Newspaper
Isolezwe
Uthembise ukuxazulula eyokuphuza ukukhokhelwa kosonkontileka
UTHEMBISE ukulwa nenkinga yokungakhokhelwa ngesikhathi kosonkontileka KwaZuluNatal uMphathiswa wezemiSebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda, uMnuz Martin Meyer.
1 min |
June 10, 2025
Isolezwe
UMthembu nenselelo kwabaseKZN ngeComrades Marathon
OYINSEPHE yamabanga amade yaKwaZulu-Natal, uBongumusa Mthembu, usephonsele inselelo bonke abathintekayo ekuphathweni kwezokugijima esifundazweni ngokubhukula kutholakale isisombuluko sokuqeda ukushaya into ephansi kwabagijimi bakulesi sifundazwe emjahweni iComrades Marathon.
1 min |
June 10, 2025
Isolezwe
AboZalo bazoke bahluthane ngequpha
IZILOMO zomdlalo wethelevishini oyintandokazi kuleli, Uzalo, zizoke zishiye eceleni ukulingisa, zixovane ngequpha okwangempela ukuze kuphele inkani yomlomo ngoJuni 28.
1 min |
June 10, 2025

Isolezwe
Ithemba emndenini kaMagaqa inkabi icula amagama abathintekayo
USANEMINJUNJU futhi usathunukala izilonda unina kaMnuz Sindiso Magaqa, uNkk Khethiwe Magaqa, ngendlela okwabulawa ngayo indodana yakhe njengoba ethi uNkulunkulu kuphela owaziyo ukuthi kungani kwahlanganiswa uzungu lokubulawa kwayo.
2 min |
June 10, 2025

Isolezwe
Sikhathele amakhomishini afana nezinja ezingenamazinyo
MHLELI: Kubukeka sengathi ukusungulwa kwamakhomishini ophenyo ezweni kusetshenziswa njengedamu abanye abathi yithithi - lokhu kokukhohlisa ingane encane nxa ikhala.
2 min |
June 10, 2025
Isolezwe
Isexwayiso ngesimo sezulu esibi KwaZulu-Natal
AMI ngomumo amathimba aqaphe izinhlekelele ngenxa yesimo sezulu esingesihle KwaZuluNatal, njengoba kukhishwe isexwayiso ngalesi simo njengoba kwezinye izindawo liyidliva, kanti kwezinye likhithikile.
1 min |
June 10, 2025
Isolezwe
Uphenyo ngowayesebenza kwaSassa oboshelwe 'ukuholela izipoki'
BAZOKWENZA olwabo uphenyo Iwangaphakathi abeSouth African Social Security Agency (Sassa), ngowesifazane owayeyisisebenzi sabo, obanjwe nenqwaba yamakhadi okuthiwa ubehola ngawo izibonelelo zikahulumeni ngokungemthetho.
1 min |
June 10, 2025

Isolezwe
Kuqhakanjiswe ukuziphatha kahle kwezintombi kokaNomkhubulwane
ZILULEKWE ngendlela yokuziphatha izintombi ebezihambele uMkhosi kaNomkhubulwane ngempelasonto KwaSokhulu, kweseNkosi u-B Mthiyane njengoba kulungiselelwa noMkhosi woMhlanga ongoSepthemba, esigodlweni saseNyokeni KwaNongoma.
1 min |
June 10, 2025
Isolezwe
I-UCT nocwaningo lokulwa nenkinga yokuhlaselwa kobhejane
I-UNIVERSITY of Cape Town (UCT) isishicilele izethulo zocwaningo lwayo esanda kulenza ngenhloso yokulwa nenkinga yokubulawa kobhejane ngenhloso yokuhweba ngezimpondo zabo.
1 min |
June 10, 2025
Isolezwe
Ubuhlungu obuphindiwe umndeni 'unyukunywa' yinduna ushonelwe
UZWE ubuhlungu obuphindaphindwe kaningi umndeni ohanjelwe yisihlobo engozini yomgwaqo, \"uhlukunyezwa\" yinduna yesigodi saseWome, eMthandeni, KwaMaphumulo.
1 min |
June 10, 2025

