Try GOLD - Free
ISassa nekhwelo lokubekezela kucutshungulwa abathola imali engxenye
Isolezwe
|July 10, 2025
ISIKHUNGO esiholela izibonelelo zikahulumeni, iSouth African Social Security Agency (SASSA), sesinxuse abahlomulayo ukuba bahloniphe uhlelo lokucutshungulwa kwezibonelelo.
Lokhu, iSASSA ithi ikusho emva kwezikhalo ngesinyathelo sokubhekisisa izibonelelo ukuze ikwazi ukuhlonza abahlomula kungafanele. Lesi sikhungo sithe ukungahambisani nalolu hlelo Iwaso kungaholela ekubambezelekeni kokukhokhwa kwezibonelelo okungaze kufinyelele ekumisweni noma ekuvalweni kwazo okanye kuvulwe amacala.
Ngokusho kweSASSA, ngesinqumo sokucubungula kuhloswe ukuthola isiqiniseko ngabantu abahlonzwa kwathiwa banenye imali abayitholayo eceleni kodwa bangakuveza lokho. ISASSA ithe ifuna ukukusho ukuthi azikho izibonelelo ezimisiwe njengoba kuvele ngesikhathi kwenziwa uhlelo lokucubungula.
Iqhube yathi izibonelelo zibambezeleka okwesikhashana kuze kube luphothulwa ngempumelelo uhlelo lokucubungula. Ithe ngalolu hlelo akuhlosiwe ukukhipha inyumbazana abathile abafanele wukuthola izibonelelo kodwa wukuqinisekisa ukuthi abazitholayo kubafanele nokunqanda ukuxhashazwa kwemali yomphakathi.
This story is from the July 10, 2025 edition of Isolezwe.
Subscribe to Magzter GOLD to access thousands of curated premium stories, and 10,000+ magazines and newspapers.
Already a subscriber? Sign In
MORE STORIES FROM Isolezwe
Isolezwe
Imashi 'ngembudane yecala' lokufa kukaMeyiwa
BAHLONGOZA ukungena emgwaqweni bamashe abazibiza ngeFriends of Senzo Meyiwa Family njengoba bekhala ngokuningi abathi bakholwa wukuthi kuyabhimba ekuqulweni kwaleli cala
1 min
April 30, 2026
Isolezwe
Izeluleko ezihlomise osomabhizinisi
'SONKE sikhule sazi ukuthi ibhizinisi elithuthukayo noma eselichumile yilelo elinesitolo okwazi ukungena uthenge impahla noma umkhiqizo othile kusona, kepha ngenxa yesikhathi esiphila kusona - kufana nokuzibambezela ukubambelela kuleyo ndlela
1 min
April 30, 2026
Isolezwe
Ikhwelo kwabahlukunyezwe udokotela oboshelwe awocansi
ULINDELEKE avele namuhla eNkantolo yeMantshi yaseMadadeni udokotela oboshelwe amacala okunukubeza ngokocansi iziguli ezine zesifazane.
1 min
April 30, 2026
Isolezwe
UMfundisi uxoshelwe ukudla u-R200 000 webandla
BHANTSHI ligcwale umoya kuMfundisi webandla laseMzimkhulu iFaith Centre ngemuva kokuba esolwe amakholwa ngokweba u-R200 000
1 mins
April 29, 2026
Isolezwe
Isigwebo esinzima kobeyisikhulu samaphoyisa
INKANTOLO yesiFunda sasePinetown, izolo iligixabeze iminyaka engu-17 libhadla ejele iphoyisa elalidumile KwaZuluNatal, uKhephu Ndlovu
1 mins
April 29, 2026
Isolezwe
Uchatha emklomelweni wabazonqoba kumaBambelela
BAZOHLEKA bodwa osomabhizinisi abasafufusa abawu-20 abazokhethwa ohlwini lwabawu-128 abangenele umncintiswano wokuthola uxhaso lokufukula osomabhizinisi amaBambelela Business Awards, ahlelwa yiHollywood Foundation
1 min
April 29, 2026
Isolezwe
Izinkanyezi
ARIES: Mar 21 - Apr 19 QAPHELA ukuthi ukuba manqika nokungaqondisisi ezinye izinto, akuphazamisi ubudlelwano nomngani wakho
2 mins
April 28, 2026
Isolezwe
Izikhalo behlulwa kumaMetro
IKHULU isililo ezintokazini zaKwaZulu-Natal, uZee Nxumalo noNaledi Aphiwe, okuthe ngoMgqibelo, zabuya zishwiba izandla emcimbini wezindondo amaMetro FM Music Awards.
1 min
April 28, 2026
Isolezwe
Umafikizolo usethembe umklomelo ngomaqondana
UMCULI kamaskandi okwabangaconsi phansi kule ndima, Umafikizolo, usethembise ukuqhubeka ajabulise abalandeli bomculo wakhe nabelashwe yizingoma ezinomyalezo wothando
1 min
April 28, 2026
Isolezwe
Izinsongo emndenini wenyanga kubulawa umsolwa
UTHOLA izinsongo zokubulawa umndeni wenyanga eyayidumile KwaMhlabuyalingana, uMnuz James \"God'olulala amankankane\" Mthembu (61), kulandela ukubulawa komunye wabasolwa ngokuyisoconga ngeSonto
1 mins
April 24, 2026
Listen
Translate
Change font size

