalala ngamandla uma luqhathaniswa nezinye izinhlobo zaleli gciwane.

1 min  |

June 13, 2025

Isolezwe

AbeChiefs bashaya amakhala ngoTau 'ozidayisayo'

INGXENYE yabalandeli beKaizer Chiefs ikhombise izimpawu zokumchitha ngisho \"esezilethile\" kuleli qembu uPercy Tau, osematheni kulandela ukusho kwakhe esidlangalaleni iholo elingamenza aqalaze uma bemqhweba eNaturena.

1 min  |

June 13, 2025

Isolezwe

Kuzokhonjiswa umdlalo iSarafina ukukhumbula intsha yango-1976

UKUKHUMBUZA abantu bakuleli lizwe ukuthi intsha yango-1976, yabhekana nobunzima obungakanani ukulwa nemithetho yohulumeni wengcindezelo, isiteshi esizimele sethelevishini i-etv sizokhombisa umdlalo owaveza lokho ngokuphelele, iSarafina, isonto lonke, esiteshini sayo sobuchwepheshe i-eVod.

1 min  |

June 13, 2025

Isolezwe

Angikaze ngibe nezinseka kangaka nge-Comrades Marathon

KUSONA isizathu esibusisekile ukuthi angiyanga enkonzweni ngeSonto eledlule ngenxa yokuthi ngangishaye ihele nomndeni wami, cabanga, koPhayindane ngibukela umjaho wodumo iComrades Marathon.

2 min  |

June 13, 2025
Isolezwe

Isolezwe

Isexwayiso esinzima kwelika-AKA

YINHLOKO yamaJaji KwaZulu-Natal, iJaji uThoba Poyo-Dlwathi, ukhiphe isexwayiso esiqinile kubameli babamangalelwa kanjalo noMbuso ecaleni kokubulawa kowayengumculi, uKiernan \"AKA\" Forbes nomngani wakhe uTebello \"Tibz\" Motsoane.

1 min  |

June 13, 2025

Isolezwe

Ingenwe abafundi ngombhikisho eyezinkinga kwezemfundo

BADINWE ukuhamba kwezinsuku bengafundi futhi bengazibhali izivivinyo abafundi basezikoleni ezimbili zaseMakhonyeni, eJozini, abagcine betholana phezulu namaphoyisa ngoLwesithathu.

1 min  |

June 13, 2025

Isolezwe

AbeTheku bavuma induku ngokuhlulwa ezinkantolo ngezikweletu

UPHUMELE obala wavuma eyoxhaxha lwezikweletu okumele uzikhokhe ngenxa yokwehlulwa ezinkantolo uMasipala weTheku, obhekene ngeziqu zamehlo nezinkampani ezahlukene kubangwa inkokhelo.

1 min  |

June 13, 2025

Isolezwe

Kujame izinto kwezinye izikole eKZN zilinde imali esazofakwa

BATHENJISWE ukuthi izophela le nyanga isingenile imali yezinsiza ezikoleni, eyaziwa ngokuthi ama-norms and standards ezikoleni zaKwaZulu-Natal, njengoba uNdunankulu uMnuz Thami Ntuli, ezibophezele ukuthi uR900 million, odingekayo ukukhokhela lesi sikweletu sezikole, uhlwaywa kweminye iminyango esifundazweni.

1 min  |

June 13, 2025

Isolezwe

UMotale ubona iBucs isidinga ozoyinqobela eseligi yePremiership

WAYENGUKAPUTENI we-Orlando Pirates eminyakeni edlule, u-Edward \"Magents\" Motale, ukholwa wukuthi umqeqeshi ozothatha izintambo zokuqeqesha leli qembu ngesizini ezayo, uzoba nejoka lokuzakhela ugazi kubalandeli balo ngokulinqobela isicoco seligi yeBetway Premiership.

1 min  |

June 13, 2025

Isolezwe

IDowns ithembisa ukulidlisa utshani kwiFifa Club World Cup

NGISHO ngabe iMamelodi Sundowns izithola ibhekene nabuphi ubunzima kwiFifa Club World Cup kodwa leli qembu laseChloorkop, ngeke liyeke ukuhlikihla ibhola nokulibeka phansi ngoba lokhu yikhona elikwaziyo nokulifake kulo mqhudelwano.

1 min  |

June 13, 2025