Prøve GULL - Gratis
Ithemba ngohla lwabaqokwe nguRamaphosa ukufuqa eyesithangami
Isolezwe
|June 12, 2025
THEMBA lami ngeNingizimu Afrika ebeselidliwe zintuli emva kokuwa kwalo ngenxa yezigemegeme ezehla imihla ngemihla, ngizibone ngiguqa phansi ngilicosha, emva kwenkulumo kaMengameli Cyril Ramaphosa, lapho ezivumele yena ukuthi impela inqanawe esikuyo siyizwe engathi izanyazanyiswa yizinkinga ezingale kwamandla kahulumeni.
-

Emva kokubala ngazinye izinkinga zaleli lizwe, umengameli ube esethula uhla lwabantu ababize nge-Eminent Persons Group (EPG) okuyibo abazohola ukusingathwa kohlelo Iwesithangami sikazwelonke okuyilapho izakhamuzi zilindelwe ukubhoboka khona ngenhlalo yazo ezweni.
Yini i-Eminent Persons Group? Lolu uhlaka olwakhiwe ngamalungu ahlonishwa kakhulu emphakathini, avelele emikhakheni akuyo nanolwazi olunzulu ngempilo jikele kanti ahlangiselwe ukuhlahla indlela akhiphe iziluleko eziba wudondolo ekusebenzeni kweziphathimandla.
Kucacele noma ngubani ukuthi izinkinga ezibhekene nezwe ziyaqonga kunokuba zehle. Imisebenzi iphela ubuthaphuthaphu - okusho ukuthi siyakhula kunokuba sehle isibalo sabangatohozi kuleli.
Umnotho usantengantenga ngenxa yezinqumo ezingaphusile ezithathwa yiziphathimandla.
Izinga lobugebengu liyashaqisa njengoba ezindaweni eziningi sezabuswa yizigcwelegcwele. Inkohlakalo idla lubi. Isililo samanzi sekwaba yingoma yamihla yonke nezikhalo ngogesi sekwaba yimvunge yansuku zonke. Izikhalo ngengqalasizinda engalungiswa sekwafana nomsindo wenkankane.
Denne historien er fra June 12, 2025-utgaven av Isolezwe.
Abonner på Magzter GOLD for å få tilgang til tusenvis av kuraterte premiumhistorier og over 9000 magasiner og aviser.
Allerede abonnent? Logg på
FLERE HISTORIER FRA Isolezwe
Isolezwe
Kwaze 'kwabhizi' eMzansi
EZINYE zezimoto ezishaqwe yi-Special Investigating Unit emzini oseSandton kaMnuz Hangwani Maumela (osesithombeni esishuthekiwe kwesokudla)
1 min
October 10, 2025
Isolezwe
'Wayehlale ehubha umkakhe ngezikhali'
U-principal 'wabulala umkakhe wabe esemfumbathisa isinqindi'
1 min
September 03, 2025
Isolezwe
Amagama osondonzima kwelokubulawa kwekhansela
KUVELE negama likaMnuz Khulubuse Zuma (osesithombeni esikhulu) ecaleni lokubulawa kwekhansela le-DA kuMasipala waseMngeni. Abasolwa, uMnuz Thobani Hlongwa, Mnuz Khayelihle Shabalala neNkosi Simphiwe Eric Zuma bebevele eNkantolo yeMantshi eHowick
1 min
September 02, 2025
Isolezwe
Bakhungathekile
UMNUZ Vusimuzi 'Cat' Matlala uvele eNkantolo yeMantshi yase-Alexandra nomkakhe uTsakani nabanye asolwa nabo ukuzocela ibheyili nokuhlehliselwe uSepthemba 2.
1 min
August 27, 2025
Isolezwe
Bezisatshwa nawunina izelamani 'ezibulele' ugogo nomalume
INGXENYE yabelaphi bendabuko abebehambele ingqungquthela yabo ebise-UKZN, eThekwini izolo. Bakhuthazwe ukuthi bangazenyezi ngomsebenzi wabo wokwelapha
1 min
August 20, 2025

Isolezwe
Umndeni ungcwabe umlenze isidumbu singatholakali
KUBE yinjabulo kuvulwa ifemu yakwaMahindra South Africa esinkudlwana eDube Trade Port eThekwini, izolo.
1 min
August 13, 2025
Isolezwe
UMphathiswa uyikhomba kwi-MK inkohlakalo
Uthi unobufakazi ngabantu bayo abatamuza amathenda nezikhundla
1 min
July 30, 2025
Isolezwe
Bacikwa yisigwebo sowabulala intombi ikhulelwe
Wayimuhluza odongeni eyibamba nesoka
1 min
July 23, 2025
Isolezwe
USithole udalula okuphekwa nguBadela kwiChippa United
UMGADLI weChippa United, uXolani Sithole, wethembisa ukuthi yena nozakwabo bazibophezele ngokubhukula ngesizini ezayo ka-2025/26, ukuletha injabulo kubalandeli baleli qembu abaleseka ngisho kunzima emidlalweni yasekhaya.
1 mins
July 16, 2025
Isolezwe
Umengameli ujaha ukhozi ngenja ngembizo yezigidigidi yomntakabani
MHLELI: Kwelakho elingihlaba umxhwele, ngicela ukusika elijikayo mayelana nembizo kaMengameli Cyril Ramaphosa. INingizimu Afrika inezakhiwo eziningi eziyizindlebe nemilomo yabantu okuyiPhalamende neziShayamthetho eziyisishiyagalolunye zezifundazwe.
1 mins
July 16, 2025
Listen
Translate
Change font size