Newspaper
Isolezwe
UDJ Sbu uyachaza kuvela igama lakhe kwiKhomisini kaMadlanga ngezinsolo ezimbi
USAZIWAYO ongusomabhizinisi, uSbusiso \"DJ Sbu\" Leope WeNkosi uchitha izinsolo ezimyamanisa nenkohlakalo kuMasipala waseKurhuleni ezenziwe yinhloko yezomthetho emisiwe kulo masipala, u-Advocate Kemi Behari, ngesikhathi yethula ubufakazi kwiKhomishini kaMadlanga ngoMsombuluko.
1 min |
February 11, 2026
Isolezwe
Bakhala ngamaphoyisa ahlulwa yimilutha yewunga aphendukele kubo
BAKHALA ngamaphoyisa kaMasipala weTheku, akhishwa inkani yimilutha yewunga, bese ezokhiphela kubo isibhongo, abadayisa emigwaqweni esenkabeni yedolobha nakwezinye izindawo.
1 min |
February 11, 2026
Isolezwe
Ikhwelo ngokusheshiswa kohlelo lokufundwa kwezifundo ezintsha ema-TVET
BAHLABE ikhwelo eMnyangweni weMfundo ePhakeme nokuQeqesha, ukuthi usheshise izinhlelo zokuqalwa kwezifundo ezintsha, emakolishi amaTechnical and Vocational Education and Training (TVET).
1 min |
February 10, 2026
Isolezwe
Izitshudeni zibhikishele 'ubhuti omdala weDelangokubona'
ZITHUKUTHELE maqede zabhikisha izolo ngaphandle kwesikhungo semfundo ephakeme, iCoastal KZN TVET College, kwa-V, eMlaza, izitshudeni ezinqaba ukuhlaliswa ezindaweni ezingazifuni.
1 min |
February 10, 2026
Isolezwe
Usaba ukubulawa ongase avume icala lokudubula uDJ Warras
UKHALE ngokusaba ukubulawa ejele ngesikhathi evele eNkantolo yeMantshi eGoli, izolo, umsolwa wesibili okuthiwa angase avume icala lokubulala uDJ Warras ngoDisemba.
1 min |
February 10, 2026
Isolezwe
Asibhalisiwe isikhungo okushonele kuso owezidakamizwa: uMnyango
UMNYANGO wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZuluNatal, uthi isikhungo sokuhlunyeleliswa kwezimilo esizinze eRichmond, iDiscipline Boot Camp SA, lapho okushone khona owesilisa oneminyaka engu-23, kasibhalisiwe ngaphansi komthetho i-Prevention of and Treatment for Substance Abuse Act (Act No. 70 of 2008).
1 min |
February 09, 2026
Isolezwe
UBlack Coffee nohlelo lokusiza abafundi abanenkinga yamehlo
SEKUNGENELELE inkakha kaDJ ehlonishwa umhlaba wonke, uBlack Coffee, ukusiza izingane ezinenkinga yamehlo ezisafunda isikole ngokuzihlola aphinde aziphe izibuko mahhala
1 min |
February 09, 2026
Isolezwe
Umaskanda ududuza abengozi eyabulala abafundi
ISIGAMEKO sokudlula emhlabeni kwezingane ezingu-14 engozini yemoto zisendleleni eya esikoleni eVanderbijlpark, sithinte ingwazi kamaskandi, uThokozani \"Somnandi\" Langa, yakhetha ukugubha usuku lwayo lokuzalwa namuhla ngokukhipha ingoma eduduza imindeni.
1 min |
February 09, 2026
Isolezwe
Amaphoyisa avuma 'eyokuhlulwa amaphara' eThekwini
AMAPHOYISA kaMasipala weTheku ayavuma ukuthi ukuvimbela abangenamakhaya nabasebenzisa izidakamizwa ukuthi bahlangane benze ubugebengu obuhlukene emgwaqweni u-Che Guevara, eduze nothelawayeka u-M4, enkabeni yedolobha, yimpi angakayinqobi.
