Try GOLD - Free
Babheme bakholwa abesifazane kwiNtandokazi
Isolezwe
|December 15, 2025
BAHLONYISWE ngayo yonke inhlobo yolwazi abesifazane ebebehambele umcimbi ohlelwa yiSolezwe minyaka yonke, iNtandokazi, ngoMgqibelo.
UMCULI ophinde abe wumsakazi, uPhindi P, ejabulisa abesifazane ngomculo INJABULO uMhleli weSolezwe, uThulani Mbatha, edlulisele izipho koneyisikhulumi sosuku, uNkk Nonhlanhla Joye Izithombe: SIBONELO NGCOBO ABANYE besifazane abahlomule emtitilweni yosuku
(Izithombe: SIBONELO NGCOBO)
Kulo nyaka, lo mcimbi obuhanjelwe abesifazane abangu-150, ubusehhotela eliseMhlanga, iPremier Splendid Inn.
Phakathi kwezikhulumi ezinohlonze bekukhona uKhosi Mkhize wenkampani eluleka abantu ngezezimali, iRiqueza Wealth, uDkt Futhi Mkhize oyiPhytotherapist eyelapha umsuka wokugula okwehlukene esebenzisa amakhambi emvelo, uNkk Nonhlanhla Joye ongumsunguli woMgibe Farming noSamkelisiwe Maphumulo weBhaki Security.
Kunandise umculi ophinde abe wumsakazi woKhozi FM, uPhindi P, uhlelo kwaphathwa uSelby "Selbeyonce" Mkhize weGagasi FM.
UKhosi eluleka imbokodo ngezezimali, uthe ayivule ingqondo uma ivuma ukushadwa.
Enza isibonelo ngaye uqobo futhi edalula ukuthi walahlekelwa yikho konke ayekusebenzele kanzima, uthe kubalulekile ukuthi owesifazane acabangisise, angajatshuliswa umshado.
“Ngacelwa umshado ngineminyaka engu-27, ngavaleka amehlo, ngakhohlwa nya ukubhekisisa izinto ezibalulekile,” kusho uKhosi.
This story is from the December 15, 2025 edition of Isolezwe.
Subscribe to Magzter GOLD to access thousands of curated premium stories, and 10,000+ magazines and newspapers.
Already a subscriber? Sign In
MORE STORIES FROM Isolezwe
Isolezwe
ULasizwe uphumele obala ngokuba nokhwantalala
UMETHULI wezinhlelo uLasizwe Dambuza usedalule ukuthi uphethwe wukhwantalala aselusukumele ngokuthi ayochitha amasonto ambalwa azayo nongoti bezengqondo.
1 min
December 17, 2025
Isolezwe
Umsindo ngokwehla kwezinga lamaSama
BANINGI osaziwayo abaphoxekile ngomqhudelwano wezindondo obubanjelwe eGallagher Convention Centre, eGoli, ngoMgqibelo, amaSouth African Music Awards (Samas).
1 mins
December 17, 2025
Isolezwe
Kubulawe okuthiwa ubeqoqa ngodli imali emphakathini
UDUTSHULWE wafa owesilisa waseMzimkhulu, okuvela ukuthi ubekade ewuhlalise lubhojozi umphakathi wakule ndawo ewukhokhisa o-R50 njalo uma kuphela inyanga.
1 mins
December 17, 2025
Isolezwe
Izinsolo zokungaziphathi kahle kogwaze isoka lafa
KUSOLWA ukungaziphathi kahle kowesifazane okuthiwa ugwaze isoka lakhe lafa eCato Crest, eMayville, ngoLwesihlanu.
1 mins
December 17, 2025
Isolezwe
Babheme bakholwa abesifazane kwiNtandokazi
BAHLONYISWE ngayo yonke inhlobo yolwazi abesifazane ebebehambele umcimbi ohlelwa yiSolezwe minyaka yonke, iNtandokazi, ngoMgqibelo.
2 mins
December 15, 2025
Isolezwe
lyolala ibonene esiphakamisweni sokuketula uNtuli
KWAZIWA ukuthi kuzogcina bani esiphakamisweni sokungabethembi ubuholi bukaNdunankulu waKwaZuluNatal, uMnuz Thami Ntuli, esifakwe yiMK Party eholwa owayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma.
2 mins
December 15, 2025
Isolezwe
Libhoka liyakhahlela ibhodi leNgonyama ngomyalelo weSilo
INDODAKAZI kaMengameli Jacob Zuma ongumholi we-MK Party, uNksz Brumelda Zuma, ngesikhathi ifungiswa njengelungu elisha elizomela leli qembu ePhalamende izolo
1 min
December 11, 2025
Isolezwe
Kucishe kwavalwa ngehlahla emndenini waseNkandla kubulawa 12
SPAR
1 min
December 09, 2025
Isolezwe
Abuye ngezinkani amaphara edla umzila edolobheni eThekwini
IMILUTHA yewunga esivimbanise emgwaqweni uChe Guevara (Moore Road) enkabeni yeTheku
1 min
November 07, 2025
Isolezwe
Indida ngonyamalale ephelezela abebeyogeza ngembuzi emfuleni
Indida ngonyamalale ephelezela abebeyogeza ngembuzi emfuleni
1 min
October 29, 2025
Listen
Translate
Change font size
