Versuchen GOLD - Frei
Sidinga imeya enesipiliyoni nengebi KwaDukuza
Isolezwe
|July 16, 2025
MHLELI: Ngemuva kokudedelwa kwabaholi nokuvulelwa kwezinhlangano, kube nezingxoxo zokuxazulula ezombusazwe ezazaziwa ngokuthi yi-Convention for the Democratic South Africa (Codesa).
-
Uma kuqophiswana ngaphakathi ku-ANC ngamaphizu athile, uMnuz Harry Themba Gwala wawuke umuzwe esethi "asiye kubantu sibezwe ukuthi bathini bona ngoba yibo onkulunkulu bethu abazokhomba umhlahlandlela". Izimeya aziqokwa ngabantu ngqo, zikhethwa ngabaholi, ngokunjalo nondunankulu nomengameli. Ake kuzwakale ukuthi uthini umphakathi wakwaDukuza ngomuntu okufanele azotakula lo mkhandlu.
Abaholi be-ANC beholwa ngoMnuz Bheki Mtolo noSiphesihle Zulu basikhethela uKhansela Muzi Ali Ngidi ukuthi abe yimeya ngoba ezoba yithuluzi labo. Ungene kwenzeka izimanga ngaphansi kobuholi bakhe. Kwalahleka u-R35m, wathatha imoto yomkhandlu yathutha umkakhe nezingane uma beya emsebenzini nasesikoleni. Yena nephini lakhe baqasha izimoto zama-BMW X5, zikhona ezomkhandlu. Yena wagadwa ngonogada abane emini nabanye abane ebusuku okubize imali engu-R173.000 ngenyanga.
UKhongolose wase ubona ukuthi yena nephini lakhe ukhansela Njabulo Cele abazishiye izikhundla, bakhokhe nemali echithekile emva kophenyo olunzulu. KwaDukuza sidinga umholi ozohluthulela isikoqokoqo somkhandlu. Ikhokhasi ye-ANC ihlukene phakathi njengoba abanye bafuna ukubhikishela isenzo esiphusile sikaKhongolose oholwa ngoMnuz Jeff Radebe, Mike Mabuyakhulu, Sbusiso Ndebele, Ravi Pillay oNkk Nomusa Dube, Weziwe Thusi, Maggie Govender nabanye, ababone kahle ukuthi uHlomuka noNdosi bahlulekile ukuphatha emva kokukhishwa kukaKhansela Lindy Nhanca.
Nabanye bafuna ukungena esikhundleni, hhayi ngoba bengahola kangcono kepha yingoba befuna ibhodwe eliconsayo.
Diese Geschichte stammt aus der July 16, 2025-Ausgabe von Isolezwe.
Abonnieren Sie Magzter GOLD, um auf Tausende kuratierter Premium-Geschichten und über 9.000 Zeitschriften und Zeitungen zuzugreifen.
Sie sind bereits Abonnent? Anmelden
WEITERE GESCHICHTEN VON Isolezwe
Isolezwe
UMaKhwela uphawula ngokufika esithenjini sakwaMseleku
UNKOSIKAZI wesihlanu kaMusa Mseleku uSamkelisiwe Khwela osephumele obala okokuqala ngokungena esithenjini nokugqama ohlelweni uThando Nesithembu
1 min
February 26, 2026
Isolezwe
Kukhalwa ngedimoni esikoleni 'esinothisha ababhubhisa abafundi ngocansi'
BAVUTHA bengabaselwe abazali babafundi besikole saseMgababa, uMnganiwakhe High, bekhala ngedimoni lothisha abasolwa ngokuzitika ngocansi nabafundi.
2 mins
February 26, 2026
Isolezwe
Ugcine emxolelile uyise obengayizwa eyokumngcwaba
LUGCINE lugobile uphondo, wamngcwaba uyise owesilisa waseCopesville, eMgungundlovu, kulandela ukushaya phansi ngonyawo isikhathi eside ethi ngeke amngcwabe.
1 mins
February 26, 2026
Isolezwe
USbahle ukhathazwa abasamgcona ngokulimala kwakhe
UKHALA ngabantu abasaqhubeka nokuyigcona ngokulimala kwayo engozini yemoto indodakazi kaSbusiso Mpisane, uSbahle, eyaba sengozini yemoto eyayishiya ilimele kabi
1 min
February 25, 2026
Isolezwe
Odilikajele kwabanquma umuntu uqhoqhoqho ngebhodlela
BAPHELELWE amagama abesilisa ababili baseNanda ngesikhathi iNkantolo yesiFunda yaseNtuzuma ibagixabeza ngesigwebo sikadilikajele umuntu ngamunye ngecala lokunquma owesilisa uqhoqhoqho.
1 mins
February 25, 2026
Isolezwe
Kusolwa uXaba ngokuba nesandla sensimbi ezinganeni
Kusolwa uVJ Xaba ngokuba nesandla esingafani ezinganeni zakhe njengoba abaningi bemgxeke ngokungaphathi kahle enye yamadodana akhe uNdu esiqeshini sakamuva
1 min
February 25, 2026
Isolezwe
Utholwe elenga nezidumbu zamadodakazi owesilisa waseVerulam
KUSOLWA ukuthi uqale wabulala amadodakazi akhe amabili eneminyaka engu-4 nengu-7, owesilisa (37) waseVerulam, eThekwini, yena wase ezikhunga.
1 min
February 25, 2026
Isolezwe
Kuphela ukuqagela ngabaqhathwe kumaMetro FM Music Awards
NAPHEZU kokuthi amaqembu ezepolitiki ezwakalise ukukhathazeka ngoxhaso luka-R20 million lwamaMetro FM Music Awards eThekwini nonyaka, amalungiselelo ayaqhubeka njengoba ngoLwesine kuzomenyezelwa abaqokiwe.
1 min
February 24, 2026
Isolezwe
Indodana kasomatekisi (33) ecaleni lokudlwengula nokukhulelisa ona-14
SIVULELWE icala lokudlwengula nokukhulelisa ingane eneminyaka engu-13 indodana kasomatekisi odumile waseHammarsdale.
2 mins
February 24, 2026
Isolezwe
Bafe olwembiza bethola isidumbu sikathishanhloko
BAKHUNGATHEKILE ngokufa kukathishanhloko wesikole iMbonambi Primary, KwaMbonambi, okuvela ukuthi utholwe eshe wangqongqa emotweni yakhe ngoMgqibelo.
1 mins
February 24, 2026
Listen
Translate
Change font size

