Newspaper
Isolezwe
Ungubani uNgqongqoshe uMchunu, lo osenuka iqaqa?
MHLELI: Ngicela ungiphe isikhala kwelakho ngiphonse esivivaneni ngoMhlonishwa odumile kulezi zinsuku, uMacingwane.
1 min |
July 14, 2025
Isolezwe
OwePirates ubonge uKhoza esayina kwelaseSaudi Arabia
ZIMFUNDISO azithole kwi-Orlando Pirates yizona azozibeka phambili lapho eya khona uMohau Nkota osayine inkontileka ne-Al Ettifaq FC engelinye lamaqembu athathwa njengaphambili kwiPro League yaseSaudi Arabia.
1 min |
July 14, 2025
Isolezwe
Baphithene amakhanda ngesaguga esidukile
UKHATHAZEKILE umndeni wensizwa endala yaseMadibhini, oPhongolo, okuthiwa sekuphele amasonto amabili idukile.
1 min |
July 14, 2025
Isolezwe
ISilo nekhwelo lokuqedwa kwendlala sivunywa kwelamaNgisi
ISILO uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini siphonsele inselelo abaholi ukuba balwe nendlala ngesikhathi sihlonishwa ePhalamende lase-United Kingdom.
1 min |
July 14, 2025
Isolezwe
Ukubuyela enkundleni kukaSaleng kuyizindaba ezinhle
K UBUYISE ithemba ukuthi ngeke agcine ela elahlwe kanye nezibi umdlali oyintandokazi kubalandeli bebhola kuleli, uMonnapule Saleng.
1 min |
July 14, 2025
Isolezwe
Ayiphelile impi yamazwi kuZuma noShivambu
YAQHUBEKA impi yamazwi phakathi komholi weMK, uJacob Zuma, nobengunobhala jikelele weqembu, uMnuz Floyd Shivambu. UZuma noShivambu bagadlane ngamazwi ngesikhathi bekhuluma emicimbini ehlukene ebingempelasonto.
1 min |
July 14, 2025

Isolezwe
Kuphinde kwagiya uMulaudzi kowe-Absa Run Your City
YIZE ehlulekile ukwephula irekhodi lika-10km laseNingizimu Afrika kodwa uKabelo Mulaudzi ophinde wadla umhlanganiso kwi-Absa Run Your City Durban 10km, ujabule ngokunqoba lo mjaho ihlandla lesibili nonyaka.
1 min |
July 14, 2025
Isolezwe
Bashaya amakhala ngeyekhomishini ezophenya uMchunu
BATHIMULA bengabhemile abamaqembu ezombusazwe ngesinqumo sikaMengameli Cyril Ramaphosa, sokuqoka ikhomishini ezoholwa yijaji elizothatha umhlalaphansi elizophenya izinsolo ezenziwa nguKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Lucky Mkhwanazi, ngoNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Senzo Mchunu.UMkhwanazi wenza izinsolo ezishaqisayo okubalwa ukuthi uMchunu uphazamisa ukusebenza kwamaphoyisa.
1 min |
July 14, 2025

Isolezwe
U-Ellis ufuna okuhlukile kwabeBanyana kowe-Wafcon
UKUBA yiqembu elivikela isicoco se Women's Africa Cup of Nations (Wafcon) kweBanyana Banyana kwenza wonke amaqembu angena nayo enkundleni adlalele ukuzephula.
1 min |
July 14, 2025
Isolezwe
Ayibukwe ngeso elijulile eyomlilo ovumbuka ngoJulayi
MHLELI: Angiqale ngizwakalise ubuhlungu futhi ngikhalele umndeni wakwaShabalala, eZimpakaneni kwaDayeni, kwaNongoma, ohlaselwe wumlilo ongaqondakali kanjalo nelungu elidala futhi elihlonishwayo laseNdlunkulu uMntwana uPhilemon kaTshelendoda kaDinuzulu, kwaFihlinqindi, Osuthu, nalo elibhekene nesiga esifanayo nesakwaShabalala.
1 min |
July 14, 2025

