कोशिश गोल्ड - मुक्त
Isigwebo ngeke simvuse uMagaga- umndeni
Isolezwe
|July 08, 2025
NAKUBA umndeni wowayengunobhala jikelele we-ANC Youth League, uMnuz Sindiso Magaqa, usishayela ihlombe isigwebo esiqinile esinikezwe inkabi elahlwe yicala lokumsoconga, kodwa uthi lesi sigwebo ngeke siwapholise amanxeba abhibhayo.
Umndeni uthe isigwebo esinikezwe uSibusiso Ncengwa, ngeke siwapholise amanxeba adalwa wukubulawa kukaMagaqa.
Uthe unethemba lokuthi ukugwetshwa kukaNcengwa, kuzoholela ekutheni kuboshwe obhongoza ababemthumile. Umndeni ubukhuluma emva kokuba iNkantolo eNkulu eMgungundlovu, igwebe uNcengwa iminyaka engu-25 ebhadla ejele ngecala lokusoconga uMagaqa.
Inkantolo igwebe uNcengwa iminyaka engu-25 ebhadla ejele ngecala lokwakha itulo lokusoconga uMagaqa.
Uphinde wagwetshelwa amacala amathathu okuzama ukubulala, awokucekela impahla kanye nelokutholakala nesibhamu nezinhlamvu ezingekho emthethweni.
Esewonke amacala agwetshelwe wona ayishumi nanye.
Zonke lezi zigwebo uzozidonsa kanye kanye.
यह कहानी Isolezwe के July 08, 2025 संस्करण से ली गई है।
हजारों चुनिंदा प्रीमियम कहानियों और 10,000 से अधिक पत्रिकाओं और समाचार पत्रों तक पहुंचने के लिए मैगज़्टर गोल्ड की सदस्यता लें।
क्या आप पहले से ही ग्राहक हैं? साइन इन करें
Isolezwe से और कहानियाँ
Isolezwe
Kuduma amakhanda kubulawa othandana nabanobulili obufana nobakhe
UMELWE yingqondo umndeni wowesifazane othandana nabantu abanobulili obufana nobakhe kulandela ukutholwa kwesidumbu sakhe sesonakele ekotishi lowesilisa osagcwele amathafa eZakhiweni, ePort Shepstone.
1 mins
January 08, 2026
Isolezwe
Indodana (2) kamaskanda nedumela ebantwini ngokulingisela uyise
INDODANA kaSaliwa, ongomunye wabaculi bakamaskandi abangaconsi kule ndima, isizakhele ugazi ebantwini ikakhulu kwabasebenzisa izinkundla zokuxhumana - ngama-vidiyo afakwa wuyise nabomndeni wakhe, lapho bekhombisa khona uthando lwayo lwesintu nokunye okuhambisana nakho, ilingisela uyise ngokukwenza.
1 min
January 08, 2026
Isolezwe
Kuxwayiswa abalandeli ngokunakashela kubaculi
ABALANDELI kumele bayibheke into abayisho kosaziwayo ngoba kuyezwela kubo
1 mins
January 08, 2026
Isolezwe
Kusolwa abangani ngokufa kowesifazane obeye emcimbini
UYATHIMULA umndeni wowesifazane waseMandeni, otholakale eseshonile otshanini kade ephume nabangani kukuhle kuyiwa emcimbini obungeSonto.
1 mins
January 08, 2026
Isolezwe
Ukhiphe isidumbu umbango wefa
KUTHIWA ubefuna ngodli ifa likamalume wakhe okuthiwa udubule wabulala umalumekazi eBhukhanana, eMpangeni, ngoLwesihlanu.
2 mins
January 07, 2026
Isolezwe
Sekuqoqwe ngaphezu kuka-R150 000 esikhwameni samadodana kaDJ Warras
KUSAQOQWE u-15% ka-R1 million okuhloswe ukuthi ufakwe esikhwameni sokusiza izingane ezintathu zikaWarrick \"DJ Warras\" Stock odutshulwe wabulawa eGoli maphakathi nenyanga edlule.
1 min
January 07, 2026
Isolezwe
Sisuse ukukhuluma isigqebhe somsakazi woKhozi FM
KUHLUKENE imibono ngesiketi esifishane ebesigqokwe wumsakazi woKhozi FM, uBingelela Mpanza, ngesikhathi ephethe uhlelo kwiMthandeni Summer Experience eMdletsheni ngempelasonto.
1 min
January 07, 2026
Isolezwe
Intukuthelo kubekwa 'inkosi phezu kwenye' esizweni samaBhaca
SEKUQUBUKE uvalo ebantwini baseMzimkhulu abangamaBhaca ngemuva kokuba kwethulwe enye inkosi ekubeni ikhona inkosi ebusa endaweni.
2 mins
January 07, 2026
Isolezwe
Isililo nolaka uMbuso Khoza ehoxa kuKhozi FM
ABALALELI boKhozi FM bafe olwembiza ngesikhathi umculi we-world music, uMbuso Khoza, ememezela ukuthi usethi khumu ekuvolontiyeni ohlelweni lukaDudu Khoza, iJabul' Ujule ngoLwezihlanu.
1 min
January 06, 2026
Isolezwe
Uzoqhubeka nokuqopha uMakhadzi osengozimakhaza
UMYALELO awunikwe wudokotela wokuhlala ekhaya amasonto ayishumi ukuze alulame ekulimaleni engozini yemoto, umculi uMakhadzi uwubona njengethuba lokubhala umculo omusha.
1 min
January 06, 2026
Listen
Translate
Change font size
