Intentar ORO - Gratis
Uyasongelwa umndeni womfundi ozibulele emva 'kokuthunjwa abamatekisi'
Isolezwe
|June 18, 2025
USUTHOLA izinsongo umndeni womfundi ozibulele ngeledlule waseMaphephetheni, eNanda, kulandela ukushaqwa kwababili abasolwa ngokumthumba baphinde bamdlwengule bephindelela ngasekuqaleni kwale nyanga. U-Athabile Khanyi (17) obefunda uGrade 11 esikoleni iMakhapha Combined, ushonele esibhedlela ngoLwesine olwedlule.
Lokhu kulandela ukuphuza inqwaba yamaphilisi ngoMsombuluko odlule, emva kokubuyiswa abasolwa ababili, okuthiwa babemthumbe impelasonto yonke, beshintshana ngaye, bemdlwengula. Abasolwa abesilisa abaziwayo endaweni, abasebenza ematekisini angaphansi kweMaphephetheni Taxi Association.
Olwezinsongo ezibhekiswe emndenini, luvezwe udadewabo kamufi uNksz Ntombifikile Mthembu izolo, ngesikhathi umphakathi nabafundi bezikole zendawo abebevutha bengabaselwe, bebhikishe baya erenki yamatekisi.
UNksz Mthembu uthe emva kokulandwa kwabasolwa amaphoyisa ngoMsombuluko kuleli sonto, baqalile ukungenelwa izingcingo ebezithi abagawule babheke.
"Abasifonelayo ngezinombolo ezifihliwe bathi akoba kuhle ukuthi sizifihle nathi njengoba kwenzeka kanje," kusho uNksz Mthembu.
Uthe bafuna ukucacisa ukuthi ngeke basatshiswe abantu abangabazi, ngesihlobo sabo esihlukunyezwe ngesihluku abasolwa abaziwayo endaweni.
"Sizolwa kuze kube sekugcineni ngo-Atha," usho kanje.
Esta historia es de la edición June 18, 2025 de Isolezwe.
Suscríbete a Magzter GOLD para acceder a miles de historias premium seleccionadas y a más de 9000 revistas y periódicos.
¿Ya eres suscriptor? Iniciar sesión
MÁS HISTORIAS DE Isolezwe
Isolezwe
Abuye ngezinkani amaphara edla umzila edolobheni eThekwini
IMILUTHA yewunga esivimbanise emgwaqweni uChe Guevara (Moore Road) enkabeni yeTheku
1 min
November 07, 2025
Isolezwe
Indida ngonyamalale ephelezela abebeyogeza ngembuzi emfuleni
Indida ngonyamalale ephelezela abebeyogeza ngembuzi emfuleni
1 min
October 29, 2025
Isolezwe
Isikhulu sonogada sikhomba usomatekisi ngokufa kukathisha
Isithombe: DOCTOR NGCOBO/INDEPENDENT NEWSPAPERS
1 min
October 28, 2025
Isolezwe
HALALA BAFANA BAFANA!
KUFEZEKE iphupho leminyaka labathandi bebhola baseMzansi iBafana Bafana izibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba ezoba ngonyaka ozayo e-USA, Canada naseMexico.
1 min
October 15, 2025
Isolezwe
Injabulo kuBig Zulu ngokusebenza nendodakazi
Injabulo kuBig Zulu ngokusebenza nendodakazi
1 min
October 15, 2025
Isolezwe
Kwaze 'kwabhizi' eMzansi
EZINYE zezimoto ezishaqwe yi-Special Investigating Unit emzini oseSandton kaMnuz Hangwani Maumela (osesithombeni esishuthekiwe kwesokudla)
1 min
October 10, 2025
Isolezwe
'Wayehlale ehubha umkakhe ngezikhali'
U-principal 'wabulala umkakhe wabe esemfumbathisa isinqindi'
1 min
September 03, 2025
Isolezwe
Amagama osondonzima kwelokubulawa kwekhansela
KUVELE negama likaMnuz Khulubuse Zuma (osesithombeni esikhulu) ecaleni lokubulawa kwekhansela le-DA kuMasipala waseMngeni. Abasolwa, uMnuz Thobani Hlongwa, Mnuz Khayelihle Shabalala neNkosi Simphiwe Eric Zuma bebevele eNkantolo yeMantshi eHowick
1 min
September 02, 2025
Isolezwe
Bakhungathekile
UMNUZ Vusimuzi 'Cat' Matlala uvele eNkantolo yeMantshi yase-Alexandra nomkakhe uTsakani nabanye asolwa nabo ukuzocela ibheyili nokuhlehliselwe uSepthemba 2.
1 min
August 27, 2025
Isolezwe
Bezisatshwa nawunina izelamani 'ezibulele' ugogo nomalume
INGXENYE yabelaphi bendabuko abebehambele ingqungquthela yabo ebise-UKZN, eThekwini izolo. Bakhuthazwe ukuthi bangazenyezi ngomsebenzi wabo wokwelapha
1 min
August 20, 2025
Listen
Translate
Change font size

