Denemek ALTIN - Özgür
Uyasongelwa umndeni womfundi ozibulele emva 'kokuthunjwa abamatekisi'
Isolezwe
|June 18, 2025
USUTHOLA izinsongo umndeni womfundi ozibulele ngeledlule waseMaphephetheni, eNanda, kulandela ukushaqwa kwababili abasolwa ngokumthumba baphinde bamdlwengule bephindelela ngasekuqaleni kwale nyanga. U-Athabile Khanyi (17) obefunda uGrade 11 esikoleni iMakhapha Combined, ushonele esibhedlela ngoLwesine olwedlule.
Lokhu kulandela ukuphuza inqwaba yamaphilisi ngoMsombuluko odlule, emva kokubuyiswa abasolwa ababili, okuthiwa babemthumbe impelasonto yonke, beshintshana ngaye, bemdlwengula. Abasolwa abesilisa abaziwayo endaweni, abasebenza ematekisini angaphansi kweMaphephetheni Taxi Association.
Olwezinsongo ezibhekiswe emndenini, luvezwe udadewabo kamufi uNksz Ntombifikile Mthembu izolo, ngesikhathi umphakathi nabafundi bezikole zendawo abebevutha bengabaselwe, bebhikishe baya erenki yamatekisi.
UNksz Mthembu uthe emva kokulandwa kwabasolwa amaphoyisa ngoMsombuluko kuleli sonto, baqalile ukungenelwa izingcingo ebezithi abagawule babheke.
"Abasifonelayo ngezinombolo ezifihliwe bathi akoba kuhle ukuthi sizifihle nathi njengoba kwenzeka kanje," kusho uNksz Mthembu.
Uthe bafuna ukucacisa ukuthi ngeke basatshiswe abantu abangabazi, ngesihlobo sabo esihlukunyezwe ngesihluku abasolwa abaziwayo endaweni.
"Sizolwa kuze kube sekugcineni ngo-Atha," usho kanje.
Bu hikaye Isolezwe dergisinin June 18, 2025 baskısından alınmıştır.
Binlerce özenle seçilmiş premium hikayeye ve 9.000'den fazla dergi ve gazeteye erişmek için Magzter GOLD'a abone olun.
Zaten abone misiniz? Oturum aç
Isolezwe'den DAHA FAZLA HİKAYE
Isolezwe
Kuhlehle icala ngezinsolo zokudedelwa ngoshwele kwababoshelwe owe-e-hailing
LIHEHLISELWE uLwesithathu, ukuze umphenyi aqinisekise ukuthi kuyiqiniso noma kungamanga ukuthi bangaphandle ngoshwele abasolwa ababili, kwabathathu, abasolwa ecaleni elithinta umshayeli wemoto ekhokhelwa ngebanga elihambile nabagibeli bakhe.
2 mins
June 15, 2026
Isolezwe
Kugqame ubuhle bokuthandana kowe-picnic yezinkondlo
UMYALEZO wobuhle bothando, wubumgoka bokuthandana ngokweqiniso nokusebenzisa izindlela namasu okwehlukene ukukhombisana uthando - iyona ndikimba egqame kakhulu emcimbini wobuciko obuqala ukwenzeka nonyaka iGubhela & Friends Poetry Picnic.
1 mins
June 15, 2026
Isolezwe
USiya uhlonipha isipho ngengoma ayenze noKhuzani
I KHULUMA ngesipho esiyimpilo nezingqinamba ezihlukene abantu abaningi abadlula kuzo empilweni uma beya bekhula, ingoma ethakaselwe abaningi ezinkundleni zokuxhumana kaSiya Ntuli noKhuzani Mpungose.
1 min
June 15, 2026
Isolezwe
Uzoshova esuka eGoli aphelele eThekwini
UKUVELELWA yizinto ezibuhlungu empilweni akumvimbanga ukuthi ayeke ukunakekela umzimba wakhe uDJ osekuphele iminyaka emibili manje angena emkhakheni wokuzivocavoca.
1 min
June 12, 2026
Isolezwe
Umunwe ukhomba eduze ngodukile
USOLA uyise wezingane ngokulahleka kwesihlobo umndeni wowesifazane waseSteak Farm, eHibberdene, osekuyophela inyanga enyamalele.
1 mins
June 12, 2026
Isolezwe
Ingebhe ngokudlanga kwezehlakalo zokubulawa kwabantu eGoli
SEKUQUBULE ukukhathazeka ngokwanda kwezehlakalo zokubulawa kwabantu ubuthaphuthaphu emalokishini aseGoli njengoba ngoLwesibili kudutshulwe kwafa abangu-12 emijondolo yaseJumpers, eCleveland.
1 min
June 12, 2026
Isolezwe
Amaphoyisa azoqinisa ezokuphepha kwiComrades
IZINHLAKA zezokuphepha zimi ngomumo ukuqinisekisa ukuphepha kwabagijimi nezethameli zomjaho iComrades Marathon ezosuka eThekwini iphelele eMgungundlovu ngeSonto.
1 min
June 12, 2026
Isolezwe
Sivulelwe icala isibhedlela ngoshone eqeda ukuteta
UFUNA izimpendulo umndeni wowesifazane waKwaKhoza, eShowe otete washona eShowe Provincial Hospital ngeledlule.
1 mins
June 12, 2026
Isolezwe
Ingane iphuze i-energy drink yashona
UFUNA zivalwe zonke izitolo zabokufika ezakhele isigceme sakwa-D, KwaMashu, owesifazane oshonelwe yingane ngoLwesibili, okuthiwa ibigeda kuphuza i-energy drink.
1 mins
June 11, 2026
Isolezwe
Lasuka lahlala kwiNdebe yoMhlaba!
SELUGCINE lufikile usuku obelulindwe yizigidi zabalandeli bebhola baseNingizimu Afrika okokungaloqala kweNdebe yoMhlaba ezodlalelwa eMexico, Canada nase-United States of America (USA).
1 min
June 11, 2026
Listen
Translate
Change font size

