يحاول ذهب - حر
Okumqoka kubantu ukuthi izwe liphathwe ngendlela enobunono
July 16, 2025
|Isolezwe
NGESONTO kuwumhla ka-13 Julayi 2025, sithe sibuya ezinkonzweni sibusiswe ngeZwi yizinceku, ebusuku sazithela kuMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa ebambe umhlangano womndeni nathi siyizakhamizi zaseNinginizimu Afrika.
-
Ububalulekile lo mhlangano womphakathi ngoba onguMkhuzi wamaphoyisa lakwelikaMthaniya, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, ubesishiye sikhexe imilomo ngeledlule isonto ekhala ngabasezikhundleni, ethi engathi kukhona okubahlanganisa nokubheke eceleni.
UMnuz Cyril Ramaphosa wenze njengesethembiso sakhe, wabamba umhlangano womphakathi wasibikela ukuthi usethathe isinqumo sokunikeza uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Senzo Mchunu, ikhefu eliyisipesheli ngakho-ke uzobanjwela uzakwabo okwamanje kuze kuphele inyanga, emuva kwalokho kungene ungqongqoshe omusha ongekho nongelona ilungu lePhalamende.
UMthethosisekelo waseNingizimu Afrika ngaphansi kwesigaba 91(3)(c) unika umengameli amandla okuqoka umuntu ongekho ePhalamande ukuthi abe ngungqongqoshe. Okunye esitshelwe ngakho ukwakhiwa kwekhomishini ezophenya ukusebenza kwamaphoyisa nabanye abaphenya ubugebengu kuphinde kuqinisekwe ukuthi umthetho uyagcinwa futhi uyalandelwa.
Amandla okugoka ikhomishini Isigaba 84(2)(f) soMthethosisekelo sinikeza umengameli amandla okuqoka ikhomishini, umsuka wayo ukuphenya kusetshenziswa izingcithabucopho nongoti abaqavile ukuze kutholakale izixazululo zezinto ezingajwayele ukwenzeka noma eziyisehlo. Sesike saba nawo amakhomishini, uzokhumbula nje le eyayiphenya ngokuqhwagwa kwamandla kahulumeni, eyayiholwa osanda kuthatha umhlaphansi, obengumehluleli omkhulu, uChief Justice (Raymond) Zondo.
هذه القصة من طبعة July 16, 2025 من Isolezwe.
اشترك في Magzter GOLD للوصول إلى آلاف القصص المتميزة المنسقة، وأكثر من 9000 مجلة وصحيفة.
هل أنت مشترك بالفعل؟ تسجيل الدخول
المزيد من القصص من Isolezwe
Isolezwe
Kuphela ukuqagela ngabaqhathwe kumaMetro FM Music Awards
NAPHEZU kokuthi amaqembu ezepolitiki ezwakalise ukukhathazeka ngoxhaso luka-R20 million lwamaMetro FM Music Awards eThekwini nonyaka, amalungiselelo ayaqhubeka njengoba ngoLwesine kuzomenyezelwa abaqokiwe.
1 min
February 24, 2026
Isolezwe
Indodana kasomatekisi (33) ecaleni lokudlwengula nokukhulelisa ona-14
SIVULELWE icala lokudlwengula nokukhulelisa ingane eneminyaka engu-13 indodana kasomatekisi odumile waseHammarsdale.
2 mins
February 24, 2026
Isolezwe
Bafe olwembiza bethola isidumbu sikathishanhloko
BAKHUNGATHEKILE ngokufa kukathishanhloko wesikole iMbonambi Primary, KwaMbonambi, okuvela ukuthi utholwe eshe wangqongqa emotweni yakhe ngoMgqibelo.
1 mins
February 24, 2026
Isolezwe
Isibuyele eMzumbe indodana kaMseleku abekhala ngayo
ISIVEZE ukuthi izobuyela ekhaya lakubo elikhulu elizeMzumbe, indodana endala kaMusa Mseleku, uMpumelelo, ngemuva kokuvela kwesiqephu esishiye abaningi bemangele ngendlela umuzi obukeka ngayo, njengoba kungasahlali muntu khona.
1 min
February 24, 2026
Isolezwe
I-SABC ichitha amahlebezi ngokunyamalala kukaDJ Sbu
I-SABC ikuchithile ukuthi ukunyamalala komsakazi wohlelo lwasekuseni kwiRadio 2000, uSbusiso \"DJ Sbu\" Leope, kuhlangene nokuvela kwegama lakhe kwiKhomishini kaMadlanga.
1 min
February 23, 2026
Isolezwe
Kunabangaphandle kwabangu-16 000 abahlala emigwaqweni e Thekwini
KUKHONA nabasemazweni angaphandle ezinkulungwaneni ezinenkani yesele, ezihlala emgwaqweni yasedolobheni eThekwini.
1 min
February 23, 2026
Isolezwe
Kukhalwa ngowe-Big Brother Mzansi ogeza ekhishini
KUKHALWA ngesenzo sikaThandeka Tshabalala, sokugeza ubuso nokuxubha kusinki wokuwasha izitsha, ohlelweni i-Big Brother Mzansi okungaholela ekutheni abanye abasendlini bagule, ngokusho kukadokotela.
1 min
February 23, 2026
Isolezwe
Uvalo ngabebephuza kuhlasela izikhukhula eNanda
THI seyakhuluma nezinhlaka zikahulumeni kwaze koma amathe, imindeni eyisishiyagalolunye yaseMzomusha, KwaBester, eNanda, ngomhosha ovele ugcwale amanzi, kumbozeke izindlu uma kuke kwana imvula enamandla.
2 mins
February 23, 2026
Isolezwe
Bakhathazekile kubulawa isaguga ebesiwusizo
UHLALELE ovalweni umphakathi waseMandeni kulandela ukubulawa ngesihluku kwesalukazi esineminyaka engu-75, uNkk Busisiwe Nokuthula MaMkhwanazi Ngema, okusolwa ukuthi ushaywe wagencwa esemzini wakhe.
1 min
February 20, 2026
Isolezwe
Basematheni oMarawa noThando Thabethe bebonakala ndawonye
ZISEMATHENI izilomo zosaziwayo uRobert \"Madluphuthu\" Marawa noThando Thabethe ngezizathu ezingahlangene nomsebenzi ezaziwa ngawo.
1 min
February 20, 2026
Listen
Translate
Change font size

