Try GOLD - Free

OweChiefs uncamela isibhaxu kweyokuzicija eNetherlands

Isolezwe

|

July 16, 2025

UMDLALI wasesiwini weKazier Chiefs, uGeorge Matlou, ufongqe isigqoko kubalandeli ebancenga ngokuthi bangayifaki ezinhliziyweni imiphumela abayithola njengoba bedlala eyobungani ewuchungechunge eNetherlands, lapho bezicijela isizini entsha yeBetway Premiership.

- MTHOKOZISI MNCUSENI

Kusukela iChiefs ifikile eNetherlands, ayikaze ithole umphumela oncomekayo kodwa uMatlou obekhuluma nethimba laleli qembu laseNaturena labezindaba muva nje, akaboni kufanele kunakwe kakhulu imiphumela.

Amakhosi esishicilele lo mbiko engakawudlali owesine wobungani izolo, ne-PEC Zwolle, aye kuwona esekhale ngaphansi kwiVitesse (2-1), FC Utrecht (4-0) ne-NEC Nijmegen (1-0).

NgokukaMatlou, iChiefs isendaweni efanele eNetherlands, egqishe ngamaqembu eqophelo eliphezulu yize imiphumela ingavumi kodwa umvuzo uzobonakala uma sekugala isizini.

MORE STORIES FROM Isolezwe

Isolezwe

Unina kamsolwa 'ubalekise' ofakazi kwelokudlwengulwa kwengane

USOLWA ngokubalekisa ofakazi bengakazibhalisi izitatimende unina womfana okuthiwa udlwengule ingane yentombazane eGroutville, KwaDukuza, ngoMgqibelo.

time to read

2 mins

December 18, 2025

Isolezwe

'UWarras ubezigqaja ngobuZulu efuna umaskandi kwiGagasi'

USAZIWAYO osanda kubulawa ngokudutshulwa eGoli, ngoLwesibili, uWarrick \"DJ Warras\" Stock, uchazwe njengomuntu obezigqaja kakhulu ngokuba wumZulu.

time to read

1 min

December 18, 2025

Isolezwe

Isolezwe

ULasizwe uphumele obala ngokuba nokhwantalala

UMETHULI wezinhlelo uLasizwe Dambuza usedalule ukuthi uphethwe wukhwantalala aselusukumele ngokuthi ayochitha amasonto ambalwa azayo nongoti bezengqondo.

time to read

1 min

December 17, 2025

Isolezwe

Umsindo ngokwehla kwezinga lamaSama

BANINGI osaziwayo abaphoxekile ngomqhudelwano wezindondo obubanjelwe eGallagher Convention Centre, eGoli, ngoMgqibelo, amaSouth African Music Awards (Samas).

time to read

1 mins

December 17, 2025

Isolezwe

Kubulawe okuthiwa ubeqoqa ngodli imali emphakathini

UDUTSHULWE wafa owesilisa waseMzimkhulu, okuvela ukuthi ubekade ewuhlalise lubhojozi umphakathi wakule ndawo ewukhokhisa o-R50 njalo uma kuphela inyanga.

time to read

1 mins

December 17, 2025

Isolezwe

Izinsolo zokungaziphathi kahle kogwaze isoka lafa

KUSOLWA ukungaziphathi kahle kowesifazane okuthiwa ugwaze isoka lakhe lafa eCato Crest, eMayville, ngoLwesihlanu.

time to read

1 mins

December 17, 2025

Isolezwe

Isolezwe

Babheme bakholwa abesifazane kwiNtandokazi

BAHLONYISWE ngayo yonke inhlobo yolwazi abesifazane ebebehambele umcimbi ohlelwa yiSolezwe minyaka yonke, iNtandokazi, ngoMgqibelo.

time to read

2 mins

December 15, 2025

Isolezwe

Isolezwe

lyolala ibonene esiphakamisweni sokuketula uNtuli

KWAZIWA ukuthi kuzogcina bani esiphakamisweni sokungabethembi ubuholi bukaNdunankulu waKwaZuluNatal, uMnuz Thami Ntuli, esifakwe yiMK Party eholwa owayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma.

time to read

2 mins

December 15, 2025

Isolezwe

Libhoka liyakhahlela ibhodi leNgonyama ngomyalelo weSilo

INDODAKAZI kaMengameli Jacob Zuma ongumholi we-MK Party, uNksz Brumelda Zuma, ngesikhathi ifungiswa njengelungu elisha elizomela leli qembu ePhalamende izolo

time to read

1 min

December 11, 2025

Isolezwe

Kucishe kwavalwa ngehlahla emndenini waseNkandla kubulawa 12

SPAR

time to read

1 min

December 09, 2025

Listen

Translate

Share

-
+

Change font size