Facebook Pixel Ukhale ngezishaqane zakhe ezisebhange elahlwa elokubulala | Isolezwe - newspaper - Read this story on Magzter.com

Try GOLD - Free

Ukhale ngezishaqane zakhe ezisebhange elahlwa elokubulala

Isolezwe

|

July 11, 2025

UKHALE ngoR500 000 wakhe osebhange, athe ngeke akwazi ukufinyelela kuwo ukuze aqhubeke nokondla izingane zakhe uSfundo Bhengu (40), ezicelela ejajini laseNkantolo eNkulu yaseThekwini, izolo, ukuthi limshaye ngoswazi oluncane.

- ZIMBILI VILAKAZI

UBhengu noBongani Jali (28), abanikwe ithuba lokuthi bazikhalele ukuze bathole izigwebo ezincane, balahlwe yicala lokugwaza babulale umfundi waseDurban Girls Secondary ngoMeyi, ngonyaka odlule.

UWandile Ngcobo (17), owayefunda uGrade 11 ngesikhathi ebulawa, wahlaselwa yilaba ababili esele yedwa kubo.

Kuthiwa bangena kubo bantshontsha impahla okwakukhona kuyo ithelevishini, iselula, i-decoder ye-DStv base begwaza bebulala umufi, abambopha nge-pantyhose izandla, izinyawo nomlomo.

Mathathu amacala abebhekene nawo, kuwona kukhona elokubulala, elokugqekeza nelokubamba inkunzi ngaphansi kwezimo ezinzima.

UBhengu okuthiwa wayengumakhelwane kamufi, uveze ukuthi unezingane ezinhlanu ezisencane, ezingasakutholi ukunakelwa kahle kulandela ukuboshwa kwakhe.

MORE STORIES FROM Isolezwe

Isolezwe

Umndeni ukhalela ukubuya kwethambo loshonele eRussia

UKHALELA ukubuya kwethambo lomyeni okuthiwa ushonele eRussia, ngenyanga edlule, owesifazane waKwaVukaphansi, eMakhabeleni, eKranskop

time to read

1 mins

April 13, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Isiqalo esisha sothando kushada uKhuli noLamiez

BAVEZE ukuthi isiqalo sabo esisha sothando ukuzibophezela emshadweni, osaziwayo bakuleli uKhuli Chana noLamiez Holworthy, izolo, okusabalale izithombe zabo njengoba beziwushaya

time to read

1 min

April 13, 2026

Isolezwe

Isematheni eyokwehlukanisa kwabatholana kwi-Big Brother Mzansi

ISIPHENDUKE indaba egudwini ezinkundleni zokuxhumana eyokuphela komshado kaThato Immaculate Mthombeni noGashwan \"Gash 1\" Mthombeni, ababopha ifindo likasofasilahlane emuva kokutholana endlini ohlelweni lwethevishini i-Big Brother Mzansi eminyakeni edlule

time to read

1 min

April 13, 2026

Isolezwe

Kujabule umndeni obungcwaba kuboshwa umsolwa obulale ngesihluku

UZITHAKASELE umndeni izindaba zokuboshwa kobeyisoka lowesifazane obulawe ngesihluku ngeledlule, eNkwezane, eDoringkop, KwaDukuza, izolo

time to read

1 min

April 13, 2026

Isolezwe

Sisabhibha kuHlabisa isilonda sokuphucwa iqatha emlonyeni yiМКР

UMHOLI we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, uthe ukuvumbuka kweqembu iMKP, kwabaphuca iqatha emlonyeni okhethweni lwango-2024, njengoba ekholelwa ukuthi babezozidlela amahlanga KwaZulu-Natal, ukuba lalingekho iqembu eliholwa owayengumengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma

time to read

1 min

April 10, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Anginqwahile nengqungquthela ye-IFP: Hlabisa

UMHOLI we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, usephumele obala wathi akavimbile ukuthi kube nengqungquthela yokukhetha ubuholi beqembu

time to read

1 mins

April 10, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Uthando Iwababukeli Iwenza luqhubeke uZalo: abadidiyeli

UKING David Muvhengo ongomunye wabadidiyeli wabadidiyeli bomdlalo Uzalo, useveze ukuthi uthando olulokhu lukhonjiswe ababukeli balo mdlalo, abagala kudala ukuwulandela, yilona olubagqugquzela ukuthi benze umsebenzi oncomekayo

time to read

1 min

April 10, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Uchaze ngokwenze kwabheda uhlelo umhleli womcimbi Uvukile

UMHLELI womcimbi Uvukile Gospel Music Festival, uPastor Mjosty useveze ukuthi konke akwenzile emcimbini obungeSonto, enkundleni yezemidlalo i-Sports and Leisure, ePort Shepstone ukwenze ngephakethe lakhe, okwenze ezinye izinto zangaba sezingeni ebelilindelekile.

time to read

1 min

April 09, 2026

Isolezwe

Isolezwe

OwoKhozi ucacisa ngokwenze wangezwakala ngosuku Iwakhe lokuqala

USEVEZE ukuthi udidwe wusuku obekumele angene ngalo, abezitshela ukuthi uMsombuluko hhayi entathakusa ngeSonto, umsakazi omusha emsakazweni Ukhozi FM, uMsizi Maphumulo Ntaka (32)

time to read

1 mins

April 09, 2026

Isolezwe

Isililo ligwetshwa iminyaka iphoyisa elabulala kwisivimbamgwaqo

Ngesikhathi endlalela isigwebo uNkk Reddy, usole uGumbi ngokusebenzisa kabi amandla akhe obuphoyisa, wathi wayengenza kangcono kakhulu ngesipiliyoni sakhe seminyaka engu-30, kunokukhetha ukudubula

time to read

1 mins

April 09, 2026

Listen

Translate

Share

-
+

Change font size