Poging GOUD - Vrij
Okumqoka kubantu ukuthi izwe liphathwe ngendlela enobunono
Isolezwe
|July 16, 2025
NGESONTO kuwumhla ka-13 Julayi 2025, sithe sibuya ezinkonzweni sibusiswe ngeZwi yizinceku, ebusuku sazithela kuMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa ebambe umhlangano womndeni nathi siyizakhamizi zaseNinginizimu Afrika.
-
Ububalulekile lo mhlangano womphakathi ngoba onguMkhuzi wamaphoyisa lakwelikaMthaniya, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, ubesishiye sikhexe imilomo ngeledlule isonto ekhala ngabasezikhundleni, ethi engathi kukhona okubahlanganisa nokubheke eceleni.
UMnuz Cyril Ramaphosa wenze njengesethembiso sakhe, wabamba umhlangano womphakathi wasibikela ukuthi usethathe isinqumo sokunikeza uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Senzo Mchunu, ikhefu eliyisipesheli ngakho-ke uzobanjwela uzakwabo okwamanje kuze kuphele inyanga, emuva kwalokho kungene ungqongqoshe omusha ongekho nongelona ilungu lePhalamende.
UMthethosisekelo waseNingizimu Afrika ngaphansi kwesigaba 91(3)(c) unika umengameli amandla okuqoka umuntu ongekho ePhalamande ukuthi abe ngungqongqoshe. Okunye esitshelwe ngakho ukwakhiwa kwekhomishini ezophenya ukusebenza kwamaphoyisa nabanye abaphenya ubugebengu kuphinde kuqinisekwe ukuthi umthetho uyagcinwa futhi uyalandelwa.
Amandla okugoka ikhomishini Isigaba 84(2)(f) soMthethosisekelo sinikeza umengameli amandla okuqoka ikhomishini, umsuka wayo ukuphenya kusetshenziswa izingcithabucopho nongoti abaqavile ukuze kutholakale izixazululo zezinto ezingajwayele ukwenzeka noma eziyisehlo. Sesike saba nawo amakhomishini, uzokhumbula nje le eyayiphenya ngokuqhwagwa kwamandla kahulumeni, eyayiholwa osanda kuthatha umhlaphansi, obengumehluleli omkhulu, uChief Justice (Raymond) Zondo.
Dit verhaal komt uit de July 16, 2025-editie van Isolezwe.
Abonneer u op Magzter GOLD voor toegang tot duizenden zorgvuldig samengestelde premiumverhalen en meer dan 9000 tijdschriften en kranten.
Bent u al abonnee? Aanmelden
MEER VERHALEN VAN Isolezwe
Isolezwe
Abuye ngezinkani amaphara edla umzila edolobheni eThekwini
IMILUTHA yewunga esivimbanise emgwaqweni uChe Guevara (Moore Road) enkabeni yeTheku
1 min
November 07, 2025
Isolezwe
Indida ngonyamalale ephelezela abebeyogeza ngembuzi emfuleni
Indida ngonyamalale ephelezela abebeyogeza ngembuzi emfuleni
1 min
October 29, 2025
Isolezwe
Isikhulu sonogada sikhomba usomatekisi ngokufa kukathisha
Isithombe: DOCTOR NGCOBO/INDEPENDENT NEWSPAPERS
1 min
October 28, 2025
Isolezwe
HALALA BAFANA BAFANA!
KUFEZEKE iphupho leminyaka labathandi bebhola baseMzansi iBafana Bafana izibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba ezoba ngonyaka ozayo e-USA, Canada naseMexico.
1 min
October 15, 2025
Isolezwe
Injabulo kuBig Zulu ngokusebenza nendodakazi
Injabulo kuBig Zulu ngokusebenza nendodakazi
1 min
October 15, 2025
Isolezwe
Kwaze 'kwabhizi' eMzansi
EZINYE zezimoto ezishaqwe yi-Special Investigating Unit emzini oseSandton kaMnuz Hangwani Maumela (osesithombeni esishuthekiwe kwesokudla)
1 min
October 10, 2025
Isolezwe
'Wayehlale ehubha umkakhe ngezikhali'
U-principal 'wabulala umkakhe wabe esemfumbathisa isinqindi'
1 min
September 03, 2025
Isolezwe
Amagama osondonzima kwelokubulawa kwekhansela
KUVELE negama likaMnuz Khulubuse Zuma (osesithombeni esikhulu) ecaleni lokubulawa kwekhansela le-DA kuMasipala waseMngeni. Abasolwa, uMnuz Thobani Hlongwa, Mnuz Khayelihle Shabalala neNkosi Simphiwe Eric Zuma bebevele eNkantolo yeMantshi eHowick
1 min
September 02, 2025
Isolezwe
Bakhungathekile
UMNUZ Vusimuzi 'Cat' Matlala uvele eNkantolo yeMantshi yase-Alexandra nomkakhe uTsakani nabanye asolwa nabo ukuzocela ibheyili nokuhlehliselwe uSepthemba 2.
1 min
August 27, 2025
Isolezwe
Bezisatshwa nawunina izelamani 'ezibulele' ugogo nomalume
INGXENYE yabelaphi bendabuko abebehambele ingqungquthela yabo ebise-UKZN, eThekwini izolo. Bakhuthazwe ukuthi bangazenyezi ngomsebenzi wabo wokwelapha
1 min
August 20, 2025
Listen
Translate
Change font size