Isolezwe
Uzohlaba ikhefu lesonto uMinnie ogxekwa ngokuziphatha kwiRHOD
UMSAKAZI weGagasi FM osematheni \"ngobubhoklolo\" nangokuhlokoloza ngomunwe ebusweni uLondie London ohlelweni iReal Housewives of Durban (RHOD), uzohlala isonto elilodwa ekhaya ngaphambi kokubuyela emsebenzini.
1 min |
July 14, 2025
Isolezwe
Amazwibela ama-Soapies
UZALO Ngo-8.30 ebusuku kwi-SABC1 IQHINGA likaHawu lokuboleka imali yamalobolo kaSizakele alihambi ngendlela ahlele ngayo. USipho uhlonipha isimemo sikababa wakhe ombizile ukuthi azodla nabo isidlo sasemini endlini kaNomarashiya. UPrince ufuna ukuqala umndeni omusha futhi ufuna uSipho abe yingxenye yawo. Isicelo sikaHawu sokuba nesithembu kubukeka ngathi sizofezeka. UMbatha useqala ukuba nokungabaza ngohambo lwakhe lokungena kwipolitiki. UMadlala uyadinwa uma uPrince eqhamuka ehamba noNomarashiya la esebenza khona. Indlela yokukhombisa uthando evezwa uHawu ayihambi ngendlela akade ehlele ngayo. UMzamo wenza kahle njengoba ekhiphe incwadi. UHawu (Bandile Maphalala) uthuswa imicabango anayo yokuthi angase alahlekelwe uSizakele.
2 min |
July 14, 2025
Isolezwe
Ithemba ngabezikhukhula umnyango uthenga ibhilidi
UMNYANGO wokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, usuthenge iMontclair Lodge okwakungeyakwaTransnet, eThekwini ukuze kuhlaliswe kuyo abakhahlanyezwa yizikhukhula.
1 min |
July 14, 2025
Isolezwe
UMaMkhize uthembise lukhulu ethatha iqembu laseSwatini
UZIMISELE ngokuqopha umlando Eswatini uShauwn \"MaMkhize\" Mkhize omenyezelwe njengomengameli omusha weMbabane Highlanders FC ngoMgqibelo.
1 min |
July 14, 2025
Isolezwe
Kunconywe amaBokke ngokukhuphula izinga ezitamuzela kwi-Italy
UHLABEKE umxhwele ngendlela iqembu elilungise ngayo amaphutha elawenza emdlalweni wokuqala ngesikhathi liqumba phansi i-Italy ngo 45-0 emdlalweni wesibili eNelson Mandela Bay Stadium eGqeberha, ngoMgqibelo ntambama, umdlali waphambili wamaBhokobhoko, uSalmaan Moerat.
1 min |
July 14, 2025
Isolezwe
Uncome iqhaza lonomehlo esizweni samaZulu
AKUSENSUKU zatshwala luqale uhlelo lokuholelwa konomehlo ngomsebenzi wabo omuhle abawenzela isizwe samaZulu.
1 min |
July 14, 2025

Isolezwe
Simthobe amanxeba isigwebo uyise womfundi owabulawa ngesihluku kodwa...
UBONGE ukusebenza ngokuzikhandla kwamaphoyisa kanjalo noMbuso uyise womfundi waseDurban Girls Secondary, owabulawa ngesihluku nyakenye, iNkantolo eNkulu yaseThekwini, idedela isigwebo esinzima kwabesilisa ababili abalahlwe yicala.
1 min |
July 14, 2025

