Newspaper
Isolezwe
Isibuyele eMzumbe indodana kaMseleku abekhala ngayo
ISIVEZE ukuthi izobuyela ekhaya lakubo elikhulu elizeMzumbe, indodana endala kaMusa Mseleku, uMpumelelo, ngemuva kokuvela kwesiqephu esishiye abaningi bemangele ngendlela umuzi obukeka ngayo, njengoba kungasahlali muntu khona.
1 min |
February 24, 2026
Isolezwe
I-SABC ichitha amahlebezi ngokunyamalala kukaDJ Sbu
I-SABC ikuchithile ukuthi ukunyamalala komsakazi wohlelo lwasekuseni kwiRadio 2000, uSbusiso \"DJ Sbu\" Leope, kuhlangene nokuvela kwegama lakhe kwiKhomishini kaMadlanga.
1 min |
February 23, 2026
Isolezwe
Kunabangaphandle kwabangu-16 000 abahlala emigwaqweni e Thekwini
KUKHONA nabasemazweni angaphandle ezinkulungwaneni ezinenkani yesele, ezihlala emgwaqweni yasedolobheni eThekwini.
1 min |
February 23, 2026
Isolezwe
Kukhalwa ngowe-Big Brother Mzansi ogeza ekhishini
KUKHALWA ngesenzo sikaThandeka Tshabalala, sokugeza ubuso nokuxubha kusinki wokuwasha izitsha, ohlelweni i-Big Brother Mzansi okungaholela ekutheni abanye abasendlini bagule, ngokusho kukadokotela.
1 min |
February 23, 2026
Isolezwe
Uvalo ngabebephuza kuhlasela izikhukhula eNanda
THI seyakhuluma nezinhlaka zikahulumeni kwaze koma amathe, imindeni eyisishiyagalolunye yaseMzomusha, KwaBester, eNanda, ngomhosha ovele ugcwale amanzi, kumbozeke izindlu uma kuke kwana imvula enamandla.
2 min |
February 23, 2026
Isolezwe
Bakhathazekile kubulawa isaguga ebesiwusizo
UHLALELE ovalweni umphakathi waseMandeni kulandela ukubulawa ngesihluku kwesalukazi esineminyaka engu-75, uNkk Busisiwe Nokuthula MaMkhwanazi Ngema, okusolwa ukuthi ushaywe wagencwa esemzini wakhe.
1 min |
February 20, 2026
Isolezwe
Basematheni oMarawa noThando Thabethe bebonakala ndawonye
ZISEMATHENI izilomo zosaziwayo uRobert \"Madluphuthu\" Marawa noThando Thabethe ngezizathu ezingahlangene nomsebenzi ezaziwa ngawo.
1 min |
February 20, 2026
Isolezwe
Othisha kuthiwa badube ukufundisa bekhala ngamakhamera emakilasini
UPHAZAMISEKE uhlelo lokufunda nokufundisa esikoleni uMkhumbane Secondary, eMayville, eThekwini, ngenxa yesenzo sothisha abawu-20 bakulesi sikole abadube umsebenzi bekhala ngokufakwa kwamakhamera - okusolwa ukuthi afakwe wuthishanhloko wakulesi sikole emagunjini okufundela ukuze kuqine ezokuphepha.
1 min |
February 20, 2026
Isolezwe
Umlingisi uphika eyokuthandana nowayengumdlali webhola
UMLINGISI ophinde abe wumculi uNomcebo \"Dot\" Mthethwa usezikhahlele ngazo zombili izindaba zokuthi usothandweni oluvutha amalangabi ngowayengumgadli weKaizer Chiefs neSundowns, uKhama Billiat.
1 min |
February 19, 2026
Isolezwe
Kukhalwa ngesibhedlela
UMNDENI wowesifazane waseGlencoe, ukhomba ngenjumbane ubuholi besibhedlela iDundee Provincial, eDundee, ngobudedengu osola ukuthi buholele ekushoneni kwelungu lawo, uNkk Martha Mlangeni.
