Try GOLD - Free
IPirates yelaphe ikhanda ebelinkenketha kuBroos ngabeDowns
Isolezwe
|July 04, 2025
KUNGENZEKA ukuthi sesifikile isikhathi ayekade esikhulekela umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, njengoba kubukeka sengathi sekuzoba yi-Orlando Pirates enabadlali abaningi eqenjini lesizwe esikhundleni seMamelodi Sundowns kulandela ukusayinisa kwayo abadlali abaningi asebengene ezinhlelweni zakhe.
Kusukela uBroos athatha umsebenzi kwiBafana ngo-2021, akakaze akufihle ukuthi uphoqelekile ukuthembela kubadlali beSundowns ngenxa yesipiliyoni abanaso emidlalweni yamazwe njengoba idlala njalo kwiCaf Champions League.
Ubufakazi bokuthembela kweBafana kubadlali beSundowns bagqanyiswa yisibalo sabo eqenjini elabuya nendondo yethusi kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) e-Ivory Coast. Laba badlali nguRonwen Williams, Grant Kekana, Khuliso Mudau, Mothobi Mvala, Aubrey Modiba, Thapelo Maseko, Terrence Mashego, Teboho Mokoena, Thapelo Morena noThemba Zwane.
Kusemqoka nokho ukuqaphela ukuthi ngokukaBroos cishe bonke abadlali beSundowns bacela eminyakeni engu-30 ubudala noma ngaphezulu.
This story is from the July 04, 2025 edition of Isolezwe.
Subscribe to Magzter GOLD to access thousands of curated premium stories, and 10,000+ magazines and newspapers.
Already a subscriber? Sign In
MORE STORIES FROM Isolezwe
Isolezwe
Abuye ngezinkani amaphara edla umzila edolobheni eThekwini
IMILUTHA yewunga esivimbanise emgwaqweni uChe Guevara (Moore Road) enkabeni yeTheku
1 min
November 07, 2025
Isolezwe
Indida ngonyamalale ephelezela abebeyogeza ngembuzi emfuleni
Indida ngonyamalale ephelezela abebeyogeza ngembuzi emfuleni
1 min
October 29, 2025
Isolezwe
Isikhulu sonogada sikhomba usomatekisi ngokufa kukathisha
Isithombe: DOCTOR NGCOBO/INDEPENDENT NEWSPAPERS
1 min
October 28, 2025
Isolezwe
HALALA BAFANA BAFANA!
KUFEZEKE iphupho leminyaka labathandi bebhola baseMzansi iBafana Bafana izibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba ezoba ngonyaka ozayo e-USA, Canada naseMexico.
1 min
October 15, 2025
Isolezwe
Injabulo kuBig Zulu ngokusebenza nendodakazi
Injabulo kuBig Zulu ngokusebenza nendodakazi
1 min
October 15, 2025
Isolezwe
Kwaze 'kwabhizi' eMzansi
EZINYE zezimoto ezishaqwe yi-Special Investigating Unit emzini oseSandton kaMnuz Hangwani Maumela (osesithombeni esishuthekiwe kwesokudla)
1 min
October 10, 2025
Isolezwe
'Wayehlale ehubha umkakhe ngezikhali'
U-principal 'wabulala umkakhe wabe esemfumbathisa isinqindi'
1 min
September 03, 2025
Isolezwe
Amagama osondonzima kwelokubulawa kwekhansela
KUVELE negama likaMnuz Khulubuse Zuma (osesithombeni esikhulu) ecaleni lokubulawa kwekhansela le-DA kuMasipala waseMngeni. Abasolwa, uMnuz Thobani Hlongwa, Mnuz Khayelihle Shabalala neNkosi Simphiwe Eric Zuma bebevele eNkantolo yeMantshi eHowick
1 min
September 02, 2025
Isolezwe
Bakhungathekile
UMNUZ Vusimuzi 'Cat' Matlala uvele eNkantolo yeMantshi yase-Alexandra nomkakhe uTsakani nabanye asolwa nabo ukuzocela ibheyili nokuhlehliselwe uSepthemba 2.
1 min
August 27, 2025
Isolezwe
Bezisatshwa nawunina izelamani 'ezibulele' ugogo nomalume
INGXENYE yabelaphi bendabuko abebehambele ingqungquthela yabo ebise-UKZN, eThekwini izolo. Bakhuthazwe ukuthi bangazenyezi ngomsebenzi wabo wokwelapha
1 min
August 20, 2025
Listen
Translate
Change font size