Isolezwe
Kwelulekwa uSilva ngeqhinga lokuzifaka kwabeChiefs
MUNYE wabagadli bakudala beKaizer Chiefs, uMarks “Go Man Go” Maponyane, unike uFlavio Silva izeluleko ezimqoka ngezindlela zokugwema ukusindwa yijezi laleli qembu namaqhinga okusheshe azifake ezinhliziyweni zabalandeli abangeke bayeke ukumtinyela uma engayibhakuzisi inethi.
1 min |
July 14, 2025
Isolezwe
OwaseMphithi uyaziqhenya ngokulingisa kwi Thongo
VEZA ukuthi namanje ayikakholwa ukuthi ila ikhona ngempilo intokazi yaseMgungundlovu, uNoluthando Ngema, engomunye wabalingisi abaphambili emdlalweni Ithonga, okhonjiswa phakathi nezinsuku kuMzansi Magic ngo-8.30 ebusuku.
1 min |
July 14, 2025
Isolezwe
Kuxwayiswe abafundi abazobhala u-matric eKZN
KUHLATSHWE ikhwelo kubafundi abazobhala u-matric KwaZulu-Natal ukuthi basebenzise incwadi enamathiphu azobacija njengoba kusele izinyanga ezimbalwa baqale ukubhala izivivinyo.
1 min |
July 14, 2025
Isolezwe
UMkhwanazi ufanelwe ukwethweswa ungiyane ngokuhlokoloza izikhohlakali
MHLELI: Umfo kaNdonga, inkomo yomqholiso useyathe waqeda ingcabhayi yasalela kwabahlinzayo, ukucophelela ukungasisiki isikhumba nokuba kungabibikho nyama esalayo esikhumbeni.
1 min |
July 14, 2025
Isolezwe
UMchunu akageze igama lakhe enkantolo-ActionSA
I-ActionSA ifuna uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Senzo Mchunu nabanye anukwa nabo ebugebengwini bayogeza amagama abo enkantolo.
1 min |
July 11, 2025
Isolezwe
Bakhala ngohulumeni abezikhukhula abaphenduke ondingasithebeni
BAKHALA ngohulumeni abathi udlala ngabo abayizisulu zezikhukhula, abaphenduke ondingasithebeni bekhishelwa emnyango ehhotela ebebegobe kulo amadlangala iBayside eThekwini ngoLwesithathu ekuseni, balala emgwaqweni.
2 min |
July 11, 2025
Isolezwe
AmaJunior Boks avivela owandulela owamanqamu kowoMhlaba
UFUNA iqembu linyukele kwelinye izinga esigabeni somkhumulajezi kwi-World Rugby Under-20 Championship nakuba liyinqobe yonke imidlalo yalo yamaqoqo umdlali wamaBhokobhoko amancane, uThando Biyela.
1 min |
July 11, 2025
Isolezwe
UMzansi Magic uzogubha iminyaka ewu-15 ngesiteshi esisha
IMIDLALO eyaba nedumela esiteshini iMzansi Magic (161), okukhona kuyo Isibaya, Lockdown, Inkaba, Rockville neDate My Family, ikhuza ibuya esiteshini esisha esizoqala ukukhonjiswa kusasa njengoba lesi siteshi sigubha iminyaka engu-15 sasungulwa.
1 min |
July 11, 2025
Isolezwe
Sesishoda ngoboya njengoba izilwane sesizehlule ngobulwane ekuchitheni igazi
LABO gingqi esibahlinza nsuku zaphuma, izimpondo nezikhumba zabo ziyobuzwa ezinganeni zethu, thina sesaba mathambo amhlophe.
2 min |
July 11, 2025

Isolezwe
IChiefs ibambe umoya ngomdlali omusha
IZIKHULU zeKaizer Chiefs zibambe umoya ngokulunga kwamaphepha omdlali omusha, uSiphesihle Ndlovu, okuvela ukuthi uzanyelwa ukuthi ajoyine leli qembu eNetherlands, lapho lizicijela khona ukuqala kwesizini entsha yeBetway Premiership.
1 min |
July 11, 2025
Isolezwe
Sibhuqwa yindlala siyizinduna ngemali ebanjiwe
MHLELI: Kwelakho eliwela umfula ugcwele, ake likhuphuke lize lapha endaweni yangakithi, eXobho noma eHighflats. Nakhu sibhuqwabhuqwa yindlala. Ngicela kungenelele abahlonishwa, uNdunankulu wesifundazwe uMnuz Thami Ntuli, uMphathiswa wokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uMfu Thulasizwe
1 min |
July 11, 2025
Isolezwe
Owokholo uzoveza elinye ikhono kwithelevishini
ISIHLABANI emculweni wokholo uLebo Sekgobela, sizoveza elinye ikhono ebelingaziwa efilimini emfishane ezokhonjiswa kuMzansi Bioskop, ngoJulayi 20 ngo-7.30 ebusuku.
1 min |
July 11, 2025
Isolezwe
Umhlaba 'udabukela' iChelsea kwiPSG koweFifa
ISHE umhlaba wonke kwabalandela unobhutshuzwayo, kunomuzwa wokwesabela iChelsea FC yase-England kowamanqamu weFifa Club World Cup kwiParis Saint-Germain yaseFrance, kulandela ukubhubhudla kwayo kwasani olubekwe phambi kwayo kulo mqhudelwano osongwa ngeSonto.
1 min |