Newspaper
Isolezwe
lyaqonga ingcindezi ebhekene nonggongqoshe 'owadelela ePhalamende'
ZIYAMSHUBELA izinto uNgqongqoshe weMfundo ePhakeme, uDkt Nobuhle Nkabane, njengoba iPhalamende selimbekele umnqamulajuqu wokuthi adalule bonke abantu ababeyingxenye yethimba elalimluleka ngokuqokwa kosihlalo bamabhodi ama-Sector Education and Training Authorities (SETAs).
1 min |
June 24, 2025

Isolezwe
IChiefs ingakwazi ukuwina izindebe ezinkulu - Cele
ABADLALI beKaizer Chiefs abafuni ukuzixaka ngekusasa lomqeqeshi, uNasreddine Nabi, okungakacaci ngaye.
1 min |
June 24, 2025
Isolezwe
ULwah uncome ikhono likaMawhoo engomeni abasanda kuyenza bobabili
UNCOME intokazi yaseShowe, uMawhoo, umculi uLwah Ndlunkulu athe ibe nokuzinikela ngesikhathi benza nayo ingoma yakhe etsha ethi, uNembeza.
1 min |
June 24, 2025
Isolezwe
Owodumo loMkhokha ubalisa ngokweswela umsebenzi
YIZE inkakha yomlingisi, uDelisile Malinga, izakhele ugazi ngokulingisa indawo kaThenjiwe MaMzobe Gumede kuMkhokha: The Curse kodwa sekuphele izinyanga eziyisishiyagalolunye ingalingisi ndawo. Nakuba kunjalo, uDelisile oseneminyaka eminingi eyibambile insimbi ishisa kulo mkhakha, uthe akakhathazekile kangako ngoba usekujwayele lokhu.
1 min |
June 24, 2025
Isolezwe
Bakhala ngokuba yinhlekisa odokotela abangatohozi eKZN
BAKHALA ngokuphenduka inhlekisa emphakathini odokotela baKwaZulu-Natal, ababhuquza emakhaya neziqu zeminyaka eyisishiyagalolunye.
1 min |
June 24, 2025
Isolezwe
Izinkunzi zaseSouth America zishintshe unyawo kowe FIFA
AMAQEMBU aseSouth America afike kwiFifa Club World Cup eqhubeka e-United States of America (USA) kungathi adudene ngokuyigqiba unomphela inkolelo yokuthi unobhutshuzwayo wase-Europe yiwona \"ongcwele\" kunowamanye amawekazi omhlaba.
1 min |
June 24, 2025

Isolezwe
Kuxwayiswa abalandeli bePirates ngomqeqeshi omusha
SILOMO sakudala se-Orlando Pirates, uLucky Lekgwathi, sikhuze umkhuba wabalandeli wokubuka ngeso abaqeqeshi bese bebaqamba amagama angemahle njengoba benza kuJose Riveiro owayebizwa ngo-plumber ngesikhathi efika eMzansi, ngo-2022, kodwa wahamba esebalwa nabayohlala besemlandweni weZimnyama.
1 min |
June 24, 2025
Isolezwe
Kuphangwa umdaka linile yini ngebhola?
ITSHE lemali elichonywe njengobhedu emqhudelwaneni wamaqembu amazwe ngamazwe, iFifa Club World Cup, eqhubeka njengamanje eMelika, liconsisa amathe.
1 min |
June 24, 2025
Isolezwe
Ngihalalisela umfo kaMabizela ngokushaya into ecokeme kumaskandi
MHLELI: Ngiyazithoba kuwe ngiyakucela ukuba ungiphe nami isiqeshana kwelakho elingathathi hlangothi ungivumele ngendlulise nakhu ukuncoma kwami okubheke ensizweni yaseMnambithi kwaMabizela ecula umaskandi uMenzi Mabizela.
1 min |
June 24, 2025
Isolezwe
Inhlansi yethemba kolwamanzi abeSouth32 befaka isandla
KULOKOZA inhlansi yethemba ngodaba lwamanzi ahlanzekile emphakathini waseMbhongampisi, ku-ward 4 eMfolozi, abeSouth32 Hillside Aluminium ngokubambisana nomasipala wakule ndawo, bephendula isoyi le-projekthi yamanzi ngoLwesithathu olwedlule.
1 min |
June 24, 2025
Isolezwe
UDJ Merlon ujabulela ukuhlonishwa ngamagalelo ekufukuleni abanye
UDJ odabuka eMbumbulu kodwa osehambela amazwe omhlaba ngomsebenzi wakhe, uMerlon ujabulela ukubonakala kweqhaza lakhe ekufukuleni amaciko aseThekwini.
1 min |
June 24, 2025
Isolezwe
Ubengayilindele indondo ayitholile oweMushroom Lounge
UMNIKAZI wendawo yokudlela iMushroom Lounge enedumela eMhlanga, eThekwini, uMnuz Sibongiseni Mageza Mbambo, uthe akakholwanga bethola indondo yeBest Durban Restaurant Award, emcimbini weDurban Tourism Business Awards muva nje.
1 min |
June 24, 2025

