Try GOLD - Free
Usizi umfundi ezibulala emva 'kokuthunjwa nokudlwengulwa abasematekisini'
Isolezwe
|June 17, 2025
UFUNA ubulungiswa umndeni waseMaphephetheni, eNanda, umfundi ezibulala emva kokukhala ngokuthunjwa nokudlwengulwa ngabasolwa abaziwayo abasebenza embonini yamatekisi.
U-Athabile Khanyi (17) obefunda uGrade 11 esikoleni iMakhapha Combined endaweni, ushonele esibhedlela esiKwaMashu, iDkt Pixley ka-Isaka Seme Memorial ngoLwesine, kulandela ukuphuza inqwaba yamaphilisi.
Elandisa ngesehlo udadewabo kamufi, uNksz Ntombifikile Mthembu, uthe abasolwa ababili, abagagule ngamagama umufi, bamthumba ngetekisi udadewabo ngoJuni 6, 2025, bemfica ezimele esitobhini.
"Baze bambuyisa ngoMsombuluko (Juni 9). Wafika ekhaya watshela umndeni ukuthi ubethunjwe obani futhi bamdlwengulile beshintshana ngaye," kusho uNksz Mthembu. Uthe umndeni awuzange ukuthathele phezulu owawukutshelwa umufi, uzitshela ukuthi uqamba amanga, ubeziyele ezindaweni zakhe.
"Ebona ukuthi akekho omkholwayo, uvele waya emzini kanina, oseduze nasekhaya. Ufike wabhala incwadi echaza ngakho konke okumehlele, wase ephuza inqwaba yamaphilisi," kusho yena.
Uthe kwase kuyizikhathi zantambama ngesikhathi unina emfica esesimweni esibi kodwa esaphila.
"Waphinde washo ukuthi kwenzekeni kodwa ebonakala ukuthi uxinekile ngoba ephalaza ngakho wonke umuntu ngaleso sikhathi wayesekhathazeke ngesimo sempilo yakhe," usho kanje.
This story is from the June 17, 2025 edition of Isolezwe.
Subscribe to Magzter GOLD to access thousands of curated premium stories, and 10,000+ magazines and newspapers.
Already a subscriber? Sign In
MORE STORIES FROM Isolezwe
Isolezwe
Kwaze 'kwabhizi' eMzansi
EZINYE zezimoto ezishaqwe yi-Special Investigating Unit emzini oseSandton kaMnuz Hangwani Maumela (osesithombeni esishuthekiwe kwesokudla)
1 min
October 10, 2025
Isolezwe
'Wayehlale ehubha umkakhe ngezikhali'
U-principal 'wabulala umkakhe wabe esemfumbathisa isinqindi'
1 min
September 03, 2025
Isolezwe
Amagama osondonzima kwelokubulawa kwekhansela
KUVELE negama likaMnuz Khulubuse Zuma (osesithombeni esikhulu) ecaleni lokubulawa kwekhansela le-DA kuMasipala waseMngeni. Abasolwa, uMnuz Thobani Hlongwa, Mnuz Khayelihle Shabalala neNkosi Simphiwe Eric Zuma bebevele eNkantolo yeMantshi eHowick
1 min
September 02, 2025
Isolezwe
Bakhungathekile
UMNUZ Vusimuzi 'Cat' Matlala uvele eNkantolo yeMantshi yase-Alexandra nomkakhe uTsakani nabanye asolwa nabo ukuzocela ibheyili nokuhlehliselwe uSepthemba 2.
1 min
August 27, 2025
Isolezwe
Bezisatshwa nawunina izelamani 'ezibulele' ugogo nomalume
INGXENYE yabelaphi bendabuko abebehambele ingqungquthela yabo ebise-UKZN, eThekwini izolo. Bakhuthazwe ukuthi bangazenyezi ngomsebenzi wabo wokwelapha
1 min
August 20, 2025

Isolezwe
Umndeni ungcwabe umlenze isidumbu singatholakali
KUBE yinjabulo kuvulwa ifemu yakwaMahindra South Africa esinkudlwana eDube Trade Port eThekwini, izolo.
1 min
August 13, 2025
Isolezwe
UMphathiswa uyikhomba kwi-MK inkohlakalo
Uthi unobufakazi ngabantu bayo abatamuza amathenda nezikhundla
1 min
July 30, 2025
Isolezwe
Bacikwa yisigwebo sowabulala intombi ikhulelwe
Wayimuhluza odongeni eyibamba nesoka
1 min
July 23, 2025
Isolezwe
USithole udalula okuphekwa nguBadela kwiChippa United
UMGADLI weChippa United, uXolani Sithole, wethembisa ukuthi yena nozakwabo bazibophezele ngokubhukula ngesizini ezayo ka-2025/26, ukuletha injabulo kubalandeli baleli qembu abaleseka ngisho kunzima emidlalweni yasekhaya.
1 mins
July 16, 2025
Isolezwe
Umengameli ujaha ukhozi ngenja ngembizo yezigidigidi yomntakabani
MHLELI: Kwelakho elingihlaba umxhwele, ngicela ukusika elijikayo mayelana nembizo kaMengameli Cyril Ramaphosa. INingizimu Afrika inezakhiwo eziningi eziyizindlebe nemilomo yabantu okuyiPhalamende neziShayamthetho eziyisishiyagalolunye zezifundazwe.
1 mins
July 16, 2025
Listen
Translate
Change font size