試す 金 - 無料
Ezinye izithombululo zilele ekuqondeni umlando ojulile womndeni
Isolezwe
|June 17, 2025
NGESONTO eledlule ngikhulume kabanzi ohlelweni Ingono yoMsamo oKhozini FM, ngezinto ezihlasela imindeni nabantu bakuleyo mindeni. Inkulumo ibibhekise ekutheni kunemindeni njalo ngesikhathi esithize sonyaka kumbe ngenyanga thizeni bavelelwe umshophi othizeni.
-
Abaningi kugcina sekuthiwa abangachithi igazi kumbe bangayishisi impepho. Le mindeni nale mishophi bagcina sebephuma bethi bayohlola, ohambweni lwabo batshelwe okungekhona, okuphambana kakhulu nomsuka walokhu okusuke kubashaya.
Kunemindeni eseyazi ukuthi ngesikhathi esithizeni kukhona okuvelayo ekhaya okungumshophi omubi. Izinto ezivamise ukwenzeka ukufa noma ukulahleka kwemfuyo, ukushona kwabantu belandelana, nezinye izigemegeme ezehlukene. Uma bephuma, kuphakathi kokuthi kunukwe owomndeni, abanye bathandaze bangene ezinkonzweni batshelwe khona lapho ezinkonzweni. Benze abayalelwe khona kodwa kube nhlanga zimuka nomoya.
Lokhu-ke asihlali phansi sikucubungule ukuthi ngakube kudalwa yini ngempela. Ayikho into engenamlando nomsuka wayo. Lezi zigemegeme ezihlale zehlela imindeni namalungu akhona kusukela ezintweni eziningi esizibalile. Uma wenza ucwaningo uyathola ukuthi kusuke kunenkinga emlandweni walowo mndeni, izinto ezindala nezingxabano ezenzeka kwangathelelwana amanzi, ukubulalana emndenini, kokunye kukhona lona owaduka ekhaya elingaziwa ithuna lakhe, izigigaba ezenzeka, amanzi amnyama aphehlwa ngaphakathi ekhaya kuthakathwana, kuphinde kube indaba yenxiwa nezinkulumo ezaba yiziqalakiso emagcekeni ekhaya.
Uma zenzeka lezi zinto sivamisa ukuthi sishaye eceleni, sisho okuningi lapho sithi sisiza abantu ukuthi bazinqobe. Abanye kuze kukhonjwe emindenini, kuxatshaniswe imindeni igcine isibulalana, abanye bengasangenelani.
このストーリーは、Isolezwe の June 17, 2025 版からのものです。
Magzter GOLD を購読すると、厳選された何千ものプレミアム記事や、10,000 以上の雑誌や新聞にアクセスできます。
すでに購読者ですか? サインイン
Isolezwe からのその他のストーリー
Isolezwe
UMaKhwela uphawula ngokufika esithenjini sakwaMseleku
UNKOSIKAZI wesihlanu kaMusa Mseleku uSamkelisiwe Khwela osephumele obala okokuqala ngokungena esithenjini nokugqama ohlelweni uThando Nesithembu
1 min
February 26, 2026
Isolezwe
Kukhalwa ngedimoni esikoleni 'esinothisha ababhubhisa abafundi ngocansi'
BAVUTHA bengabaselwe abazali babafundi besikole saseMgababa, uMnganiwakhe High, bekhala ngedimoni lothisha abasolwa ngokuzitika ngocansi nabafundi.
2 mins
February 26, 2026
Isolezwe
Ugcine emxolelile uyise obengayizwa eyokumngcwaba
LUGCINE lugobile uphondo, wamngcwaba uyise owesilisa waseCopesville, eMgungundlovu, kulandela ukushaya phansi ngonyawo isikhathi eside ethi ngeke amngcwabe.
1 mins
February 26, 2026
Isolezwe
USbahle ukhathazwa abasamgcona ngokulimala kwakhe
UKHALA ngabantu abasaqhubeka nokuyigcona ngokulimala kwayo engozini yemoto indodakazi kaSbusiso Mpisane, uSbahle, eyaba sengozini yemoto eyayishiya ilimele kabi
1 min
February 25, 2026
Isolezwe
Odilikajele kwabanquma umuntu uqhoqhoqho ngebhodlela
BAPHELELWE amagama abesilisa ababili baseNanda ngesikhathi iNkantolo yesiFunda yaseNtuzuma ibagixabeza ngesigwebo sikadilikajele umuntu ngamunye ngecala lokunquma owesilisa uqhoqhoqho.
1 mins
February 25, 2026
Isolezwe
Kusolwa uXaba ngokuba nesandla sensimbi ezinganeni
Kusolwa uVJ Xaba ngokuba nesandla esingafani ezinganeni zakhe njengoba abaningi bemgxeke ngokungaphathi kahle enye yamadodana akhe uNdu esiqeshini sakamuva
1 min
February 25, 2026
Isolezwe
Utholwe elenga nezidumbu zamadodakazi owesilisa waseVerulam
KUSOLWA ukuthi uqale wabulala amadodakazi akhe amabili eneminyaka engu-4 nengu-7, owesilisa (37) waseVerulam, eThekwini, yena wase ezikhunga.
1 min
February 25, 2026
Isolezwe
Kuphela ukuqagela ngabaqhathwe kumaMetro FM Music Awards
NAPHEZU kokuthi amaqembu ezepolitiki ezwakalise ukukhathazeka ngoxhaso luka-R20 million lwamaMetro FM Music Awards eThekwini nonyaka, amalungiselelo ayaqhubeka njengoba ngoLwesine kuzomenyezelwa abaqokiwe.
1 min
February 24, 2026
Isolezwe
Indodana kasomatekisi (33) ecaleni lokudlwengula nokukhulelisa ona-14
SIVULELWE icala lokudlwengula nokukhulelisa ingane eneminyaka engu-13 indodana kasomatekisi odumile waseHammarsdale.
2 mins
February 24, 2026
Isolezwe
Bafe olwembiza bethola isidumbu sikathishanhloko
BAKHUNGATHEKILE ngokufa kukathishanhloko wesikole iMbonambi Primary, KwaMbonambi, okuvela ukuthi utholwe eshe wangqongqa emotweni yakhe ngoMgqibelo.
1 mins
February 24, 2026
Listen
Translate
Change font size