Isolezwe
UWilliams akafuni bagxile emaphutheni oweDortmund
AKASIBONI isidingo sokugxila emaphutheni abawenze ngabodwana, uRonwen Williams, weMamelodi Sundowns, kunalokho uzishaya isifuba ngokungagudluki kwisikompilo lokugcina ibhola kwaleli qembu laseChloorkop ngisho selilandela ngembudlu kwiBorussia Dortmund yaseGermany.
1 min |
June 23, 2025
Isolezwe
Omasipala abaxhase imicimbi yasekhaya
MHLELI: Noma ngabe ubusugoqa kodwa ngicela ukumpintsha ngasemnyango, nakhu konakala sibhekile.
1 min |
June 23, 2025

Isolezwe
Kungase kushintshe ukudla epuletini ngezintombi zomhlangano kwaShembe
KUNGASE kube nezinguquko ezinhlelweni Kezinhleleni zomhlangano. yonke webandla lakwaShembe ohlangothini lwaseBuhleni oluholwa Inkosi uMduduzi \"Unyazilwezulu\" Shembe. Lokhu kulandela ukuthi uhlangothi lwaseThembezinhle oluholwa yiNkosi Phinda \"Ukukhanyakwelanga\" Shembe, luthenge indawo iNtanda, eNdwedwe, ebisetshenziswa yizintombi zaseBuhleni ukukha izintingo eziyiswa kuNyazi eBuhleni, uma kuqala umhlangano kaJulayi.
1 min |
June 23, 2025
Isolezwe
Ubuholi obusha kwi-ANC ezifundeni zaKwaZulu-Natal
IZOBA nobuholi obusha i-ANC kuzona zonke izifunda zaKwaZulu-Natal, okubalwa kuzo nezifunda ezinkulu iTheku neMoses Mabhida.
1 min |
June 23, 2025
Isolezwe
Amazwibela ama-soapie
INIMBA Ngo-9 ebusuku, kuMzansi Magic ULIKAMVA noQhawe babuza uHlathi ngokuthi kwenzakalani kodwa abatholi mpendulo. UZinhle akanazo izinhlelo zokubuyela esikhungweni semfundo ephekeme futhi ungqubuzana nonina kakhulu. Kunokutatazela uma uThumeka enyamalala kulandela ukuthola okumphathe kabuhlungu. UQhawe ufuna usizo kuMawethu ukuthola unina. UThumeka uyavela futhi kubizwa umhlangano womndeni. Owesifazane uyenqaba ukwamukela ukwehlulwa futhi wenza konke ukubuyisa isoka lakhe. Ithimba likaKhusela lithola okuwuyena obelokhu elicekela phansi futhi liyashaqeka ukuthi ubani.
1 min |
June 23, 2025
Isolezwe
Kuphonselwe inselelo Ukhozi ngokuqasha abanye 'abanjengoSelby'
SISHOSHOVU sabathandana nobulili obufanayo nabaphila ngendlela ehlukile kunazalwa beyiyo, situse amagalelo kaSelbeyonce Mkhize kuKhozi FM futhi saphonsela inselelo lesi siteshi ukuba siqashe nabanye abafana njengaye.
1 min |
June 23, 2025
Isolezwe
Kuvela umbango wemali kumasosha aseKZN afe ngesihluku
MALI kuthiwa yiyona ebe wumsusa wengxabano kwaze kwagcina sekufa ngesihluku amasosha amabili aKwaZulu-Natal, ophiko lweSouth African National Defense Force (SANDF) enkambini yamasosha, iMacadamia Military, eduze kweKomatipoort, esifundazweni iMpumalanga.
1 min |
June 23, 2025

