Facebook Pixel {العنوان: سلسلة} | {اسم المغناطيس: سلسلة} - {الفئة: سلسلة} - اقرأ هذه القصة على Magzter.com

يحاول ذهب - حر

Kuthiwa ubeshela ingane ena-12 umfundisi oboshelwe elokubulala isaguga

July 15, 2025

|

Isolezwe

UBESANDA kukhuzwa ngomkhuba wokubhala izincwadi, eshela umzukulwana (12) wesaguga (70) okuthiwa usibulale ngesihluku eMphazima, eMondlo, owesilisa obezenza umfundisi. Umufi kuthiwa utholwe esethule ngeSonto, ngasethoyilethi lomgodi ekhaya lakhe enamanxeba okuklinywa nokudutshulwa. Umsolwa naye kuthiwa ubanjwe ngosuku olufanayo eMgabadeli, eJozini, lapho ebesebalekele khona ehamba nabazukulwana bakamufi ababili. Kubona kukhona lona okuthiwa ubede embhalela izincwadi emshela, okuvela ukuthi umdlwengulile, kanjalo nomunye oneminyaka emine. Isihlobo esisondelene kakhulu nabathintekayo siveze ukuthi bese kunesikhathi umsolwa ebhala izincwadi, abuye azishutheke o-chocolate eshela umgilwa (12). "Ngacela umufi ukuthi akayikhuze le nto. Kodwa ngibuye ngathola ukuthi iyaqhubeka njengoba umgilwa engifonele ngoLwesihlanu ekhala, ethi usecela ukuyohlala kubo kayise ngoba 'umfundisi' usaqhubeka nokumbhalela izincwadi," kudalula isihlobo. Sithe sithathe ucingo sashayela umufi, simtshela ukuthi akaphinde akhuze umsolwa. Kasigcinanga lapho, sibuye samshayela ngokwaso, simtshela ukuthi akahlukane phansi nengane. "Akazange aphike," kusho isihlobo.

Sithe bekunguMgqibelo ngesikhathi sithola ukuthi umufi nabazukulwana banyamalele.

"Ngibafonele kodwa lutho ukubathola ezingcingweni. Ngize ngathuma isihlobo ukuthi siyongibhekela, sabuyisa nomyalezo othi abekho futhi kukhiyiwe ekhaya," kubeka isihlobo.

Sithe sigcine sinikela ekhaya ngeSonto, nokuyilapho esizithele khona bezu kwamaphoyisa ehlola indawo yesigameko, lapho okutholwe khona umufi esebanda.

المزيد من القصص من Isolezwe

Isolezwe

Zizoshukumisa izinkakha izinguquko emsakazweni Ukhozi FM

ITHINTE izinkakha zomsakazo kulo nyaka izinguquko zokushintshwa kwabasakazi emsakazweni Ukhozi FM, njengoba kuvela ukuthi abasakazi abadumile, abanye babo bakhethe ukungazivuseleli izinkontileka kanti abanye bancishiselwe izinsuku abazozwakala ngazo ezinhlelweni zabo

time to read

1 min

March 19, 2026

Isolezwe

Usizi uthisha ephula umfundi ngemoto esikoleni

UVUTHA engabaselwe umzali womfundi oshayiswe wuthisha ngemoto waphuka esemagcekeni esikole ngoMsombuluko ekuseni

time to read

1 mins

March 19, 2026

Isolezwe

Uvalo othisha bebanjwa inkunzi esikoleni

SESIGXEKWE nawuMphathiswa woMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, isigameko sokubanjwa inkunzi kothisha abafundisa esikoleni iZamokuhle Primary, KwaMashu

time to read

1 min

March 19, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Umndeni umagange ngokuqulwa kwelokubulawa kwephoyisa

UFISA kube wukuthi bese lihlehliswa okokugcina yiNkantolo yeMantshi yaseThekwini, icala lokubulawa kwephoyisa laseCato Manor, eMayville, umndeni walo, olokhu ugqigqe njalo enkantolo

time to read

1 min

March 18, 2026

Isolezwe

Uphuthunyiswe esibhedlela uthisha okhonjwe ngezibhamu esikoleni

UNGENISWE esibhedlela ngenxa yokwethuka ngokweqile uthisha wesifazane wasesikoleni, oKumhlophe Secondary, kwaZeMlaza, okungene amadoda amabili emagcekeni esikole amkhomba ngezibhamu emsola ngokudla imali yomhlaba waseNkandla

time to read

1 mins

March 18, 2026

Isolezwe

Isolezwe

USgqemeza 'uzicelela ukususwa ohlelweni lwasekuseni'

EKUVELE izindaba zokuthi ufuna ukususwa ohlelweni lwasekuseni emsakazweni uKhozi FM, uSipho Mbatha, odume ngelikaDJ Sgqemeza kubalandeli bakhe

time to read

1 min

March 18, 2026

Isolezwe

Isolezwe

ULebo M ufuna isinxephezelo sika-R334 million kusomahlaya

ITHATHE elinye igxathu impi ngengoma phakathi kukaphrojusa wodumo lomculo we-The Lion King, uLebo M, nosomahlaya uLearnmore Jonasi njengoba esemfake enkantolo embophela u-$20 million (R334

time to read

1 min

March 18, 2026

Isolezwe

Imvunge kubuyiswa othisha abasolwa ngokuzitika ngabafundi

BAVUTHA bengabaselwe abazali babafundi basesikoleni saseMgababa, iMnganiwakhe High, abanengwa ukubuyiswa kothisha ebebekade benyamalele esikoleni ngenxa yokuthi bebesolwa ngokuzitika ngocansi nabafundi.

time to read

1 mins

March 17, 2026

Isolezwe

Kumvulele iminyango emikhulu ukuqopha ama-video uMakaTha

NESIFISO sokuba ngomunye wabadidiyeli abakhulu emidlalweni yethelevishini uSimthande Myeza (29), kulezi zinsuku obuye ngegiya eliphezulu, ngokuqopha ama-video amahlaya awafake ezinkundleni zokuxhumana

time to read

1 min

March 17, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Ubeshoshelwe elokuzama ukubulala umfowabo oweWest obehlasela amaphoyisa ambulala

BUBOSHELWE icala lokuzama ukubulala umfowabo umgulukudu weqembu lezigelekeqe, iWest, okuthiwa ugcine ubulawa amaphoyisa esiteshini saseNtuzuma, kulandela ukuzama ukuwadubula.

time to read

1 min

March 17, 2026

Listen

Translate

Share

-
+

Change font size