Isolezwe
Kukhalwe ngezipoki zabasebenzi abaxebula umkhoma kuhulumeni
KUKHALWE ngama-consultant asetshenziswa komasipala ekubeni kusuke kunabasebenzi abaqashelwe ukwenza umsebenzi wokuqinisekisa ukuthi imali isebenza ngendlela.
1 min |
June 10, 2025

Isolezwe
ULady Zamar ucikwa ngabawaka abahleli bemicimbi ngaye
INTOKAZI eyintandokazi emculweni we-pop kuleli, uYamkan \"Lady Zamar\" Banda, ithukuthele iyaveva emuva kokuthola ukuthi kunogalakajana abadla amandla ayo.
1 min |
June 10, 2025

Isolezwe
UNdamane ulobizela ithuba lokungena endizeni eya kwi-Afcon
UMDLALI wasemuva, uKhulumani \"Mtara\" Ndamane, ogijime okokuqala kwiBafana Bafana idlala ngokulingana ngo 0-0 neTanzania kowobungani, uthembisa ukusebenza ngokuphindiwe uma ethola elinye ithuba ngenhloso yokuthatha amehlo omqeqeshi uHugo Broos ukuze angamkhohlwa nxa sekuyiwa kwi-Africa Cup of Nations (Afcon).
1 min |
June 10, 2025

Isolezwe
Kuyaphela ngomdlalo iSmoke & Mirrors
ITHEMBISA ukuwuvala ngegiya eliphezulu umdlalo iSmoke & Mirrors okhonjiswa kwi-e.tv phakathi nezinsuku ngo-9, ebusuku, inkampani iThe Final Chapter Production, njengoba lesi siteshi sesiveze ukuthi ngo-Ephreli ngonyaka ozayo, lo mdlalo uzofinyelela emaphethelweni.
1 min |
June 10, 2025

Isolezwe
Kuhlale kuyinto ekhethekile kimi ukunqoba iComrades: Steyn
UGERDA Steyn uveze ukuthi kuhlale kuyingqayizivele kuyena ukunqoba iComrades Marathon okube ngesifanayo nakulo nyaka njengoba esivikele ngempumelelo isicoco sakhe salo mjaho kwehlikwa kusukwa eMgungundlovu kuphelelwa eThekwini, ngeSonto.
1 min |
June 10, 2025

Isolezwe
OweBafana uzogcina isethembiso ngesikimu kubadlali
SIZOBA nomuzwa wokujwayeleka isikimu seBafana Bafana esizoqala umdlalo wobungani neMozambique kulandela ukuthembisa kukaHugo Broos, owumqeqeshi waleli qembu lesizwe elizicijela ukuqhubeka nemidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026, e-United States of America (USA), Mexico naseCanada.
1 min |
June 10, 2025
Isolezwe
Kufe abathathu kuphahlazeka ibhanoyi elincane
UZWAKALISE ukudabuka uMphathiswa woMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma, kutholwa abathathu abafe engozini yebhanoyi elincane izolo.
1 min |
June 10, 2025

Isolezwe
UWilliams uhlohle abeSundowns ngokuzephula e-USA
UBUHLUNGU benhliziyo kwabeMamelodi yokuphuthelwa kwayo yithuba lokudla isicoco seCaf Champions League emasontweni edlule, kufanele babusebenzise ukuzikhuthazela ukumela izwekazi njengesibani kwiFifa Club World Cup.
1 min |
June 10, 2025
Isolezwe
Ukulahleka kolwazi kwenza abantu badlale abakhohlisi abafuna imali
SESIKE sakhuluma ngendaba yokungeniswa kwabantu abadala ekhaya kuyona le ngosi, kodwa ngokuthi kunabantu okulokhu kudlalwa ngabo kuthiwa bafakelwe abantu abadala abathandazi, izinyanga nabelaphi sesithi ake siluphinde futhi ukuze abantu bakithi bayiqonde indaba yokungenisa abantu abadala nokubika umuzi.
3 min |
June 10, 2025
Isolezwe
Owodumo kwiSibaya uveza okumnyamalalise kwiTV
USPHELELE Mzimela obenguKentucky kwiSibaya noMazaza kuZalo, usedalule okumenze wanyamalala kwithelevishini kulezi zinsuku.
1 min |
June 10, 2025