1 min |
February 06, 2026
Isolezwe
Basabheke izimpendulo ngowaduka kubo kamkhwenyana ngo-2018
USAKHALELA izimpendulo kanjalo nobulungiswa umndeni wowesifazane waseKuphumeleleni, KwaSanti, okuthiwa wahamba ekhaya ngoDisemba 2018, evakashela umkhwenyana, wangaphinde wabuya.
2 min |
February 06, 2026
Isolezwe
Umlingisi ovelele uqwashisa abesifazane ngamakhemikhali okuzicwala
UMLINGISI, uGail Mabalane, useveze ukuthi abesifazane kumele bazame ukwehlisa ukusebenzisa amakhemikhali ezintweni ezihlukene abazisebenzisa emizimbeni yabo.
1 min |
February 06, 2026
Isolezwe
Usexolisile uNonku ngokungasikhokhi isikweletu semali yomngani wakhe
USEXOLISILE ngokungayikhokhi imali engaziwa isamba sayo namanje uNonku Williams ozakhele igama ohlelweni iThe Real Housewives of Durban.
1 min |
February 06, 2026
Isolezwe
UKhuzani ufihle induku emqubeni ngomcimbi waseCarnival City
K ULINDELEKE ukuthi zibe ziningi izinto azojabulisa ngazo abalandeli bakhe umculi kamaskandi uKhuzani Mpungose, emcimbini walo nyaka ozobanjwa isibili iBlue Nation Festival, ezophinde ibanjelwe eCarnival City, ngoMeyi 2.
1 min |
February 05, 2026
Isolezwe
Banqatshelwe ukungcwaba epulazini
IYIME emthumeni emndenini waseBergville, othi unqatshelwa wumlungu wepulazi abahlala kulona iDelta ukuba ungcwabe.
1 min |
February 05, 2026
Isolezwe
Isendlalelo seCape Town Jazz ngedili e-UKZN
NGAPHAMBI kokucula kwiCape Town International Jazz Festival (CTIJF) ngoMashi, umshayi wopiyano futhi ongumqambi wezingoma uSibusiso Mash Mashiloane ubuyela esiteji nabaculi bakhe asebenesikhathi eside beyibambile, uDalisu Ndlazi (webhesi) noRiley Giandhari (wama-drum) abazocula njengeMash Trio eNyuvesi yaKwaZulu-Natal (UKZN) ngoFebhuwari 18 ngo-6.30
1 min |
February 05, 2026
Isolezwe
Zinqunyelwe okatiki izinkabi eziboshwe nenkosi
BEKUZISHUBELE enkantolo izinkabi eziboshwe neNkosi Simphiwe Erick Zuma ecaleni lokubulawa kwekhansela le-DA kuMasipala waseMngeni, uMnuz Nhlalayenza Ndlovu, ngesikhathi zivele ngelinye icala lokuqotha abantu abangu-10.
1 min |
February 05, 2026
Isolezwe
Kugxekwe uBravo B no-Ashay ngokuziqoka kwi-Big Brother
BADINWE bayaveva ezinkundleni zokuxhumana abanye babalandeli bohlelo i-Big Brother Mzansi, njengoba ngoMsombuluko, izinsizwa zaKwaZulu-Natal, zenze obekungalindelekile ziziqoka zona ukuthi zikhishwe uma zithola amavoti amancane.
1 min |
February 04, 2026
Isolezwe
ISilo asisazifuni izimayini KwaZulu-Natal
ISILO uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini asisafune mayini ezokumba umhlaba KwaZulu-Natal.
1 min |
February 04, 2026
Isolezwe
Uvalo kubulawa izihlobo kade kusongiwe
SITHUKA izanya isihlobo sababili okuthiwa babulawe ngesihluku ngabantu abangaziwa eMabedlana, KwaNyuswa, eHillcrest, ngeSonto.
