Sidinga imeya enesipiliyoni nengebi KwaDukuza
Isolezwe
|July 16, 2025
MHLELI: Ngemuva kokudedelwa kwabaholi nokuvulelwa kwezinhlangano, kube nezingxoxo zokuxazulula ezombusazwe ezazaziwa ngokuthi yi-Convention for the Democratic South Africa (Codesa).
-
Uma kuqophiswana ngaphakathi ku-ANC ngamaphizu athile, uMnuz Harry Themba Gwala wawuke umuzwe esethi "asiye kubantu sibezwe ukuthi bathini bona ngoba yibo onkulunkulu bethu abazokhomba umhlahlandlela". Izimeya aziqokwa ngabantu ngqo, zikhethwa ngabaholi, ngokunjalo nondunankulu nomengameli. Ake kuzwakale ukuthi uthini umphakathi wakwaDukuza ngomuntu okufanele azotakula lo mkhandlu.
Abaholi be-ANC beholwa ngoMnuz Bheki Mtolo noSiphesihle Zulu basikhethela uKhansela Muzi Ali Ngidi ukuthi abe yimeya ngoba ezoba yithuluzi labo. Ungene kwenzeka izimanga ngaphansi kobuholi bakhe. Kwalahleka u-R35m, wathatha imoto yomkhandlu yathutha umkakhe nezingane uma beya emsebenzini nasesikoleni. Yena nephini lakhe baqasha izimoto zama-BMW X5, zikhona ezomkhandlu. Yena wagadwa ngonogada abane emini nabanye abane ebusuku okubize imali engu-R173.000 ngenyanga.
UKhongolose wase ubona ukuthi yena nephini lakhe ukhansela Njabulo Cele abazishiye izikhundla, bakhokhe nemali echithekile emva kophenyo olunzulu. KwaDukuza sidinga umholi ozohluthulela isikoqokoqo somkhandlu. Ikhokhasi ye-ANC ihlukene phakathi njengoba abanye bafuna ukubhikishela isenzo esiphusile sikaKhongolose oholwa ngoMnuz Jeff Radebe, Mike Mabuyakhulu, Sbusiso Ndebele, Ravi Pillay oNkk Nomusa Dube, Weziwe Thusi, Maggie Govender nabanye, ababone kahle ukuthi uHlomuka noNdosi bahlulekile ukuphatha emva kokukhishwa kukaKhansela Lindy Nhanca.
Nabanye bafuna ukungena esikhundleni, hhayi ngoba bengahola kangcono kepha yingoba befuna ibhodwe eliconsayo.
This story is from the July 16, 2025 edition of Isolezwe.
Subscribe to Magzter GOLD to access thousands of curated premium stories, and 10,000+ magazines and newspapers.
Already a subscriber? Sign In
MORE STORIES FROM Isolezwe
Isolezwe
Kuthathwe nowesifazane oyophonswa imibuzo ngokufa kukaWarras
U-DJ Warras obephethe inkampani yonogada iJT VIP: Elite Guarding & VIP Protection Services kuvela ukuthi ubeyisebenzisa ngokuzimela ukuze ivikele amabhilidi ahlukene, engaqashiwe uhulumeni waseGoli.
1 min
December 19, 2025
Isolezwe
U-DJ Sox usewugodlela unyaka ozayo umculo omusha
UMAKADEBONA kaDJ, uMbusi \"DJ Sox\" Sokhela uthi ukuxinwa ngeminye yemisebenzi kumenze washaywa yisikhathi ekukhipheni umculo omusha.
1 min
December 19, 2025
Isolezwe
Isexwayiso ngesimo sezulu esibi ngoKhisimusi nangoNcibijane
ABE-SOUTH African Weather Service (SAWS), izangoma zezulu, bakhiphe isexwayiso ngesimo sezulu esingase sidale izinkinga ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi noNcibijane.
1 min
December 19, 2025
Isolezwe
Bakhungathekile bethola isidumbu sowomndeni ezimobeni
UKHUNGATHEKILE umndeni wowesilisa waseXobho, okutholakale isidumbu sakhe sinamanxeba emobeni ngoLwesithathu.
1 mins
December 19, 2025
Isolezwe
Unina kamsolwa 'ubalekise' ofakazi kwelokudlwengulwa kwengane
USOLWA ngokubalekisa ofakazi bengakazibhalisi izitatimende unina womfana okuthiwa udlwengule ingane yentombazane eGroutville, KwaDukuza, ngoMgqibelo.
2 mins
December 18, 2025
Isolezwe
'UWarras ubezigqaja ngobuZulu efuna umaskandi kwiGagasi'
USAZIWAYO osanda kubulawa ngokudutshulwa eGoli, ngoLwesibili, uWarrick \"DJ Warras\" Stock, uchazwe njengomuntu obezigqaja kakhulu ngokuba wumZulu.
1 min
December 18, 2025
Isolezwe
ULasizwe uphumele obala ngokuba nokhwantalala
UMETHULI wezinhlelo uLasizwe Dambuza usedalule ukuthi uphethwe wukhwantalala aselusukumele ngokuthi ayochitha amasonto ambalwa azayo nongoti bezengqondo.
1 min
December 17, 2025
Isolezwe
Umsindo ngokwehla kwezinga lamaSama
BANINGI osaziwayo abaphoxekile ngomqhudelwano wezindondo obubanjelwe eGallagher Convention Centre, eGoli, ngoMgqibelo, amaSouth African Music Awards (Samas).
1 mins
December 17, 2025
Isolezwe
Kubulawe okuthiwa ubeqoqa ngodli imali emphakathini
UDUTSHULWE wafa owesilisa waseMzimkhulu, okuvela ukuthi ubekade ewuhlalise lubhojozi umphakathi wakule ndawo ewukhokhisa o-R50 njalo uma kuphela inyanga.
1 mins
December 17, 2025
Isolezwe
Izinsolo zokungaziphathi kahle kogwaze isoka lafa
KUSOLWA ukungaziphathi kahle kowesifazane okuthiwa ugwaze isoka lakhe lafa eCato Crest, eMayville, ngoLwesihlanu.
1 mins
December 17, 2025
Listen
Translate
Change font size

