Facebook Pixel Impunyela isola uMkhwanazi ngokuyihlanganyela nezimbangi | Isolezwe - newspaper - Read this story on Magzter.com

Try GOLD - Free

Impunyela isola uMkhwanazi ngokuyihlanganyela nezimbangi

Isolezwe

|

December 29, 2025

USOLA uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi ophethe amaphoyisa KwaZulu-Natal, usomabhizinisi uMnuz Calvin Mathibeli ngokugasela kwamaphoyisa emzini wakhe ngesonto eledlule.

- NOKUBONGWA PHENYANE

UMathibeli uthe kumanje uzibona yena nomndeni wakhe besengozini, ngokufika kwala maphoyisa abephethe incwadi engekho emthethweni yokumbopha.

Uthe usola ukuthi impilo yakhe isengcupheni ngenxa yokuthi uMkhwanazi usebenzisana nabanikazi bezinkampani zabaqaphi ezihlukene nosomatekisi ukuqeda ngaye.

Usuku lukaKhisimusi uthi akaluchithanga nomndeni wakhe ngemuva kwalesi sigameko nokuyinto eqalayo ukwenzeka empilweni yakhe.

"Yinto eqale ngo-2019, lena ngilandelwa amaphoyisa ngenxa yokuthi kukhona abantu abanezinkampani zonogada nosomatekisi abasebenzisana noMkhwanazi, nabafuna ukuqeda ngempilo yami. Ngiphila kabuhlungu manje ngisabela nempilo yami ngenxa yokuthi manje kufike amaphoyisa ngingazi emzini wami ethi azongifuna kodwa ngenhlanhla bengingekho. Bafike bathi bazongibopha uma sekubhekwa incwadi egunyaza lokho akade eyiphethe, kuvela ukuthi ingumbombayi," kusho uMathibeli.

MORE STORIES FROM Isolezwe

Isolezwe

Isolezwe

ObeseKhozini ubuyele kwezemfundo wahlomula nango-R2.8 million

KUFAKAZELEKE isisho sesiZulu esithi, \"ukuwa kwendlu wukuvuka kwenye\" kowayengumsakazi woKhozi FM, uLucky Nkosi, osekuvele izindaba zokuthi ubuyela emkhakheni wezemfundo ayevele ewusheba nokusakaza

time to read

1 mins

April 15, 2026

Isolezwe

Isolezwe

INdlunkulu ibuyele obhukwini lombango wesihlalo sobukhosi bukaZulu

SELUPHINDE lwavutshelwa kabusha uthuthuva lombango wesihlalo sobukhosi bukaZulu, obekucatshangwa ukuthi usuphelile kulandela ukuvumbuka kwenselelo ephonswa uMntwana uMbonisi kaBhekuzulu, ofuna iNkantolo yoMthethosisekelo ibuyekeze isinqumo esavuna ubukhosi beSilo uMisuzulu kaZwelithini

time to read

1 mins

April 15, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Umculi ugqugquzela ozakwabo ukungenela iComrades

UMCULI oyilungu leqembu i-Afrosoul ufuna ukugqugquzela ozakwabo ngokubaluleka kokuzivocavoca ukuze bagweme izifo

time to read

1 mins

April 15, 2026

Isolezwe

Utholwe esebanda oshiywe esigangeni 'obebamba eyemali"

UTHOLWE esebanda emotweni elaxazwe esigangeni eduzane nomfula, omunye wabasolwa abebeyingxenye yokubanjwa kwemoto ethwala imali, eKranskop, ngoMsombuluko

time to read

1 min

April 15, 2026

Isolezwe

Usathuka izanya uthishanhloko obethunjwe watholwa eboshiwe eNanda

UBONGA awuphezi ukuthi utholwe esadla anhlamvana umndeni kathishanhloko wesinye sezikole eDonnybrook, kodwa ohlala eMkhazini, ngaseFolweni, othunjwe amadoda angaziwa ngeSonto ebusuku

time to read

1 min

April 14, 2026

Isolezwe

Ummeli kaDuduzile usole ufakazi ngombiko abengawuphethe

ISAZI sezomthetho wokusetshenziswa kwezinkundla zokuxhumana, uNkk Emma Sadleir, simile ekutheni indodakazi yomholi weMKP, uMnuz Jacob Zuma, uNkk Duduzile Zuma-Sambudla, yayilokhu iyiphehlile eyodweshu ngesikhathi sezibhelu zango-2021

time to read

2 mins

April 14, 2026

Isolezwe

Isolezwe

UMazibuko ushone egcizelela lapho ezofihlwa khona

BISIYIBONA indlela yayo ingwazi yeLadysmith Black Mambazo, uMdletshe Albert Mazibuko, edlule emhlabeni ngeSonto eledule, emuva kokugula njengoba igcizelele kumfowabo isesibhedlela ukuthi ifuna ukufihlwa kuphi ngaphambi kokuthi kuyenele ngakusasa

time to read

1 mins

April 14, 2026

Isolezwe

Umndeni ukhalela ukubuya kwethambo loshonele eRussia

UKHALELA ukubuya kwethambo lomyeni okuthiwa ushonele eRussia, ngenyanga edlule, owesifazane waKwaVukaphansi, eMakhabeleni, eKranskop

time to read

1 mins

April 13, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Isiqalo esisha sothando kushada uKhuli noLamiez

BAVEZE ukuthi isiqalo sabo esisha sothando ukuzibophezela emshadweni, osaziwayo bakuleli uKhuli Chana noLamiez Holworthy, izolo, okusabalale izithombe zabo njengoba beziwushaya

time to read

1 min

April 13, 2026

Isolezwe

Isematheni eyokwehlukanisa kwabatholana kwi-Big Brother Mzansi

ISIPHENDUKE indaba egudwini ezinkundleni zokuxhumana eyokuphela komshado kaThato Immaculate Mthombeni noGashwan \"Gash 1\" Mthombeni, ababopha ifindo likasofasilahlane emuva kokutholana endlini ohlelweni lwethevishini i-Big Brother Mzansi eminyakeni edlule

time to read

1 min

April 13, 2026

Listen

Translate

Share

-
+

Change font size