Try GOLD - Free
'Iphephile imisebenzi yadadlali abadayiswe neSuperSport United'
Isolezwe
|July 10, 2025
WONKE amandla awele kubadlali abebesemabhukwini eSuperSport United ngesikhathi idayiswa ngokuzokwenzeka ngekusasa labo njengoba sekulindwe ukuthi iPremier Soccer League (PSL) igunyaze indaba yeSiwelele FC.
Lawa ngamazwi kaTeboho Monyai oyibamba kwesobumengameli weSouth African Football Players Union (Safpu) awatshele Isolezwe ngesikhathi limbuza ngekusasa labadlali beSuperSport njengoba isidayisiwe. Nakuba isematheni eyeSiwelele nabaphathi bayo abasha kodwa bekungakaze kushiwo lutho ngokuzokwenzeka ngabadlali abebenezinkontileka neSuperSport.
UMonyai uthe wonke amandla akubadlali kodwa konke kuncike ekutheni bavumelana ngani nabanikazi abasha.
“Bonke abadlali abebesemabhukwini eSuperSport ngesikhathi idayiswa ngeke balahlekelwe yimisebenzi kodwa lokhu kuncike ekutheni banayo yini kumbe abanayo inkinga ngokufudukela eFree State,” kusho uMonyai.
This story is from the July 10, 2025 edition of Isolezwe.
Subscribe to Magzter GOLD to access thousands of curated premium stories, and 10,000+ magazines and newspapers.
Already a subscriber? Sign In
MORE STORIES FROM Isolezwe
Isolezwe
Ngabe uSenona wuKlebe owumgulukudu?
VELE njengephoyisa elingathembekile iNhloko yoKlebe KwaZulu-Natal, uMajor General Lesetja Senona, emva kokuvela kobufakazi bokuthi wathumela usomabhizinisi osolwa ngobugebengu, uMnuz Vusimuzi \"Cat\" Matlala, imininingwane ebucayi okubalwa kuyo neyamaphoyisa.
2 mins
January 29, 2026
Isolezwe
Owe-Afro pop ukhuthaza abesifazane 'ukuzibika' kwababathandayo
UMCULI we-Afro pop wodumo lwengoma ethi Emlanjeni, uSbahle, usedalule ukuthi ukholelwa ekutheni manje sesiphelile isikhathi sokuthi abantu besifazane bacindezeleke kangangokuthi kube yihlazo ukuthi basho indlela abazizwa ngayo ngabesilisa.
1 min
January 29, 2026
Isolezwe
Imvunge ngokungenisa kwe-Al emculweni
SEKUTHATHA imizuzwana ukwenza ingoma ekulungele ukujatshulelwa ngabantu usebezinzisa ubuchwepheshe be-artificial intelligence (AI), nokuyinto eqhubeka nokuqubula imvunge emkhakheni wezomculo.
2 mins
January 28, 2026
Isolezwe
Basola ekamacashelana umsolwa ezicelela ukuhlolwa inggondo
BAMSOLA ngokuthi uzama ukudlala umacashelana nenkantolo owesilisa waseKoffie Farm, KwaNdengezi, okuvele eyokuthi uzoyohlolwa isimo sengqondo njengoba eboshelwe icala lokubulala umakhelwane.
1 mins
January 28, 2026
Isolezwe
llengelwa yizembe inhloko yoKlebe eKZN 'ebiwubhululu' kaMatlala
ILENGELWA yizembe iNhloko yoKlebe KwaZulu-Natal, uMajor General Lesetja Senona, esolwa ngokuba wubhululu kasomabhizinisi obhekene noxhaxha lwamacala, uMnuz Vusumuzi \"Cat\" Matlala.
1 mins
January 28, 2026
Isolezwe
Kuvela okushaqisayo ngokufa kweqembu lomaskanda
KUVELE okushaqisayo ngokwaholela ekubhidlikeni kweqembu lebhola labaculi bakamaskandi, iMaskandi FC. Ngaphambi kokuba leli qembu libe yinhlakanhlaka kukhona abanukwa ngokuthwala nangokuthwebula izinhlanhla zabanye, abanye babizwa ngaphansi kweziketi zonina, abanye bacishe babambana ngezandla, kwakhona ukufelana ngamathe futhi kwakhonjwana nangezibhamu.
1 mins
January 27, 2026
Isolezwe
OwaseNdlunkulu uqwashiswa yisingumo seNkantolo yoMthethosisekelo
UMNTWANA waseNdlunkulu kaZulu ubona isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo esithinta imishado sizokwenza ukuthi abantu babe manqika ukushada umshado wesintu.
1 min
January 27, 2026
Isolezwe
Basola umuntu owaziwayo kubulawa othandana nabobulili obufana nobakhe
USOLA ukuthi umsolwa wumuntu owaziwayo umndeni wowesilisa obethandana nabantu abanobulili obufana nobakhe, okuthiwa ubulawe ngesihluku eNumber 9, KwaXimba, ngeSonto.
1 mins
January 27, 2026
Isolezwe
Ibandla lakwaShembe liyathimula ngabacela ngezipho eziphezulu
IBANDLA lamaNazaretha, eBuhleni, seligxeke indaba yezinsizwa zebandla ezikhangisa ezinkundleni zokuxhumana izipho eziphezulu ezizithengela izintombi ezizikhetha ngosuku lokugcina lomhlangano kaJanuwari.
1 min
January 27, 2026
Isolezwe
Kukhuzwa ukuyamanisa ukufa nokhozi kushona uNjinji
UPHATHE kabi futhi kwathusa abaningi ukudlula emhlabeni kowayengumsakazi woKhozi FM, uMandla \"Njinji\" Magwaza, othathwe wukugula esibhedlela ngoMgqibelo ekuseni.
2 mins
January 26, 2026
Listen
Translate
Change font size

