Essayer OR - Gratuit
Ezinye izithombululo zilele ekuqondeni umlando ojulile womndeni
Isolezwe
|June 17, 2025
NGESONTO eledlule ngikhulume kabanzi ohlelweni Ingono yoMsamo oKhozini FM, ngezinto ezihlasela imindeni nabantu bakuleyo mindeni. Inkulumo ibibhekise ekutheni kunemindeni njalo ngesikhathi esithize sonyaka kumbe ngenyanga thizeni bavelelwe umshophi othizeni.
-
Abaningi kugcina sekuthiwa abangachithi igazi kumbe bangayishisi impepho. Le mindeni nale mishophi bagcina sebephuma bethi bayohlola, ohambweni lwabo batshelwe okungekhona, okuphambana kakhulu nomsuka walokhu okusuke kubashaya.
Kunemindeni eseyazi ukuthi ngesikhathi esithizeni kukhona okuvelayo ekhaya okungumshophi omubi. Izinto ezivamise ukwenzeka ukufa noma ukulahleka kwemfuyo, ukushona kwabantu belandelana, nezinye izigemegeme ezehlukene. Uma bephuma, kuphakathi kokuthi kunukwe owomndeni, abanye bathandaze bangene ezinkonzweni batshelwe khona lapho ezinkonzweni. Benze abayalelwe khona kodwa kube nhlanga zimuka nomoya.
Lokhu-ke asihlali phansi sikucubungule ukuthi ngakube kudalwa yini ngempela. Ayikho into engenamlando nomsuka wayo. Lezi zigemegeme ezihlale zehlela imindeni namalungu akhona kusukela ezintweni eziningi esizibalile. Uma wenza ucwaningo uyathola ukuthi kusuke kunenkinga emlandweni walowo mndeni, izinto ezindala nezingxabano ezenzeka kwangathelelwana amanzi, ukubulalana emndenini, kokunye kukhona lona owaduka ekhaya elingaziwa ithuna lakhe, izigigaba ezenzeka, amanzi amnyama aphehlwa ngaphakathi ekhaya kuthakathwana, kuphinde kube indaba yenxiwa nezinkulumo ezaba yiziqalakiso emagcekeni ekhaya.
Uma zenzeka lezi zinto sivamisa ukuthi sishaye eceleni, sisho okuningi lapho sithi sisiza abantu ukuthi bazinqobe. Abanye kuze kukhonjwe emindenini, kuxatshaniswe imindeni igcine isibulalana, abanye bengasangenelani.
Cette histoire est tirée de l'édition June 17, 2025 de Isolezwe.
Abonnez-vous à Magzter GOLD pour accéder à des milliers d'histoires premium sélectionnées et à plus de 9 000 magazines et journaux.
Déjà abonné ? Se connecter
PLUS D'HISTOIRES DE Isolezwe
Isolezwe
Uphumela obala ngokubhubhudla u-R6.2 million
OWESIFAZANE waseMtubatuba, namanje osengundabamlonyeni ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokuvela ohlelweni oluthi I Blew it, echaza ukuthi wayidla kanjani imali engu-R6
1 min
March 06, 2026
Isolezwe
Udube isigwebo olahlwe icala efuna kuxoshwe izintatheli
KUHLEHLISELWE usuku lwanamuhla ukugwetshwa kowesilisa olahlwe yicala lolubulala ngesihluku unina wengane yakhe owayengumfundi, kulandela ukwala kwakhe aphethe ukubuya ebhokisini, ethi akuxoshwe izintatheli
1 mins
March 06, 2026
Isolezwe
Uvalo ngokugobhoza kwegazi ngeyokwebiwa kwemfuyo
SIMANZONZO isimo eWeenen, ngaphansi kobukhosi beNkosi uSiphiwe Mvelase, ngenxa yokukhula mawala komkhuba wokwebiwa kwemfuyo
2 mins
March 06, 2026
Isolezwe
UThandiswa uzogubha iminyaka engu-50 ngedili lomculo eThekwini
INTANDOKAZI endimeni yomculo, uThandiswa Mazwai, ithe izizwa ibusisekile ngohambo ebe nalo emculweni, njengoba kulo nyaka igubha iminyaka engu-50 yazalwa
1 min
March 06, 2026
Isolezwe
Osaziwayo badube iChiefs esiwukudla kwenduku
KUCASULE ngisho osaziwayo ukudliwa kweKaizer Chiefs engelinye lamaqembu amakhulu kuleli ngoLwesibili ebusuku ephinde yakhala ngaphansi ngo 1-0 kwiRichards Bay FC, emdlalweni weBetway Premiership eMhlathuze Sports Complex, eMhlathuze
1 mins
March 05, 2026
Isolezwe
Intukuthelo emaRomeni kunikezwa ikhefu oFata abanobungoma
Lokhu - amalungu ebandla azifelayo ngalabo Fata - akutolika njengokushaywa kwabo ngesithende
1 mins
March 05, 2026
Isolezwe
Basabisa ngokusivala isikole abazali becikwa olukathishanhloko
ABAZALI abebedinwe begane unwabu bafunge bagomela ukuthi ngeke sivulwe isikole, uMkhumbane Secondary esiseChesterville, eThekwini, engabuyisiwe uthishanhloko waso omiswe isigubhukane.
1 mins
March 05, 2026
Isolezwe
Owaduma kuma-Idols uvuma ukuhlaselwa wukhwantalala
UMTHOKOZISI Ndaba owenza kahle ohlelweni oluthungatha amakhono abaculi kuleli ama-Idols SA, useveze ukuthi usekhathele wukubona abantu bethi akaphili kahle ekhanda
1 min
March 05, 2026
Isolezwe
Umsindo kuxoshwa umholi weSoul Brothers
ZIMAPEKETWANE izinto eqenjini eligubha ukuqeda iminyaka ewu-50 liyibambile insimbi ishisa emculweni wombhaqanga, iSoul Brothers, kangangoba sekunamalungu asekhonjwe indlela
1 mins
March 04, 2026
Isolezwe
Uzochaza ngokuyamaniswa nokudliwa kwemali yebhange kwiqophamlando
UMHOLI we-Economic Freedom Fighters, uJulius Malema, uthi akukho akufihlayo njengoba eyamaniswa nokubhubhudlwa kwemali yebhange iVBS Mutual Bank
1 min
March 04, 2026
Listen
Translate
Change font size
