Try GOLD - Free
Usola othisha ngohlaselwe izigebengu zifuna eyomhlalaphansi
Isolezwe
|June 18, 2025
ZIMBILI VILAKAZI BASOLA ozakwabo ebuthisheleni abomndeni kathisha, okuthiwa ushone isigubhukane, kulandela ukungenelwa yizigebengu, ezimfune izindodla zemali yempesheni.
-
UNkk Sizakele Biyela (61) waseNkangala, eNkandla, ushonele esibhedlela sendawo ngoLwesithathu olwedlule, kulandela ukungenelwa yizigebengu ngoLwesibili.
Elandisa ngodaba umyeni kamufi, uMnuz Mtobozeni Biyela, uthe abasolwa abane babangenela ngoLwesibili olwedlule, ngezikhathi zasebusuku.
Uthe yena wayesecambalele ekameleni labo, umufi kade ehleli nendodana yabo kwelinye ikamelo, eyozela, yalala.
"Wasukuma waqoqa isitsha eyayikade idla ngaso, wasiyisa ekhishini. Esekhona ekhishini, kwezwakala umsindo omkhulu kanti abasolwa sebebhodloza umnyango, bangena ngaphakathi," kusho uBiyela. Uthe waphuma ekameleni ezobheka ukuthi kwenzekani, wazithela phezu kwabasolwa abane, beqhuba umkakhe bezomfaka ekameleni labo.
Uthe ngaleso sikhathi indodana nayo yaphaphama kodwa yacasha ku-wardrobe, wathi sebebahlalise phansi ekalemeleni, bathi kumkakhe "wena gogo sifuna izikhiye zemoto yakho nama-millions asanda kuphuma empesheni".
"Baze bathi obathumile ubatshelile ukuthi isiphumile le mali," kusho uBiyela, okuqinsekisile lokhu, ethi umkakhe ugcine emsebenzini ngoDisemba 2024.
This story is from the June 18, 2025 edition of Isolezwe.
Subscribe to Magzter GOLD to access thousands of curated premium stories, and 10,000+ magazines and newspapers.
Already a subscriber? Sign In
MORE STORIES FROM Isolezwe
Isolezwe
'Wayehlale ehubha umkakhe ngezikhali'
U-principal 'wabulala umkakhe wabe esemfumbathisa isinqindi'
1 min
September 03, 2025
Isolezwe
Amagama osondonzima kwelokubulawa kwekhansela
KUVELE negama likaMnuz Khulubuse Zuma (osesithombeni esikhulu) ecaleni lokubulawa kwekhansela le-DA kuMasipala waseMngeni. Abasolwa, uMnuz Thobani Hlongwa, Mnuz Khayelihle Shabalala neNkosi Simphiwe Eric Zuma bebevele eNkantolo yeMantshi eHowick
1 min
September 02, 2025
Isolezwe
Bakhungathekile
UMNUZ Vusimuzi 'Cat' Matlala uvele eNkantolo yeMantshi yase-Alexandra nomkakhe uTsakani nabanye asolwa nabo ukuzocela ibheyili nokuhlehliselwe uSepthemba 2.
1 min
August 27, 2025
Isolezwe
Bezisatshwa nawunina izelamani 'ezibulele' ugogo nomalume
INGXENYE yabelaphi bendabuko abebehambele ingqungquthela yabo ebise-UKZN, eThekwini izolo. Bakhuthazwe ukuthi bangazenyezi ngomsebenzi wabo wokwelapha
1 min
August 20, 2025

Isolezwe
Umndeni ungcwabe umlenze isidumbu singatholakali
KUBE yinjabulo kuvulwa ifemu yakwaMahindra South Africa esinkudlwana eDube Trade Port eThekwini, izolo.
1 min
August 13, 2025
Isolezwe
UMphathiswa uyikhomba kwi-MK inkohlakalo
Uthi unobufakazi ngabantu bayo abatamuza amathenda nezikhundla
1 min
July 30, 2025
Isolezwe
Bacikwa yisigwebo sowabulala intombi ikhulelwe
Wayimuhluza odongeni eyibamba nesoka
1 min
July 23, 2025
Isolezwe
USithole udalula okuphekwa nguBadela kwiChippa United
UMGADLI weChippa United, uXolani Sithole, wethembisa ukuthi yena nozakwabo bazibophezele ngokubhukula ngesizini ezayo ka-2025/26, ukuletha injabulo kubalandeli baleli qembu abaleseka ngisho kunzima emidlalweni yasekhaya.
1 mins
July 16, 2025
Isolezwe
Umengameli ujaha ukhozi ngenja ngembizo yezigidigidi yomntakabani
MHLELI: Kwelakho elingihlaba umxhwele, ngicela ukusika elijikayo mayelana nembizo kaMengameli Cyril Ramaphosa. INingizimu Afrika inezakhiwo eziningi eziyizindlebe nemilomo yabantu okuyiPhalamende neziShayamthetho eziyisishiyagalolunye zezifundazwe.
1 mins
July 16, 2025
Isolezwe
U-Quaddou usikaza i-TLB kwesikakaputeni wePirates
UMQEQESHI we-Orlando Pirates, u-Adbeslam Ouaddou, uhlabeke umxhwele ngoMbekezeli \"TLB\" Mbokazi kangangokuthi useze wakuveza ukuthi unezinhlelo zokwakhela phezu kwaso lesi sitobha kwazise sikhombisa izimpawu zokuba wumholi yize sisencane ngokweminyaka futhi sisisha nasesigabeni esikhulu.
1 min
July 16, 2025
Listen
Translate
Change font size