कोशिश गोल्ड - मुक्त

Intukuthelo kubekwa 'inkosi phezu kwenye' esizweni samaBhaca

Isolezwe

|

January 07, 2026

SEKUQUBUKE uvalo ebantwini baseMzimkhulu abangamaBhaca ngemuva kokuba kwethulwe enye inkosi ekubeni ikhona inkosi ebusa endaweni.

- NKOSIKHONA CELE

Intukuthelo kubekwa 'inkosi phezu kwenye' esizweni samaBhaca

INKOSI Xolani Zulu noMphathiswa wezokuBusa nokuBambisana KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi ngelanga ibekwa Isithombe: SIGCINIWE

(SIGCINIWE)

NgoDisemba 30, kube nendumezulu yembizo lapho khona uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, obuzokwethula khona ngokusemthethweni uMnuz uXolani Zulu njengeNkosi yaseMfulamhle, okuyindawo engaphansi koMzimkhulu.

Le mbizo iqhubeke ngaphezulu kokuba amaBhaca asekuveze kaningi ukuthi kawahambisani nokubekwa kukaZulu njengenkosi yakule ndawo.

Esithangami sabezindaba esabizwa yiNkosi yamaBhaca yaseMzimkhulu, uNtobeko Msingaphantsi, yezwakalisa ukuphoxeka kwayo okukhulu ngezindaba zokuthi uZulu uzobekwa abe yinkosi eMfulamhle.

UMsingaphantsi wachaza lokhu njengento eyimbudane wase ehlaba ehlikiza uMphathiswa woMnyango wezokuBusa, uMfu Thulasizwe Buthelezi, wathi uyena odala uqhekeko esizweni samaBhaca. UMnyango waziphendulela ngalezi zinsolo uzichitha kodwa wathi uyazi ngodaba lwaseMfulamhle, eMzimkhulu. Kwakuphawula uMnuz Senzelwe Mzila okhulumela lo Mnyango.

Nokho njengoba ukwethulwa kukaZulu kugcine kwenzekile, umphakathi uvutha ungabaselwe njengoba ukholwa ukuthi uyachwenswa futhi usola uMnyango wezokuBusa ngemizamo yokudla ngodli isizwe samaBhaca.

Isolezwe से और कहानियाँ

Isolezwe

Ukhiphe isidumbu umbango wefa

KUTHIWA ubefuna ngodli ifa likamalume wakhe okuthiwa udubule wabulala umalumekazi eBhukhanana, eMpangeni, ngoLwesihlanu.

time to read

2 mins

January 07, 2026

Isolezwe

Sekuqoqwe ngaphezu kuka-R150 000 esikhwameni samadodana kaDJ Warras

KUSAQOQWE u-15% ka-R1 million okuhloswe ukuthi ufakwe esikhwameni sokusiza izingane ezintathu zikaWarrick \"DJ Warras\" Stock odutshulwe wabulawa eGoli maphakathi nenyanga edlule.

time to read

1 min

January 07, 2026

Isolezwe

Sisuse ukukhuluma isigqebhe somsakazi woKhozi FM

KUHLUKENE imibono ngesiketi esifishane ebesigqokwe wumsakazi woKhozi FM, uBingelela Mpanza, ngesikhathi ephethe uhlelo kwiMthandeni Summer Experience eMdletsheni ngempelasonto.

time to read

1 min

January 07, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Intukuthelo kubekwa 'inkosi phezu kwenye' esizweni samaBhaca

SEKUQUBUKE uvalo ebantwini baseMzimkhulu abangamaBhaca ngemuva kokuba kwethulwe enye inkosi ekubeni ikhona inkosi ebusa endaweni.

time to read

2 mins

January 07, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Isililo nolaka uMbuso Khoza ehoxa kuKhozi FM

ABALALELI boKhozi FM bafe olwembiza ngesikhathi umculi we-world music, uMbuso Khoza, ememezela ukuthi usethi khumu ekuvolontiyeni ohlelweni lukaDudu Khoza, iJabul' Ujule ngoLwezihlanu.

time to read

1 min

January 06, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Uzoqhubeka nokuqopha uMakhadzi osengozimakhaza

UMYALELO awunikwe wudokotela wokuhlala ekhaya amasonto ayishumi ukuze alulame ekulimaleni engozini yemoto, umculi uMakhadzi uwubona njengethuba lokubhala umculo omusha.

time to read

1 min

January 06, 2026

Isolezwe

Bashaya amakhala ngokubulawa kukasomabhizinisi 'otholwe nama-AK47'

UYATHIMULA ukholwa wukuthi kukhona okunuka saNtungwana umndeni kasomabhizinisi wase Vongo, eMargate, ePort Shepstone, odutshulwe ngoyaba lwezinhlamvu ngamaphoyisa washonela khona lapho phambi komkakhe nezingane zakhe.

time to read

1 mins

January 06, 2026

Isolezwe

UMafikizolo uveza imfihlo ngokunqoba kweyonyaka

UMCULI kamaskandi ohlukanise unyaka kuKhozi FM nakuSABC 1 ngengoma ethi Uzoncengwa Unyoko, uLethukuthula \"Mafikizolo\" Mhlongo, uveze okumenze wanqoba lo mqhudelwano

time to read

1 mins

January 05, 2026

Isolezwe

Usizi abayizihlobo bebulawa bebuya emcimbini womndeni

USATHUTHUMELA umndeni waseBangibizo, eMthwalume, ngowesilisa obuye wazobulala abomndeni ababili, kulandela ingxabano eyenzeke emgwaqweni ngoMgqibelo.

time to read

1 mins

January 05, 2026

Isolezwe

Umkhuleko ubuseqhulwini emcimbini kaMthandeni SK

UQHAKAMBISE uNkulunkulu ngempumelelo yomcimbi wakhe uMthandeni SK, obehlele indumezulu iMthandeni Summer Experience ngakubo eMdletsheni, ngempelasonto.

time to read

1 min

January 05, 2026

Listen

Translate

Share

-
+

Change font size