1 min |
February 03, 2026
Isolezwe
Impikiswano ngomsolwa wesibili kwelikaDJ Warras
KUQUBUKE imvunge ngesikhathi kuvela okokuqala eNkantolo yeMantshi yaseGoli, izolo, umsolwa wesibili ecaleni lokubulawa kukaDJ Warras odutshulwe ngoDisemba.
1 min |
February 03, 2026
Isolezwe
Kucasuke abaseNigeria uTyla ewina kumaGrammy
BATHUKUTHELE bathelwa ngamanzi abantu baseNigeria nabalandeli bomculi wakuleliya zwe ngokuwina kukaTyla indondo yeBest African Music Performance kumaGrammy Awards emcimbini obuseLos Angeles, e-United States of America (USA) ngeSonto ebusuku.
1 min |
February 03, 2026
Isolezwe
Kuvela nephoyisa kwabalimale kabi kwebiwa imfuyo
KHULUNYELWA emakhoneni eZwelisha, eBergville, eyephoyisa elisinde ngokulambisa nesihlobo salo kade bedutshulwa ngemuva kokuba bebhadanywe egcekeni kusolwa ukuthi bebekade bezama ukweba izimbuzi.
1 min |
February 03, 2026
Isolezwe
Ufongqe isigqoko kumculi owePiano Pulse
UFONGQE isigqoko waxolisa omunye wabethuli bohlelo lwe YouTube, iPiano Pulse, \"ngokugxeka\" umculi wamapiano uThatohatsi ngomzimba wakhe.
1 min |
January 21, 2026
Isolezwe
Kuboshwe abanye ngokubulawa kobesolwa ngokushendeza inkosikazi kamakhelwane
KULINDELEKE ukuthi bavele namuhla eNkantolo yeMantshi yasePinetown abasolwa ababili abebengakaboshwa ecaleni lokubulawa kowesilisa waseCoffee Farm, KwaNdengezi.
1 min |
January 21, 2026
Isolezwe
Kusuke umsindo kudlalelwa abafundi ingoma yocansi
KUSHUBILE ezinkundleni zokuxhumana kugadlana inkakha yomculi wamapiano, uLindelihle \"Leehleza\" Sukazi nophrojusa wodumo uNhlamulo \"Nota\" Baloyi.
1 min |
January 21, 2026
Isolezwe
'Akulungile ukufakwa kwi Facebook kwababanjwa beshayela bephuzile'
ISHAYA amakhala isazi sezomthetho, uMnuz Mpumelelo Zikalala, ngalabo ebebebanjwa benza okungafanele emigwaqweni bese bethwetshulwa izithombe nama-video okuphanyekwe ezinkundleni zokuxhumana wuMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal.
1 min |
January 21, 2026
Isolezwe
Angikawuthathi umhlalaphansi: Zweli Mkhize
\"ANGIKAWUTHATHI umhlalaphansi, okufunwa ngabantu ngisengakwenza
2 min |
January 21, 2026
Isolezwe
Usizi umndeni ubhubha engozini usendleleni uyojabula
KUBE wusizi emndenini wakwaMnyango eCinci, eMfolozi, injabulo yokuthi kuzoba nomcimbi omncane ekhaya, iphenduka imvula yezinyembezi njengoba kubhubhe izihlobo eziyisithupha engozini yomgwaqo.
1 min |
February 02, 2026
Isolezwe
Udilikajele kowadlwengula unina emsola ngokumhleba
OWESILISA oneminyaka engu-32 ugwetshwe udilakajele eNkantolo yesiFunda eNgwelezane, ngeledlule, emva kokulahlwa yicala lokushaya nokudlwengula unina omzala-i.
1 min |
February 02, 2026
Isolezwe
UNaledi nelinye icwecwe noMawelele
INTOKAZI yaseNanda, eThekwini, uNaledi Aphiwe, isiveze ukuthi ibinesifiso sokuthi yenze i-albhamu ephelele noMawelele kodwa ukungabi nesikhathi sokuthi benze lo msebenzi ngonyaka odlule, kuphoqe ukuthi bagcine benze izingoma ezine kuphela ngokuhlanganyela.
1 min |