Try GOLD - Free
Mbelesele udokotela wakho uze uthole umsuka wesifo onaso
Isolezwe
|July 01, 2025
Y IQINISO elimsulwa ukuthi ziningi izifo esiwa sivuka nazo sibe singayazi imbangela yesifo esikuqedayo. Abanye baze badlule emhlabeni kulokhu kubanjwa kuyekwa ungaziwa umsuka wangempela wesifo esikudlayo.
-
Kwesinye isikhathi isuke yazeka imbangela kodwa kungekho othatha isinyathelo sokubhekana nesiphethu ngqo. Kukusiza ngani ukugxila ezimpawini ezibonakalayo ekubeni ibhodwe eliphehlayo linganakiwe? Ake sibuke nazi izibonelo:
1. Kunabantu bakithi asebekhulile, ubaba wekhaya useze wanqundeka amehlo, kunzima ukuhamba, umqondo usuphunduleke ngale ndlela yokuthi usebakhohliwe abantu ahlala nabo nalabo azalwe nabo. Ezindlebeni akasezwa uma nikhuluma kumele izwi uliphakamise kakhulu. Kulo muzi engithi kuhlala laba asebekhulile, bakuthanda indlela engachazeki ukudla okunamakhekhe, iziphuzo ezihlohlozayo. Kuyinjwayelo nje kubo ukuhlala belokhu bedla ngale ndlela. Uke ubone umuntu kuba sengathi wenza okuyimpucuzeko ngokudla ukudla okufuze lokhu. Ubaba wakhona usegula ngale ndlela esize yajwayeleka kungathi yinto engasenamsebenzi ukukhala ngezifo ezilapha nangapha.
Ngenxa yokuthi akekho ozihluphayo kangako ngembangela ewumsuka wokugula kwakhe, akekho omkhuthaza ukuhlukana nala manandinandi awadla nsuku zonke. Ngiyaphinda, ukuba walwa waze wathola imbangela yokugula kwakhe ngabe kudala bamyalela ukuhlukana nokudla lokhu okuqedayo ngempilo yakhe.
This story is from the July 01, 2025 edition of Isolezwe.
Subscribe to Magzter GOLD to access thousands of curated premium stories, and 10,000+ magazines and newspapers.
Already a subscriber? Sign In
MORE STORIES FROM Isolezwe
Isolezwe
Abuye ngezinkani amaphara edla umzila edolobheni eThekwini
IMILUTHA yewunga esivimbanise emgwaqweni uChe Guevara (Moore Road) enkabeni yeTheku
1 min
November 07, 2025
Isolezwe
Indida ngonyamalale ephelezela abebeyogeza ngembuzi emfuleni
Indida ngonyamalale ephelezela abebeyogeza ngembuzi emfuleni
1 min
October 29, 2025
Isolezwe
Isikhulu sonogada sikhomba usomatekisi ngokufa kukathisha
Isithombe: DOCTOR NGCOBO/INDEPENDENT NEWSPAPERS
1 min
October 28, 2025
Isolezwe
HALALA BAFANA BAFANA!
KUFEZEKE iphupho leminyaka labathandi bebhola baseMzansi iBafana Bafana izibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba ezoba ngonyaka ozayo e-USA, Canada naseMexico.
1 min
October 15, 2025
Isolezwe
Injabulo kuBig Zulu ngokusebenza nendodakazi
Injabulo kuBig Zulu ngokusebenza nendodakazi
1 min
October 15, 2025
Isolezwe
Kwaze 'kwabhizi' eMzansi
EZINYE zezimoto ezishaqwe yi-Special Investigating Unit emzini oseSandton kaMnuz Hangwani Maumela (osesithombeni esishuthekiwe kwesokudla)
1 min
October 10, 2025
Isolezwe
'Wayehlale ehubha umkakhe ngezikhali'
U-principal 'wabulala umkakhe wabe esemfumbathisa isinqindi'
1 min
September 03, 2025
Isolezwe
Amagama osondonzima kwelokubulawa kwekhansela
KUVELE negama likaMnuz Khulubuse Zuma (osesithombeni esikhulu) ecaleni lokubulawa kwekhansela le-DA kuMasipala waseMngeni. Abasolwa, uMnuz Thobani Hlongwa, Mnuz Khayelihle Shabalala neNkosi Simphiwe Eric Zuma bebevele eNkantolo yeMantshi eHowick
1 min
September 02, 2025
Isolezwe
Bakhungathekile
UMNUZ Vusimuzi 'Cat' Matlala uvele eNkantolo yeMantshi yase-Alexandra nomkakhe uTsakani nabanye asolwa nabo ukuzocela ibheyili nokuhlehliselwe uSepthemba 2.
1 min
August 27, 2025
Isolezwe
Bezisatshwa nawunina izelamani 'ezibulele' ugogo nomalume
INGXENYE yabelaphi bendabuko abebehambele ingqungquthela yabo ebise-UKZN, eThekwini izolo. Bakhuthazwe ukuthi bangazenyezi ngomsebenzi wabo wokwelapha
1 min
August 20, 2025
Listen
Translate
Change font size

