Facebook Pixel Okumqoka kubantu ukuthi izwe liphathwe ngendlela enobunono | Isolezwe - newspaper - Lee esta historia en Magzter.com

Intentar ORO - Gratis

Okumqoka kubantu ukuthi izwe liphathwe ngendlela enobunono

Isolezwe

|

July 16, 2025

NGESONTO kuwumhla ka-13 Julayi 2025, sithe sibuya ezinkonzweni sibusiswe ngeZwi yizinceku, ebusuku sazithela kuMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa ebambe umhlangano womndeni nathi siyizakhamizi zaseNinginizimu Afrika.

Ububalulekile lo mhlangano womphakathi ngoba onguMkhuzi wamaphoyisa lakwelikaMthaniya, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, ubesishiye sikhexe imilomo ngeledlule isonto ekhala ngabasezikhundleni, ethi engathi kukhona okubahlanganisa nokubheke eceleni.

UMnuz Cyril Ramaphosa wenze njengesethembiso sakhe, wabamba umhlangano womphakathi wasibikela ukuthi usethathe isinqumo sokunikeza uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Senzo Mchunu, ikhefu eliyisipesheli ngakho-ke uzobanjwela uzakwabo okwamanje kuze kuphele inyanga, emuva kwalokho kungene ungqongqoshe omusha ongekho nongelona ilungu lePhalamende.

UMthethosisekelo waseNingizimu Afrika ngaphansi kwesigaba 91(3)(c) unika umengameli amandla okuqoka umuntu ongekho ePhalamande ukuthi abe ngungqongqoshe. Okunye esitshelwe ngakho ukwakhiwa kwekhomishini ezophenya ukusebenza kwamaphoyisa nabanye abaphenya ubugebengu kuphinde kuqinisekwe ukuthi umthetho uyagcinwa futhi uyalandelwa.

Amandla okugoka ikhomishini Isigaba 84(2)(f) soMthethosisekelo sinikeza umengameli amandla okuqoka ikhomishini, umsuka wayo ukuphenya kusetshenziswa izingcithabucopho nongoti abaqavile ukuze kutholakale izixazululo zezinto ezingajwayele ukwenzeka noma eziyisehlo. Sesike saba nawo amakhomishini, uzokhumbula nje le eyayiphenya ngokuqhwagwa kwamandla kahulumeni, eyayiholwa osanda kuthatha umhlaphansi, obengumehluleli omkhulu, uChief Justice (Raymond) Zondo.

MÁS HISTORIAS DE Isolezwe

Isolezwe

Isolezwe

Osaziwayo badube iChiefs esiwukudla kwenduku

KUCASULE ngisho osaziwayo ukudliwa kweKaizer Chiefs engelinye lamaqembu amakhulu kuleli ngoLwesibili ebusuku ephinde yakhala ngaphansi ngo 1-0 kwiRichards Bay FC, emdlalweni weBetway Premiership eMhlathuze Sports Complex, eMhlathuze

time to read

1 mins

March 05, 2026

Isolezwe

Intukuthelo emaRomeni kunikezwa ikhefu oFata abanobungoma

Lokhu - amalungu ebandla azifelayo ngalabo Fata - akutolika njengokushaywa kwabo ngesithende

time to read

1 mins

March 05, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Basabisa ngokusivala isikole abazali becikwa olukathishanhloko

ABAZALI abebedinwe begane unwabu bafunge bagomela ukuthi ngeke sivulwe isikole, uMkhumbane Secondary esiseChesterville, eThekwini, engabuyisiwe uthishanhloko waso omiswe isigubhukane.

time to read

1 mins

March 05, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Owaduma kuma-Idols uvuma ukuhlaselwa wukhwantalala

UMTHOKOZISI Ndaba owenza kahle ohlelweni oluthungatha amakhono abaculi kuleli ama-Idols SA, useveze ukuthi usekhathele wukubona abantu bethi akaphili kahle ekhanda

time to read

1 min

March 05, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Umsindo kuxoshwa umholi weSoul Brothers

ZIMAPEKETWANE izinto eqenjini eligubha ukuqeda iminyaka ewu-50 liyibambile insimbi ishisa emculweni wombhaqanga, iSoul Brothers, kangangoba sekunamalungu asekhonjwe indlela

time to read

1 mins

March 04, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Uzochaza ngokuyamaniswa nokudliwa kwemali yebhange kwiqophamlando

UMHOLI we-Economic Freedom Fighters, uJulius Malema, uthi akukho akufihlayo njengoba eyamaniswa nokubhubhudlwa kwemali yebhange iVBS Mutual Bank

time to read

1 min

March 04, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Bakhala ezimathonsi umphezulu ubulala izinkomo zelobolo

UKHALA ezimathonsi umndeni waseMangqwashu, eBhambanana, eMkhanyakude, kulandela ukulahlekelwa yizinkomo zelobolo eziyisithupha, zishaywa wumphezulu emadlelweni ngeSonto

time to read

1 min

March 04, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Kuthikamezeke ukufunda kumiswa uthishanhloko kwesodweshu lwamakhamera

KUPHINDE kwaphazamiseka ukufunda nokufundisa esikoleni, uMkhumbane Secondary, eChesterville, izolo, kulandela ukumiswa isigubhukane kukathishanhloko

time to read

1 mins

March 04, 2026

Isolezwe

Indida owesifazane ebulawa njengomyeni owayenamatekisi

UMNDENI wowesifazane waKwaWoza, KwaMaphumulo obulewe, usola ukuthi ukubulawa kwelungu lawo kweyamene nokubulawa komyeni wakhe owayengusomabhizinisi khona okwenzeke eminyakeni emithathu edlule

time to read

1 mins

March 04, 2026

Isolezwe

Kubhede uhlelo Iwesiteleka abazali beshaya phansi ngonyawo

KUTHIKAMEZEKE ukufunda nokufundisa izolo esikoleni iMkhumbane Secondary, eChesterville, eThekwini, abafundi bezama ukubhikisha, kulandela ukubeka phansi oshoki kothisha abadinwe wukufakwa kwamakhamera emakilasini

time to read

1 mins

March 03, 2026

Listen

Translate

Share

-
+

Change font size