1 min |
February 19, 2026
Isolezwe
Owama-piano uxwayisa amantombazane ‘ngamaqili asemadolobheni’
UMCULI wama-piano okwabangaconsi phansi kule ndima, uNobantu Vilakazi usedalule ukuthi ukuzela impilo yasedolobheni ngobuso nokujaha izinto eziza kalula ngenye yezinto ezilimaza abantu besifazane, ikakhulu amantombazane asuke efika edolobheni.
1 min |
February 19, 2026
Isolezwe
UMakhadzi ululame ngaphambi kwesikhathi ebesilindelekile
ULULAME ngaphambi kwesikhathi abezitshela ukuthi uzolulama ngaso umculi uMakhadzi owalimala engozini yemoto ngoDisemba 31.
1 min |
February 18, 2026
Isolezwe
Ukulingisa indawo yoMfundisi sekushintshe impilo yowo Zalo
UKULINGISA indawo yokuba wumfundisi sekushintshe nempilo yomlingisi woZalo, uSimphiwe Majozi, othi usemenywa emasontweni futhi usesondelene noNkulunkulu.
1 min |
February 18, 2026
Isolezwe
Bavele babhocobala begixabezwa odilikajele abasoconga uthishanhloko
INKANTOLO eNkulu yaseMgungundlovu, izolo, ibagixabeze ngodilikajele abesilisa ababili abebethweswe wuMbuso icala lokusoconga uthishomkhulu wasesikoleni sase Hammarsdale, iSikhethuxolo High.
1 min |
February 18, 2026
Isolezwe
Liyathuthumela ikhansela elisinde lidutshulwa
LIYATHUTHUMELA ikhansela le-EFF kuMasipala waseNewcastle, uNksz Ayanda Mkhwanazi, elisinde lidutshulwa.
1 min |
February 18, 2026
Isolezwe
Ufuna ubulungiswa umaskanda ngendodana yakhe 'ebulawe abalamu'
UMCULI kamaskandi, iChwane Lebhaca, uthi ufuna ubulungiswa kuboshwe abalisa abashaye babulala indodana yakhe ngensimbi ekhanda, ngoba beyithole ihleli nodadewabo akade ineminyaka ithandana naye futhi benengane.
1 min |
February 18, 2026
Isolezwe
I-Uber ne-Bolt engcupheni yokungasebenzi kuleli
EZOKUTHUTHA ezidumile eNingizimu Afrika ezihlanganisa i-Uber ne-Bolt zingase zizithole sezigejana nomthetho njengoba sekushaywe imithetho emisha ukulawula izimoto ezikhokhelwa ngebanga ezilihambile.
1 min |
February 17, 2026
Isolezwe
Akayingeni eyokungcwaba uyise ongamondlanga
OWESILISA waseCopesville, eMgungundlovu, ushaya phansi ngonyawo uthi ngeke amngcwabe uyise ngoba akazange amondle futhi akazange amphathe kahle esadla anhlamvana.
2 min |
February 17, 2026
Isolezwe
Indida ngendodana ka-Ashley eyamaniswa noSweet Guluva
NTOKAZI yaseThekwini, eyazakhela igama ohlelweni iBig Brother Mzansi, u-Ashley Ogle, isiveze ukuthi ibingafuni ukulahlekelwa yimisebenzi eyenza nezinkampani ezahlukene, kungakho ikhethe ukufihla ukuthi izithwele.
1 min |
February 17, 2026
Isolezwe
Ikhululiwe imoto ebiqhwagwe abamatekisi ePhoenix
IMOTO esebenza ukuthutha abagibeli ikhokhelwe ngebanga elihambile ebiqhwagwe ePhoenix, eThekwini, ngoMgqibelo, igcine ibuyiselwe kumnikazi emuva kokungenelela komthetho
1 min |
February 17, 2026
Isolezwe
Osomahlaya baveze elinye ikhono kwi-Comedy Meets Gospel
OSOMAHLAYA baveze amanye amakhono kwi-Comedy Meets Gospel: A Decade of Laughter eSuncoast Casino (Tsogo Globe) eThekwini, ngoMgqibelo.
