कोशिश गोल्ड - मुक्त

Usizi umfundi ezibulala emva 'kokuthunjwa nokudlwengulwa abasematekisini'

Isolezwe

|

June 17, 2025

UFUNA ubulungiswa umndeni waseMaphephetheni, eNanda, umfundi ezibulala emva kokukhala ngokuthunjwa nokudlwengulwa ngabasolwa abaziwayo abasebenza embonini yamatekisi.

- ZIMBILI VILAKAZI

U-Athabile Khanyi (17) obefunda uGrade 11 esikoleni iMakhapha Combined endaweni, ushonele esibhedlela esiKwaMashu, iDkt Pixley ka-Isaka Seme Memorial ngoLwesine, kulandela ukuphuza inqwaba yamaphilisi.

Elandisa ngesehlo udadewabo kamufi, uNksz Ntombifikile Mthembu, uthe abasolwa ababili, abagagule ngamagama umufi, bamthumba ngetekisi udadewabo ngoJuni 6, 2025, bemfica ezimele esitobhini.

"Baze bambuyisa ngoMsombuluko (Juni 9). Wafika ekhaya watshela umndeni ukuthi ubethunjwe obani futhi bamdlwengulile beshintshana ngaye," kusho uNksz Mthembu. Uthe umndeni awuzange ukuthathele phezulu owawukutshelwa umufi, uzitshela ukuthi uqamba amanga, ubeziyele ezindaweni zakhe.

"Ebona ukuthi akekho omkholwayo, uvele waya emzini kanina, oseduze nasekhaya. Ufike wabhala incwadi echaza ngakho konke okumehlele, wase ephuza inqwaba yamaphilisi," kusho yena.

Uthe kwase kuyizikhathi zantambama ngesikhathi unina emfica esesimweni esibi kodwa esaphila.

"Waphinde washo ukuthi kwenzekeni kodwa ebonakala ukuthi uxinekile ngoba ephalaza ngakho wonke umuntu ngaleso sikhathi wayesekhathazeke ngesimo sempilo yakhe," usho kanje.

Isolezwe से और कहानियाँ

Isolezwe

Abuye ngezinkani amaphara edla umzila edolobheni eThekwini

IMILUTHA yewunga esivimbanise emgwaqweni uChe Guevara (Moore Road) enkabeni yeTheku

time to read

1 min

November 07, 2025

Isolezwe

Indida ngonyamalale ephelezela abebeyogeza ngembuzi emfuleni

Indida ngonyamalale ephelezela abebeyogeza ngembuzi emfuleni

time to read

1 min

October 29, 2025

Isolezwe

Isikhulu sonogada sikhomba usomatekisi ngokufa kukathisha

Isithombe: DOCTOR NGCOBO/INDEPENDENT NEWSPAPERS

time to read

1 min

October 28, 2025

Isolezwe

Isolezwe

HALALA BAFANA BAFANA!

KUFEZEKE iphupho leminyaka labathandi bebhola baseMzansi iBafana Bafana izibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba ezoba ngonyaka ozayo e-USA, Canada naseMexico.

time to read

1 min

October 15, 2025

Isolezwe

Injabulo kuBig Zulu ngokusebenza nendodakazi

Injabulo kuBig Zulu ngokusebenza nendodakazi

time to read

1 min

October 15, 2025

Isolezwe

Kwaze 'kwabhizi' eMzansi

EZINYE zezimoto ezishaqwe yi-Special Investigating Unit emzini oseSandton kaMnuz Hangwani Maumela (osesithombeni esishuthekiwe kwesokudla)

time to read

1 min

October 10, 2025

Isolezwe

'Wayehlale ehubha umkakhe ngezikhali'

U-principal 'wabulala umkakhe wabe esemfumbathisa isinqindi'

time to read

1 min

September 03, 2025

Isolezwe

Amagama osondonzima kwelokubulawa kwekhansela

KUVELE negama likaMnuz Khulubuse Zuma (osesithombeni esikhulu) ecaleni lokubulawa kwekhansela le-DA kuMasipala waseMngeni. Abasolwa, uMnuz Thobani Hlongwa, Mnuz Khayelihle Shabalala neNkosi Simphiwe Eric Zuma bebevele eNkantolo yeMantshi eHowick

time to read

1 min

September 02, 2025

Isolezwe

Bakhungathekile

UMNUZ Vusimuzi 'Cat' Matlala uvele eNkantolo yeMantshi yase-Alexandra nomkakhe uTsakani nabanye asolwa nabo ukuzocela ibheyili nokuhlehliselwe uSepthemba 2.

time to read

1 min

August 27, 2025

Isolezwe

Bezisatshwa nawunina izelamani 'ezibulele' ugogo nomalume

INGXENYE yabelaphi bendabuko abebehambele ingqungquthela yabo ebise-UKZN, eThekwini izolo. Bakhuthazwe ukuthi bangazenyezi ngomsebenzi wabo wokwelapha

time to read

1 min

August 20, 2025

Listen

Translate

Share

-
+

Change font size