Isolezwe
Amazwibela ama-Soapies
Ngo-8.30 ebusuku, kwi-SABC1 ISINQUMO sikaHawu sokushiya I'nsizwa simholela ekutheni aphathwe njengenkosi. USipho uqhamuka nendlela engcono yokushintsha ibhizinisi lamatekisi.
2 min |
June 09, 2025

Isolezwe
Umvuzo wokusebenza ngokuzikhandla ephoyiseni lecala lowabulawa wumphathi
KUBE wumzuzu omnandi ngendlela engachazeki ephoyiseni lasesiteshini iGreenwood Park, eThekwini, ngoLwesihlanu, ngesikhathi likhala lemuka nonyanyavu lwemoto, emcimbini obuseDurban ICC, wokuklonyeliswa kwamaphoyisa asebenze ngokuzikhandla onyakenimali u-2024/2025 KwaZulu-Natal.
1 min |
June 09, 2025
Isolezwe
UBroos ukhuza ihaba ngenjejane yaseMzansi
UMQEQESHI weBafana Bafana, uHugo Broos, ujabule ngokuvumbuka kwenqwaba yabadlali abavunywa yiminyaka ngesikhathi esisodwa kodwa akaboni sekufanele adume nabo, ahlakaze inqanawe yesikwati aseyibumbe iminyaka.
1 min |
June 09, 2025

Isolezwe
Ingwadla ngesibalo esiphezulu sabesifazane abangasebenzi
\"ININGIZIMU Afrika ihlezi phezu kwebhomu elingaqhuma noma yinini lengwadla yokuntuleka kwemisebenzi, ikakhulukazi kubantu besifazane.
1 min |
June 09, 2025
Isolezwe
Kungani impilo iqhubeka sengathi akonakele kwiNPA?
UPHIKO lwezokuShushiswa koMphakathi (NPA) lusanda kuphumela obala ngokuthi, ngosizo loMnyango wezoBulungiswa, selulungele ukuyisa ezinkantolo ababhekene nezinsolo ezibucayi ezavela ngesikhathi seKhomishini kaZondo.
1 min |
June 09, 2025

Isolezwe
Ubonge uNkulunkulu u-Alex Mthiyane kuphela iminyaka esakaza
UBONGE uNkulunkulu nabasakazi abadala athi eminyakeni ewu-30 esendimeni yokusakaza bakhathule ingxenye enkulu u-Alex Mthiyane, oyisikhulu esiphezulu emikhakheni ehlukene emsakazweni Igagasi FM.
1 min |
June 09, 2025

Isolezwe
Bakhiphe ipolitiki ekubulaweni kowe-IFP
UMengameli we-IFP uMnuz Velenkosini Hlabisa, uthe kubuhlungu ukwazi ukuthi umbulali ubaphuce umuntu ofana nalona.
1 min |
June 09, 2025
Isolezwe
Uncome iKZN ngokuyisingatha ngempumelelo iComrades Marathon
UNDUNANKULU wesifundazwe iKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uncome isifundazwe ngokubamba ngempumelelo umjaho iComrades Marathon izolo.
1 min |
June 09, 2025
Isolezwe
Izithenjwa zinqaba ukuvuselela izinkontileka kuMaZulu
ZIMAPEKETWANE izinto kuMaZulu okuvela ukuthi ashiywa yinqwaba yabadlali abanamava okuthiwa bayenqaba ukuvuselela izinkontileka ngenxa yemiholo engagculisi.
1 min |
June 09, 2025
Isolezwe
UDijana unqobe 'amadimoni' anyakenye edla ubhedu kwiComrades
KUMJABULISILE ukubuya azolungisa amadimoni akhe angonyaka odlule uTete Dijana odle umhlanganiso emjahweni iComrades Marathon yebanga lika-89.98 km osuke eMgungundlovu waphelela ePeople's Park, eThekwini, izolo.
1 min |