Kuthiwa ubeshela ingane ena-12 umfundisi oboshelwe elokubulala isaguga
Isolezwe
|July 15, 2025
UBESANDA kukhuzwa ngomkhuba wokubhala izincwadi, eshela umzukulwana (12) wesaguga (70) okuthiwa usibulale ngesihluku eMphazima, eMondlo, owesilisa obezenza umfundisi. Umufi kuthiwa utholwe esethule ngeSonto, ngasethoyilethi lomgodi ekhaya lakhe enamanxeba okuklinywa nokudutshulwa. Umsolwa naye kuthiwa ubanjwe ngosuku olufanayo eMgabadeli, eJozini, lapho ebesebalekele khona ehamba nabazukulwana bakamufi ababili. Kubona kukhona lona okuthiwa ubede embhalela izincwadi emshela, okuvela ukuthi umdlwengulile, kanjalo nomunye oneminyaka emine. Isihlobo esisondelene kakhulu nabathintekayo siveze ukuthi bese kunesikhathi umsolwa ebhala izincwadi, abuye azishutheke o-chocolate eshela umgilwa (12). "Ngacela umufi ukuthi akayikhuze le nto. Kodwa ngibuye ngathola ukuthi iyaqhubeka njengoba umgilwa engifonele ngoLwesihlanu ekhala, ethi usecela ukuyohlala kubo kayise ngoba 'umfundisi' usaqhubeka nokumbhalela izincwadi," kudalula isihlobo. Sithe sithathe ucingo sashayela umufi, simtshela ukuthi akaphinde akhuze umsolwa. Kasigcinanga lapho, sibuye samshayela ngokwaso, simtshela ukuthi akahlukane phansi nengane. "Akazange aphike," kusho isihlobo.
-
Sithe bekunguMgqibelo ngesikhathi sithola ukuthi umufi nabazukulwana banyamalele.
"Ngibafonele kodwa lutho ukubathola ezingcingweni. Ngize ngathuma isihlobo ukuthi siyongibhekela, sabuyisa nomyalezo othi abekho futhi kukhiyiwe ekhaya," kubeka isihlobo.
Sithe sigcine sinikela ekhaya ngeSonto, nokuyilapho esizithele khona bezu kwamaphoyisa ehlola indawo yesigameko, lapho okutholwe khona umufi esebanda.
Esta historia es de la edición July 15, 2025 de Isolezwe.
Suscríbete a Magzter GOLD para acceder a miles de historias premium seleccionadas y a más de 9000 revistas y periódicos.
¿Ya eres suscriptor? Iniciar sesión
MÁS HISTORIAS DE Isolezwe
Isolezwe
Kuthathwe nowesifazane oyophonswa imibuzo ngokufa kukaWarras
U-DJ Warras obephethe inkampani yonogada iJT VIP: Elite Guarding & VIP Protection Services kuvela ukuthi ubeyisebenzisa ngokuzimela ukuze ivikele amabhilidi ahlukene, engaqashiwe uhulumeni waseGoli.
1 min
December 19, 2025
Isolezwe
U-DJ Sox usewugodlela unyaka ozayo umculo omusha
UMAKADEBONA kaDJ, uMbusi \"DJ Sox\" Sokhela uthi ukuxinwa ngeminye yemisebenzi kumenze washaywa yisikhathi ekukhipheni umculo omusha.
1 min
December 19, 2025
Isolezwe
Isexwayiso ngesimo sezulu esibi ngoKhisimusi nangoNcibijane
ABE-SOUTH African Weather Service (SAWS), izangoma zezulu, bakhiphe isexwayiso ngesimo sezulu esingase sidale izinkinga ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi noNcibijane.
1 min
December 19, 2025
Isolezwe
Bakhungathekile bethola isidumbu sowomndeni ezimobeni
UKHUNGATHEKILE umndeni wowesilisa waseXobho, okutholakale isidumbu sakhe sinamanxeba emobeni ngoLwesithathu.
1 mins
December 19, 2025
Isolezwe
Unina kamsolwa 'ubalekise' ofakazi kwelokudlwengulwa kwengane
USOLWA ngokubalekisa ofakazi bengakazibhalisi izitatimende unina womfana okuthiwa udlwengule ingane yentombazane eGroutville, KwaDukuza, ngoMgqibelo.
2 mins
December 18, 2025
Isolezwe
'UWarras ubezigqaja ngobuZulu efuna umaskandi kwiGagasi'
USAZIWAYO osanda kubulawa ngokudutshulwa eGoli, ngoLwesibili, uWarrick \"DJ Warras\" Stock, uchazwe njengomuntu obezigqaja kakhulu ngokuba wumZulu.
1 min
December 18, 2025
Isolezwe
ULasizwe uphumele obala ngokuba nokhwantalala
UMETHULI wezinhlelo uLasizwe Dambuza usedalule ukuthi uphethwe wukhwantalala aselusukumele ngokuthi ayochitha amasonto ambalwa azayo nongoti bezengqondo.
1 min
December 17, 2025
Isolezwe
Umsindo ngokwehla kwezinga lamaSama
BANINGI osaziwayo abaphoxekile ngomqhudelwano wezindondo obubanjelwe eGallagher Convention Centre, eGoli, ngoMgqibelo, amaSouth African Music Awards (Samas).
1 mins
December 17, 2025
Isolezwe
Kubulawe okuthiwa ubeqoqa ngodli imali emphakathini
UDUTSHULWE wafa owesilisa waseMzimkhulu, okuvela ukuthi ubekade ewuhlalise lubhojozi umphakathi wakule ndawo ewukhokhisa o-R50 njalo uma kuphela inyanga.
1 mins
December 17, 2025
Isolezwe
Izinsolo zokungaziphathi kahle kogwaze isoka lafa
KUSOLWA ukungaziphathi kahle kowesifazane okuthiwa ugwaze isoka lakhe lafa eCato Crest, eMayville, ngoLwesihlanu.
1 mins
December 17, 2025
Listen
Translate
Change font size