Isolezwe
Ngeke sijabule singakawuqedi umsebenzi: owe-Orbit
UMQEQESHI we-Orbit College, uPogiso Makhoye, uxwayisa abadlali bakhe ngokugajwa yinjabulo kuze kweqe kulandela ukuzibeka ethubeni lokukhuphukela esigabeni seBetway Premiership, ngemuva kokuguqisa iCasric Stars emdlalweni wamaPSL Promotion Play-Offs ngempelasonto.
1 min |
June 23, 2025
Isolezwe
Usuthu luhlabane ngobefunwa yinqwaba
NGEMUVA kokufaka amasondo inqwaba yabadlali, AmaZulu FC aseqalile ukugawula izinduku ezintsha azogadla ngazo ngesizini ezayo ka-2025/26, kulandela ukusayinisa isiphekepheke somdlali wasesiswini, uThapelo Matlhoko, osuka kwiKruger United edlala kwiMotsepe Foundation Championship.
1 min |
June 23, 2025
Isolezwe
Isitobha seSuperSport sicetshiswa ngokuchayisa iChiefs
U THABO September, owayengumqeqeshi weSuperSport United kwiDStv Diski Challenge, ucebisa isitobha saleli qembu, u-Ime Okon, ukuthi siwelele phesheya kwezilwandle esikhundleni sokusayina kwiKaizer Chiefs.
1 min |
June 23, 2025
Isolezwe
USelbeyonce usishaye kahle isidudla kwiGagasi
MHELI: Njengomlaleli wemisakazo emikhulu nemincane nozihluphayo ngomsakazi osakaza into ephusile, ngivumele ngibongele uLungisani Selby Mkhize okhuze ibuya esiteshini Igagasi FM ngemuva kokuthi wayefudukele oKhozini iminyaka eyevile kweshumi.
1 min |
June 23, 2025

Isolezwe
Bapheka bayathulula emdlalweni iGenerations
UMDLALO iGenerations: The Legacy okhonjiswa ngo-8 ebusuku kwiSABC1 phakathi nezinsuku, usumemezele izindaba zokuthi yize ujoyinwa abalingisi abasha kodwa abanye ababili abadala kulo mdlalo bayashiya.
1 min |
June 23, 2025
Isolezwe
UMpoto kwabazama inhlanhla kuMaZulu FC
UZAMA inhlanhla kuMaZulu obengunozinti weRoyal AM, uMondli Mpoto, ongomunye wabadlali abasale dengwane ngemuva kokushabalala kweThwihli Thwahla.
1 min |
June 23, 2025
Isolezwe
Inkosi yangakithi ayenzi kahle esizweni
MHLELI: Ngicela kungenelele umphathi wamakhosi naboMnyango wezokuBusa ngokuBambisana noBuholi boMdabu kulolu daba. Nalabo abezwelana nabahlukumezekile emhlabeni, kwabesilisa nabesifazane, mabangenelele. Ngingabakhohlwa nosopolitiki.
1 min |
June 23, 2025
Isolezwe
Izokwesulwa izinyembezi ngezindlu imindeni yabe-EFF ababhubhile
IZOKWESULWA izinyembezi ngokwakhelwa izindlu, imindeni yezishoshovu ze-EFF ezibhubhe engozini yebhasi neloli. Umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, uthembise ukwakhela imindeni eshonelwe izindlu ezisezingeni.
1 min |
June 23, 2025
Isolezwe
Bagwetshwe odilikajele neminyaka engu-187 ngawokubulala abemboni yamatekisi
IBAGIXABEZE ngenqwaba yodilikajele ngoLwesihlanu, iNkantolo eNkulu yaseThekwini, abesilisa abathathu abalahlwe amacala okubulala osomatekisi ezindaweni ezehlukene KwaZuluNatal.
1 min |
June 23, 2025
Isolezwe
Bafuna izivivinyo zika-matric zigaywe nguhulumeni ukwehlisa izindleko
UKUBIZA imali engafani kwezinkampani ezizimele ezinikwe umsebenzi wokugaya amaphepha ezivivinyo zika-matric ezifundazweni ezehlukene kuleli njengoba ezinye zibiza ngaphezu kuka-R500 million, sekwenza amalungu ePhalamende afuna lo msebenzi wenziwe nguhulumeni.
1 min |
June 23, 2025
Isolezwe
UShivambu ushiye kwabiwa izikhundla, kwahlomula obethembeke kuZuma
USALE zabiwa izikhundla obengunobhala jikelele weMK, uMnuz Floyd Shivambu, njengoba eshiywe ngaphandle emagameni abantu abazojutshwa yiqembu ePhalamende.
1 min |