Sizigwaza bume ngokuqhubeka nezidlo ezinoshukela
Isolezwe
|July 15, 2025
KUZWELA kakhulu ukubona abantu bakithi beqhubeka nokudla okunoshukela izifo zibaqaqele, bancamele ukuyongena kwalasha kunokuthatha izinyathelo zokuhlukana nalokhu kudla; kubuhlungu lokhu ngoba kwenzeka zonke izinsuku.
-
Lapha ngiyagcizelela, ngikhuluma ngoshukela owuswidi kuhlanganisa nalona ongekho swidi. Izinkampani ezizuzayo ngokugula kwethu zilokhu ziqhubekile zishaya izandla ngoba ziyabona ukuthi siyazibulala sizigwaza bume ngomkhonto.
Yini le esiphoqayo ukuba singashintshi kodwa isimo sicace ngale ndlela? Enye into ewumphehli wokugula kwethu sonke yenziwa wukuthi abakhiqizi balokhu kudla esithi siyakudla basibamba ngokushintsha imfundiso yethu singodokotela bagxishe le mfundiso engumbulali eyayithi amafutha yiwona ayimbangela yokufa emzimbeni, batusa bathi asikhululeke siwudle ushukela, inkinga ayikho.
Ngithi yimfundiso yodokotela ngoba siyizwe sithemba ngokwedlulele uma into ishiwo okanye ivela kudokotela. Kulena kashukela imfundiso ibhimbe ngendlela embi ngoba abantu esibangcwaba zonke izinsuku uma ubukisisa imbangela yalokho uyathola ukuthi yile mfundiso encoma ushukela kusukela emandulo. Kunesihlobo sami ebisisifihla ngeSabatha esisuka kulo ebesingakwazi ukuhamba. Ngikhuluma ngomuntu obesehlala ngokulala, ekhuluphele ngendlela emangalisayo. Isizathu, wukudla abekudla ethi akuyekeki.
This story is from the July 15, 2025 edition of Isolezwe.
Subscribe to Magzter GOLD to access thousands of curated premium stories, and 10,000+ magazines and newspapers.
Already a subscriber? Sign In
MORE STORIES FROM Isolezwe
Isolezwe
Kuthathwe nowesifazane oyophonswa imibuzo ngokufa kukaWarras
U-DJ Warras obephethe inkampani yonogada iJT VIP: Elite Guarding & VIP Protection Services kuvela ukuthi ubeyisebenzisa ngokuzimela ukuze ivikele amabhilidi ahlukene, engaqashiwe uhulumeni waseGoli.
1 min
December 19, 2025
Isolezwe
U-DJ Sox usewugodlela unyaka ozayo umculo omusha
UMAKADEBONA kaDJ, uMbusi \"DJ Sox\" Sokhela uthi ukuxinwa ngeminye yemisebenzi kumenze washaywa yisikhathi ekukhipheni umculo omusha.
1 min
December 19, 2025
Isolezwe
Isexwayiso ngesimo sezulu esibi ngoKhisimusi nangoNcibijane
ABE-SOUTH African Weather Service (SAWS), izangoma zezulu, bakhiphe isexwayiso ngesimo sezulu esingase sidale izinkinga ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi noNcibijane.
1 min
December 19, 2025
Isolezwe
Bakhungathekile bethola isidumbu sowomndeni ezimobeni
UKHUNGATHEKILE umndeni wowesilisa waseXobho, okutholakale isidumbu sakhe sinamanxeba emobeni ngoLwesithathu.
1 mins
December 19, 2025
Isolezwe
Unina kamsolwa 'ubalekise' ofakazi kwelokudlwengulwa kwengane
USOLWA ngokubalekisa ofakazi bengakazibhalisi izitatimende unina womfana okuthiwa udlwengule ingane yentombazane eGroutville, KwaDukuza, ngoMgqibelo.
2 mins
December 18, 2025
Isolezwe
'UWarras ubezigqaja ngobuZulu efuna umaskandi kwiGagasi'
USAZIWAYO osanda kubulawa ngokudutshulwa eGoli, ngoLwesibili, uWarrick \"DJ Warras\" Stock, uchazwe njengomuntu obezigqaja kakhulu ngokuba wumZulu.
1 min
December 18, 2025
Isolezwe
ULasizwe uphumele obala ngokuba nokhwantalala
UMETHULI wezinhlelo uLasizwe Dambuza usedalule ukuthi uphethwe wukhwantalala aselusukumele ngokuthi ayochitha amasonto ambalwa azayo nongoti bezengqondo.
1 min
December 17, 2025
Isolezwe
Umsindo ngokwehla kwezinga lamaSama
BANINGI osaziwayo abaphoxekile ngomqhudelwano wezindondo obubanjelwe eGallagher Convention Centre, eGoli, ngoMgqibelo, amaSouth African Music Awards (Samas).
1 mins
December 17, 2025
Isolezwe
Kubulawe okuthiwa ubeqoqa ngodli imali emphakathini
UDUTSHULWE wafa owesilisa waseMzimkhulu, okuvela ukuthi ubekade ewuhlalise lubhojozi umphakathi wakule ndawo ewukhokhisa o-R50 njalo uma kuphela inyanga.
1 mins
December 17, 2025
Isolezwe
Izinsolo zokungaziphathi kahle kogwaze isoka lafa
KUSOLWA ukungaziphathi kahle kowesifazane okuthiwa ugwaze isoka lakhe lafa eCato Crest, eMayville, ngoLwesihlanu.
1 mins
December 17, 2025
Listen
Translate
Change font size

