Try GOLD - Free
Ukhale ngezishaqane zakhe ezisebhange elahlwa elokubulala
Isolezwe
|July 11, 2025
UKHALE ngoR500 000 wakhe osebhange, athe ngeke akwazi ukufinyelela kuwo ukuze aqhubeke nokondla izingane zakhe uSfundo Bhengu (40), ezicelela ejajini laseNkantolo eNkulu yaseThekwini, izolo, ukuthi limshaye ngoswazi oluncane.
UBhengu noBongani Jali (28), abanikwe ithuba lokuthi bazikhalele ukuze bathole izigwebo ezincane, balahlwe yicala lokugwaza babulale umfundi waseDurban Girls Secondary ngoMeyi, ngonyaka odlule.
UWandile Ngcobo (17), owayefunda uGrade 11 ngesikhathi ebulawa, wahlaselwa yilaba ababili esele yedwa kubo.
Kuthiwa bangena kubo bantshontsha impahla okwakukhona kuyo ithelevishini, iselula, i-decoder ye-DStv base begwaza bebulala umufi, abambopha nge-pantyhose izandla, izinyawo nomlomo.
Mathathu amacala abebhekene nawo, kuwona kukhona elokubulala, elokugqekeza nelokubamba inkunzi ngaphansi kwezimo ezinzima.
UBhengu okuthiwa wayengumakhelwane kamufi, uveze ukuthi unezingane ezinhlanu ezisencane, ezingasakutholi ukunakelwa kahle kulandela ukuboshwa kwakhe.
This story is from the July 11, 2025 edition of Isolezwe.
Subscribe to Magzter GOLD to access thousands of curated premium stories, and 10,000+ magazines and newspapers.
Already a subscriber? Sign In
MORE STORIES FROM Isolezwe
Isolezwe
Indida ngengezamuzi ngengane 'edlwenguliwe'
UDIDEKILE umndeni wengane okuthiwa idlwengulwe enye eGroutville, KwaDukuza, umndeni kamsolwa okuthiwa ucela ukukhipha isamba semali esihambisana nenkomo nembuzi ngesigameko.
2 mins
January 09, 2026
Isolezwe
OweThonga noMbekezeli baqokwe kowezindondo
UMLINGISI onguMbali Dladla kwiThonga, uNoluthando Ngema, udalule ukuthi akubanga lula kuye ukufika kuleli zinga asekulo emkhakheni wokulingisa.
1 mins
January 09, 2026
Isolezwe
Isexwayiso ngamathikithi e-All White Party eMax's Lifestyle
ABAZOHAMBELA i-5th All White Day Party eMax's Lifestyle eMlaza kusasa, sebedonswe ngendlebe ukuba baqikelele ukuthi amathikithi abanawo abawathenge eWebtickets kuphela hhayi kwesinye isikhungo noma isitolo.
1 min
January 09, 2026
Isolezwe
Bebefuna ngodli imali yokuvikela abathelwe othulini amaphoyisa
BEBEHLALISE umphakathi lubhojozi, bewukhokhisa imali yokuvikela njalo ngesonto abayisihlanu abathelwe othulini amaphoyisa e-Area 10, KwaBester, eThekwini, izolo.
1 min
January 09, 2026
Isolezwe
Kuduma amakhanda kubulawa othandana nabanobulili obufana nobakhe
UMELWE yingqondo umndeni wowesifazane othandana nabantu abanobulili obufana nobakhe kulandela ukutholwa kwesidumbu sakhe sesonakele ekotishi lowesilisa osagcwele amathafa eZakhiweni, ePort Shepstone.
1 mins
January 08, 2026
Isolezwe
Indodana (2) kamaskanda nedumela ebantwini ngokulingisela uyise
INDODANA kaSaliwa, ongomunye wabaculi bakamaskandi abangaconsi kule ndima, isizakhele ugazi ebantwini ikakhulu kwabasebenzisa izinkundla zokuxhumana - ngama-vidiyo afakwa wuyise nabomndeni wakhe, lapho bekhombisa khona uthando lwayo lwesintu nokunye okuhambisana nakho, ilingisela uyise ngokukwenza.
1 min
January 08, 2026
Isolezwe
Kuxwayiswa abalandeli ngokunakashela kubaculi
ABALANDELI kumele bayibheke into abayisho kosaziwayo ngoba kuyezwela kubo
1 mins
January 08, 2026
Isolezwe
Kusolwa abangani ngokufa kowesifazane obeye emcimbini
UYATHIMULA umndeni wowesifazane waseMandeni, otholakale eseshonile otshanini kade ephume nabangani kukuhle kuyiwa emcimbini obungeSonto.
1 mins
January 08, 2026
Isolezwe
Ukhiphe isidumbu umbango wefa
KUTHIWA ubefuna ngodli ifa likamalume wakhe okuthiwa udubule wabulala umalumekazi eBhukhanana, eMpangeni, ngoLwesihlanu.
2 mins
January 07, 2026
Isolezwe
Sekuqoqwe ngaphezu kuka-R150 000 esikhwameni samadodana kaDJ Warras
KUSAQOQWE u-15% ka-R1 million okuhloswe ukuthi ufakwe esikhwameni sokusiza izingane ezintathu zikaWarrick \"DJ Warras\" Stock odutshulwe wabulawa eGoli maphakathi nenyanga edlule.
1 min
January 07, 2026
Listen
Translate
Change font size
