Intentar ORO - Gratis

ISassa nekhwelo lokubekezela kucutshungulwa abathola imali engxenye

Isolezwe

|

July 10, 2025

ISIKHUNGO esiholela izibonelelo zikahulumeni, iSouth African Social Security Agency (SASSA), sesinxuse abahlomulayo ukuba bahloniphe uhlelo lokucutshungulwa kwezibonelelo.

- SABELO MBATHA

Lokhu, iSASSA ithi ikusho emva kwezikhalo ngesinyathelo sokubhekisisa izibonelelo ukuze ikwazi ukuhlonza abahlomula kungafanele. Lesi sikhungo sithe ukungahambisani nalolu hlelo Iwaso kungaholela ekubambezelekeni kokukhokhwa kwezibonelelo okungaze kufinyelele ekumisweni noma ekuvalweni kwazo okanye kuvulwe amacala.

Ngokusho kweSASSA, ngesinqumo sokucubungula kuhloswe ukuthola isiqiniseko ngabantu abahlonzwa kwathiwa banenye imali abayitholayo eceleni kodwa bangakuveza lokho. ISASSA ithe ifuna ukukusho ukuthi azikho izibonelelo ezimisiwe njengoba kuvele ngesikhathi kwenziwa uhlelo lokucubungula.

Iqhube yathi izibonelelo zibambezeleka okwesikhashana kuze kube luphothulwa ngempumelelo uhlelo lokucubungula. Ithe ngalolu hlelo akuhlosiwe ukukhipha inyumbazana abathile abafanele wukuthola izibonelelo kodwa wukuqinisekisa ukuthi abazitholayo kubafanele nokunqanda ukuxhashazwa kwemali yomphakathi.

MÁS HISTORIAS DE Isolezwe

Isolezwe

Isolezwe

Uthisha ocula umaskandi ugile izimanga ku-matric

UMCULI kamaskandi obalwa nabahamba phambili kulezi zinsuku, uKhetha \"Maganga Thishela\" Mlotshwa, uhambela phezulu kulezi zinsuku emuva kokuthi isifundo sakhe siphaswe ngo-100%.

time to read

1 min

January 16, 2026

Isolezwe

Usizi kothisha abangatohozi beqhinqa emahhovisi oMnyango wezeMfundo

ABIKA usizi othisha abangasebenzi uma bechaza ngesimo abazithola bebhekene naso sokuphela kwesikhathi eside bengaqasheki.

time to read

2 mins

January 15, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Owokholo ubalisa ngokushona kukazakwabo

NGWAZI yomculo wokholo, uMfu Sam \"Makitaza\" Zondi, ibalise ngokudlula emhlabeni kukazakwabo uNoxolo \"Before\" Biyela weMvuselelo Yesizwe.

time to read

1 min

January 15, 2026

Isolezwe

Ochaze uBig Zulu kwiLast Dance akaphoxanga naku-matric

IPHASE ngamalengiso intokazi egeze ubebebe womrepha uBig Zulu nezithameli kwiLast Dance Music Experience eRoyal Showgrounds eMgungundlovu, ngoNcibijane, u-Akhona Msimango.

time to read

1 min

January 15, 2026

Isolezwe

Isolezwe

KUSOLWA ukhwantalala ngokushona kukanina kaFaith

KUSOLWA ukhwantalala njengomnyombo ogcine sewuholela ekutheni kugcine sekumanela unina kaNkk Faith Ntombela, uNkk Busisiwe Nkosi, uMaMkhize, (68) oshone ngeSonto.

time to read

1 mins

January 14, 2026

Isolezwe

Itwetwe kwanda ukuhlaselwa kwabashayeli be-ehailing

SEKUQUBUKE ukukhathazeka ezinhlanganweni zabashayeli bezimoto ezikhokhelwa ngebanga ezilihambile ukwanda kwezigameko zokuhlaselwa kwabo eChesterville, eThekwini.

time to read

1 min

January 14, 2026

Isolezwe

Basabisa ngokuduba Impucuzeko ngenxa kaTshatha

BASABISA ngokuduba Impucuzeko Maskandi Festival abangeneme ngokuhoxa komsakazi woKhozi FM, uKhathide \"Tshatha\" Ngobe kule ndumezulu yomcimbi.

time to read

1 mins

January 14, 2026

Isolezwe

Umaskanda uyokwenza izifundo zobunjiniyela

NKOLELO yokuthi umaskandi wumculo wabantu abangancwadile sekuyinto yayizolo.

time to read

1 min

January 14, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Osaziwayo nemiyalezo kwabaka-matric

SAZIWAYO bahalalisele abaphase u-matric baphinde bakhuthaza abangaphumelelanga ngokuvuka bazithathe.

time to read

1 mins

January 13, 2026

Isolezwe

Lehlile okungayephi izinga lokuphasa ezikoleni ezizimele

LITHE ukwehla kancane izinga lokuphasa ezikoleni ezizimele.

time to read

1 min

January 13, 2026

Listen

Translate

Share

-
+

Change font size