Facebook Pixel Ithemba ngohla lwabaqokwe nguRamaphosa ukufuqa eyesithangami | Isolezwe - newspaper - Read this story on Magzter.com

Try GOLD - Free

Ithemba ngohla lwabaqokwe nguRamaphosa ukufuqa eyesithangami

Isolezwe

|

June 12, 2025

THEMBA lami ngeNingizimu Afrika ebeselidliwe zintuli emva kokuwa kwalo ngenxa yezigemegeme ezehla imihla ngemihla, ngizibone ngiguqa phansi ngilicosha, emva kwenkulumo kaMengameli Cyril Ramaphosa, lapho ezivumele yena ukuthi impela inqanawe esikuyo siyizwe engathi izanyazanyiswa yizinkinga ezingale kwamandla kahulumeni.

Ithemba ngohla lwabaqokwe nguRamaphosa ukufuqa eyesithangami

Emva kokubala ngazinye izinkinga zaleli lizwe, umengameli ube esethula uhla lwabantu ababize nge-Eminent Persons Group (EPG) okuyibo abazohola ukusingathwa kohlelo Iwesithangami sikazwelonke okuyilapho izakhamuzi zilindelwe ukubhoboka khona ngenhlalo yazo ezweni.

Yini i-Eminent Persons Group? Lolu uhlaka olwakhiwe ngamalungu ahlonishwa kakhulu emphakathini, avelele emikhakheni akuyo nanolwazi olunzulu ngempilo jikele kanti ahlangiselwe ukuhlahla indlela akhiphe iziluleko eziba wudondolo ekusebenzeni kweziphathimandla.

Kucacele noma ngubani ukuthi izinkinga ezibhekene nezwe ziyaqonga kunokuba zehle. Imisebenzi iphela ubuthaphuthaphu - okusho ukuthi siyakhula kunokuba sehle isibalo sabangatohozi kuleli.

Umnotho usantengantenga ngenxa yezinqumo ezingaphusile ezithathwa yiziphathimandla.

Izinga lobugebengu liyashaqisa njengoba ezindaweni eziningi sezabuswa yizigcwelegcwele. Inkohlakalo idla lubi. Isililo samanzi sekwaba yingoma yamihla yonke nezikhalo ngogesi sekwaba yimvunge yansuku zonke. Izikhalo ngengqalasizinda engalungiswa sekwafana nomsindo wenkankane.

MORE STORIES FROM Isolezwe

Isolezwe

Isolezwe

Kubhekwe u-R798 million eThekwini ngempelasonto yeDurban July

KULINDELWE inzuzo yemali elinganiselwa ku-R798 million emnothweni wedolobha iTheku ngempelasonto yangesonto elizayo yomjaho wamahhashi nezemfashini waminyaka yonke iHollywoodbets Durban July.

time to read

1 min

June 26, 2026

Isolezwe

UNgizwe akayingeni eyokuxolisa kwabeLGBTQIA+

USAZIWAYO owayengumsakazi, uNgizwe Mchunu, akayingeni eyokuthobela isinqumo esikhishwe yiNkantolo yezokuLingana emhlawulise kanzima ngeledlule.

time to read

1 min

June 25, 2026

Isolezwe

Isolezwe

'U-R600 million awusetshenziswe ukubaphindisela emazweni abo'

U MHOLI wenhlangano elwa nabokufika abakuleli ngokungemthetho, uNkk Jacinta Ngobese-Zuma, ubuze ukuthi kungani uhulumeni engasebenzisi lo R600 million okuthiwa uzosebenza ukuqapha ezokuphepha ngoJuni 30, ukuhambisa abaseMalawi abaduve eThekwini.

time to read

2 mins

June 25, 2026

Isolezwe

Isolezwe

UNtanzi ucacisa ngokweseka iMarch and March

UMCULI wowokholo, u-Ayanda Ntanzi, ubhoboke ngokumenza aseke umkhankaso oholwa yinhlangano iMarch and March wokuxosha abantu basemazweni angaphandle abakuleli ngokungemthetho.

time to read

1 min

June 24, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Kuzogiya u-DJ Cndo ne Qwabe Twins kwi-Absa Run Your City

NGAPHANDLE kokubheka ngabomvu umjaho i-Absa Run Your City Durban 10km yanonyaka ozobe ugubha iminyaka eyisishiyagalolunye wasungulwa, abathandi bezokugijima eThekwini namaphethelo ngemuva komjaho bazozitika ngomculo wezihlabani zomculo, iQwabe Twins noDJ Cndo.

time to read

1 min

June 24, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Uvalo ngokuphepha emndenini wobulewe

UZWAKALISE okukhulu ukukhathazeka ngokuphepha kwawo umndeni kamastende obulawe eParkgate, eVerulam, ngeSonto, kuvela umsolwa oyedwa esikhundleni sabathathu eNkantolo yeMantshi yaseVerulam izolo.

time to read

2 mins

June 24, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Kuboshwe obekunesikhathi ezingelwa woKlebe

IZOVELA eNkantolo yeMantshi yaseMzimkhulu ngoLwesine indoda obese kuphele isikhathi esingaphezu konyaka ibalekela ingalo yomthetho.

time to read

1 min

June 23, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Udado (4) akaconsi phansi ngesimanga sezimpendulo zezibalo

IZINOMBOLO nokubala yinto evame ukuba yinkinga ebantwini abaningi ngisho abadala futhi abafundile imbala, kangangokuthi abanye baze babalekele isifundo sezibalo esikoleni ngoba bekholelwa ekutheni sibukhuni futhi asiqondeki kalula.

time to read

1 min

June 23, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Kuphela amazwi kwabazibonele kubulawa umastende

BAPHELELWA amagama okuchaza isihluku esenziwe ababulali, abazibonele abebeyiziqashi begwaza futhi begenca obengumastende wabo eParkgate, eVerulam, ngeSonto.

time to read

2 mins

June 23, 2026

Isolezwe

Bazonikwa amasu ezomnotho kosomabhizinisi basemakhaya

OSOMABHIZINISI basezindaweni zasemakhaya, abatshalimali nababhekele umnotho owakhiwa ezindaweni zasemakhaya bazocetshiswa ngamathuba okufeza lokho, ukuze kufukuleke izindawo zasemakhaya kwandiswe nezinhlelo zokutshala imali kuzona.

time to read

1 min

June 23, 2026

Listen

Translate

Share

-
+

Change font size