1 min |
February 16, 2026
Isolezwe
Kufufusa isiteleka sabasebenzi ngokunyuswa kwemali ye-medical aid
KUNUKA isiteleka sabasebenzi bahulumeni ngokunyuka kwemali ye-medical aid, yi-Government Employees Medical Scheme (GEMS), ngo9.8% ekuqaleni konyaka.
1 min |
February 16, 2026
Isolezwe
Uza ekhaya okokuqala uDoja Cat ngeGlobal Citizen Move Afrika
KUGCINENI, isilomo somculi wase-United States of America (USA), uDoja Cat, sizonyathela okokuqala ezweni loyisemkhulu kulandela ukumenyezelwa kwaso njengophambili kwabazonandisa emcimbini iGlobal Citizen Move Afrika eSunBet Arena, ePitoli, ngenyanga ezayo.
1 min |
February 16, 2026
Isolezwe
Iphoyisa lowe Theku livume elokubulala umkalo owayengummeli
OWAYEYIPHOYISA likaMasipala weTheku, uConstable Qiniso Sishi, utshele iNkantolo eNkulu yaseThekwini, ukuthi uyazisola ngokugwaza abulale umkakhe owayengummeli, uNkk Thandokuhle Sishi.
1 min |
February 13, 2026
Isolezwe
Umunyu kudutshulwa ngentululwane yezinhlamvu uMshumayeli
LUYINDABA egudwini kumalungu omphakathi waseHammarsdale, udaba lokudutshulwa ngoyaba lwezinhlamvu eziwu-15 kukaMshumayeli webandla lamaWeseli elikhona kule ndawo
1 min |
February 13, 2026
Isolezwe
UMfana Kah Gogo ukhala ngenkampani abeqopha kuyo
UMCULI waseThekwini, uMfana Kah Gogo, uphumele obala ngokungaboni ngaso linye nenkampani abeqopha kuyo kulandela ukuphuma kwe-albhamu athi akayigunyazanga.
1 min |
February 12, 2026
Isolezwe
Iyaziqhenya ngokuhlonishwa ngesikhungo sezemidlalo indodakazi yowoSuthu
UKHUTHAZA intsha emnyama efunda ezikoleni ezixube izinhlanga ukuthi ingazibambezeli yenze konke engakwenza, ibonakale ezintweni ezihlukene zokuzijabulisa esikoleni uNksz Sinenjabulo Zungu, osanda kuhlonishwa ngesikhungo sezemidlalo yisikole iSt Mary's, eseKloof, eThekwini.
1 min |
February 12, 2026
Isolezwe
Kusolwa iphoyisa ngokunyamalala kongaphilile ekhanda
UMNDENI wakwaMdletshe, eManguzi, usola iphoyisa lasendaweni ngokunyamalala kwendodana yawo engaphile kahle ekhanda osekuzophela unyaka manje yaduka.
1 min |
February 12, 2026
Isolezwe
Luyashuba olwamadodana abanga isihlalo sobukhosi
ASOLANA ngezinsolo ezibucayi amadodana abhekene ngeziqu zamehlo kubangwa isihlalo sobukhosi baKwaNodunga, eMvoti.
1 min |
February 11, 2026
Isolezwe
Ukuphela kwamathikithi kukhuthaze uMzukulu emjikelezweni we-albhamu
UKUTHATHA njengesikhuthazi esimnika umfutho wokusebenza ngokuzikhandla ukuze azuze okungaphezulu ukuthakaselwa komculo wakhe uMzukulu ocula umaskandi
1 min |