मैगज़्टर गोल्ड के साथ असीमित हो जाओ

मैगज़्टर गोल्ड के साथ असीमित हो जाओ

10,000 से अधिक पत्रिकाओं, समाचार पत्रों और प्रीमियम कहानियों तक असीमित पहुंच प्राप्त करें सिर्फ

$149.99
 
$74.99/वर्ष

कोशिश गोल्ड - मुक्त

Ezinye izithombululo zilele ekuqondeni umlando ojulile womndeni

Isolezwe

|

June 17, 2025

NGESONTO eledlule ngikhulume kabanzi ohlelweni Ingono yoMsamo oKhozini FM, ngezinto ezihlasela imindeni nabantu bakuleyo mindeni. Inkulumo ibibhekise ekutheni kunemindeni njalo ngesikhathi esithize sonyaka kumbe ngenyanga thizeni bavelelwe umshophi othizeni.

Ezinye izithombululo zilele ekuqondeni umlando ojulile womndeni

Abaningi kugcina sekuthiwa abangachithi igazi kumbe bangayishisi impepho. Le mindeni nale mishophi bagcina sebephuma bethi bayohlola, ohambweni lwabo batshelwe okungekhona, okuphambana kakhulu nomsuka walokhu okusuke kubashaya.

Kunemindeni eseyazi ukuthi ngesikhathi esithizeni kukhona okuvelayo ekhaya okungumshophi omubi. Izinto ezivamise ukwenzeka ukufa noma ukulahleka kwemfuyo, ukushona kwabantu belandelana, nezinye izigemegeme ezehlukene. Uma bephuma, kuphakathi kokuthi kunukwe owomndeni, abanye bathandaze bangene ezinkonzweni batshelwe khona lapho ezinkonzweni. Benze abayalelwe khona kodwa kube nhlanga zimuka nomoya.

Lokhu-ke asihlali phansi sikucubungule ukuthi ngakube kudalwa yini ngempela. Ayikho into engenamlando nomsuka wayo. Lezi zigemegeme ezihlale zehlela imindeni namalungu akhona kusukela ezintweni eziningi esizibalile. Uma wenza ucwaningo uyathola ukuthi kusuke kunenkinga emlandweni walowo mndeni, izinto ezindala nezingxabano ezenzeka kwangathelelwana amanzi, ukubulalana emndenini, kokunye kukhona lona owaduka ekhaya elingaziwa ithuna lakhe, izigigaba ezenzeka, amanzi amnyama aphehlwa ngaphakathi ekhaya kuthakathwana, kuphinde kube indaba yenxiwa nezinkulumo ezaba yiziqalakiso emagcekeni ekhaya.

Uma zenzeka lezi zinto sivamisa ukuthi sishaye eceleni, sisho okuningi lapho sithi sisiza abantu ukuthi bazinqobe. Abanye kuze kukhonjwe emindenini, kuxatshaniswe imindeni igcine isibulalana, abanye bengasangenelani.

Isolezwe से और कहानियाँ

Isolezwe

Abuye ngezinkani amaphara edla umzila edolobheni eThekwini

IMILUTHA yewunga esivimbanise emgwaqweni uChe Guevara (Moore Road) enkabeni yeTheku

time to read

1 min

November 07, 2025

Isolezwe

Indida ngonyamalale ephelezela abebeyogeza ngembuzi emfuleni

Indida ngonyamalale ephelezela abebeyogeza ngembuzi emfuleni

time to read

1 min

October 29, 2025

Isolezwe

Isikhulu sonogada sikhomba usomatekisi ngokufa kukathisha

Isithombe: DOCTOR NGCOBO/INDEPENDENT NEWSPAPERS

time to read

1 min

October 28, 2025

Isolezwe

Isolezwe

HALALA BAFANA BAFANA!

KUFEZEKE iphupho leminyaka labathandi bebhola baseMzansi iBafana Bafana izibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba ezoba ngonyaka ozayo e-USA, Canada naseMexico.

time to read

1 min

October 15, 2025

Isolezwe

Injabulo kuBig Zulu ngokusebenza nendodakazi

Injabulo kuBig Zulu ngokusebenza nendodakazi

time to read

1 min

October 15, 2025

Isolezwe

Kwaze 'kwabhizi' eMzansi

EZINYE zezimoto ezishaqwe yi-Special Investigating Unit emzini oseSandton kaMnuz Hangwani Maumela (osesithombeni esishuthekiwe kwesokudla)

time to read

1 min

October 10, 2025

Isolezwe

'Wayehlale ehubha umkakhe ngezikhali'

U-principal 'wabulala umkakhe wabe esemfumbathisa isinqindi'

time to read

1 min

September 03, 2025

Isolezwe

Amagama osondonzima kwelokubulawa kwekhansela

KUVELE negama likaMnuz Khulubuse Zuma (osesithombeni esikhulu) ecaleni lokubulawa kwekhansela le-DA kuMasipala waseMngeni. Abasolwa, uMnuz Thobani Hlongwa, Mnuz Khayelihle Shabalala neNkosi Simphiwe Eric Zuma bebevele eNkantolo yeMantshi eHowick

time to read

1 min

September 02, 2025

Isolezwe

Bakhungathekile

UMNUZ Vusimuzi 'Cat' Matlala uvele eNkantolo yeMantshi yase-Alexandra nomkakhe uTsakani nabanye asolwa nabo ukuzocela ibheyili nokuhlehliselwe uSepthemba 2.

time to read

1 min

August 27, 2025

Isolezwe

Bezisatshwa nawunina izelamani 'ezibulele' ugogo nomalume

INGXENYE yabelaphi bendabuko abebehambele ingqungquthela yabo ebise-UKZN, eThekwini izolo. Bakhuthazwe ukuthi bangazenyezi ngomsebenzi wabo wokwelapha

time to read

1 min

August 20, 2025

Listen

Translate

Share

-
+

Change font size