Impunyela isola uMkhwanazi ngokuyihlanganyela nezimbangi
Isolezwe
|December 29, 2025
USOLA uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi ophethe amaphoyisa KwaZulu-Natal, usomabhizinisi uMnuz Calvin Mathibeli ngokugasela kwamaphoyisa emzini wakhe ngesonto eledlule.
UMathibeli uthe kumanje uzibona yena nomndeni wakhe besengozini, ngokufika kwala maphoyisa abephethe incwadi engekho emthethweni yokumbopha.
Uthe usola ukuthi impilo yakhe isengcupheni ngenxa yokuthi uMkhwanazi usebenzisana nabanikazi bezinkampani zabaqaphi ezihlukene nosomatekisi ukuqeda ngaye.
Usuku lukaKhisimusi uthi akaluchithanga nomndeni wakhe ngemuva kwalesi sigameko nokuyinto eqalayo ukwenzeka empilweni yakhe.
"Yinto eqale ngo-2019, lena ngilandelwa amaphoyisa ngenxa yokuthi kukhona abantu abanezinkampani zonogada nosomatekisi abasebenzisana noMkhwanazi, nabafuna ukuqeda ngempilo yami. Ngiphila kabuhlungu manje ngisabela nempilo yami ngenxa yokuthi manje kufike amaphoyisa ngingazi emzini wami ethi azongifuna kodwa ngenhlanhla bengingekho. Bafike bathi bazongibopha uma sekubhekwa incwadi egunyaza lokho akade eyiphethe, kuvela ukuthi ingumbombayi," kusho uMathibeli.
Diese Geschichte stammt aus der December 29, 2025-Ausgabe von Isolezwe.
Abonnieren Sie Magzter GOLD, um auf Tausende kuratierter Premium-Geschichten und über 9.000 Zeitschriften und Zeitungen zuzugreifen.
Sie sind bereits Abonnent? Anmelden
WEITERE GESCHICHTEN VON Isolezwe
Isolezwe
Kuthathwe nowesifazane oyophonswa imibuzo ngokufa kukaWarras
U-DJ Warras obephethe inkampani yonogada iJT VIP: Elite Guarding & VIP Protection Services kuvela ukuthi ubeyisebenzisa ngokuzimela ukuze ivikele amabhilidi ahlukene, engaqashiwe uhulumeni waseGoli.
1 min
December 19, 2025
Isolezwe
U-DJ Sox usewugodlela unyaka ozayo umculo omusha
UMAKADEBONA kaDJ, uMbusi \"DJ Sox\" Sokhela uthi ukuxinwa ngeminye yemisebenzi kumenze washaywa yisikhathi ekukhipheni umculo omusha.
1 min
December 19, 2025
Isolezwe
Isexwayiso ngesimo sezulu esibi ngoKhisimusi nangoNcibijane
ABE-SOUTH African Weather Service (SAWS), izangoma zezulu, bakhiphe isexwayiso ngesimo sezulu esingase sidale izinkinga ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi noNcibijane.
1 min
December 19, 2025
Isolezwe
Bakhungathekile bethola isidumbu sowomndeni ezimobeni
UKHUNGATHEKILE umndeni wowesilisa waseXobho, okutholakale isidumbu sakhe sinamanxeba emobeni ngoLwesithathu.
1 mins
December 19, 2025
Isolezwe
Unina kamsolwa 'ubalekise' ofakazi kwelokudlwengulwa kwengane
USOLWA ngokubalekisa ofakazi bengakazibhalisi izitatimende unina womfana okuthiwa udlwengule ingane yentombazane eGroutville, KwaDukuza, ngoMgqibelo.
2 mins
December 18, 2025
Isolezwe
'UWarras ubezigqaja ngobuZulu efuna umaskandi kwiGagasi'
USAZIWAYO osanda kubulawa ngokudutshulwa eGoli, ngoLwesibili, uWarrick \"DJ Warras\" Stock, uchazwe njengomuntu obezigqaja kakhulu ngokuba wumZulu.
1 min
December 18, 2025
Isolezwe
ULasizwe uphumele obala ngokuba nokhwantalala
UMETHULI wezinhlelo uLasizwe Dambuza usedalule ukuthi uphethwe wukhwantalala aselusukumele ngokuthi ayochitha amasonto ambalwa azayo nongoti bezengqondo.
1 min
December 17, 2025
Isolezwe
Umsindo ngokwehla kwezinga lamaSama
BANINGI osaziwayo abaphoxekile ngomqhudelwano wezindondo obubanjelwe eGallagher Convention Centre, eGoli, ngoMgqibelo, amaSouth African Music Awards (Samas).
1 mins
December 17, 2025
Isolezwe
Kubulawe okuthiwa ubeqoqa ngodli imali emphakathini
UDUTSHULWE wafa owesilisa waseMzimkhulu, okuvela ukuthi ubekade ewuhlalise lubhojozi umphakathi wakule ndawo ewukhokhisa o-R50 njalo uma kuphela inyanga.
1 mins
December 17, 2025
Isolezwe
Izinsolo zokungaziphathi kahle kogwaze isoka lafa
KUSOLWA ukungaziphathi kahle kowesifazane okuthiwa ugwaze isoka lakhe lafa eCato Crest, eMayville, ngoLwesihlanu.
1 mins
December 17, 2025
Listen
Translate
Change font size

