Try GOLD - Free
Ziyanda izinkinga ezibhekene ne-ANC iSadtu inquma ngezomeseka okhethweni
Isolezwe
|June 30, 2025
ZIYANDA izinkinga ezibhekene ne-ANC njengoba enye yezinyunyana zothisha ezinkulu kuleli iSadtu, isazonquma ukuthi wubani ezomvotela okhethweni lwangonyaka ozayo.
Le nyunyana enamalungu amaningi ngaphansi kweCosatu, izohlangana inqume ukuthi izovotela bani phakathi kweANC neSACP. ISACP yaphumela obala yathi izongenela ukhetho ngokuzimela, okushiye i-ANC isenkingeni njengoba amaKhomanisi abevotela i-ANC okhethweni.
Emhlanganweni wakamuva wesigungu esiphezulu seSadtu, le nyunyana inqume ukuthi izobiza ingqungquthela eyisipesheli, lapho izonquma khona ukuthi izovotela bani.
Unobhala jikelele weSadtu uDkt Mugwena Maluleke, uthe bazobiza le ngqungquthela ekupheleni kwalo nyaka noma ekugaleni konyaka ozayo, ukuze banqume.
This story is from the June 30, 2025 edition of Isolezwe.
Subscribe to Magzter GOLD to access thousands of curated premium stories, and 10,000+ magazines and newspapers.
Already a subscriber? Sign In
MORE STORIES FROM Isolezwe
Isolezwe
Unengwe 'umfowabo owazibulala' ngokumfaka kumshwalense wesigidi engazi
USEVULE icala futhi uvutha engabaselwe owesilisa waseShowe othi uvulelwe ngumfowabo angamethembi umshwalense wesigidi samarandi engazi.
2 mins
January 23, 2026
Isolezwe
UMafikizolo ubungazwa wuKhozi eThekwini
UMCULI kamaskandi uLethukuthula \"Umafikizolo\" Mhlongo uzobungazwa wuKhozi FM ezindlini zokusakaza kwiSABC namuhla emuva kokuhlukanisa unyaka kulesi sikhondlakhondla somsakazo
1 min
January 23, 2026
Isolezwe
UNdoni uqhakambise uGandaganda ogqame ngokubhikla ingoma
UMCULI kamaskandi osemusha nongomunye wabangaconsi phansi kubalandeli kulezi zinsuku, uGandaganda, usedalule ukuthi iso elibukhali likazakwabo kule ndima futhi osengumphathi wakhe emculweni, uNdoni, yilona elisize ukuqhakambisa ikhono lakhe lokucula nokugida ingoma.
1 mins
January 23, 2026
Isolezwe
I-ANC isobishini 'ngokugweva' nemali yamaciko
I-AFRICAN National Congress (ANC) isobishini njengoba seyize yafakwa eNkantolo eNkulu yaseGoli ngenxa yezinsolo zokugweva nemali yamaciko ewuR423 228, 75.
1 min
January 23, 2026
Isolezwe
Owe-ANC uyamaniswa nemoto eyathengela izinkabi ukudla
UMHOLI we-ANC, uDkt Ntuthuko Mahlaba, uyamaniswa nemoto eyathengela ukudla izinkabi ezabulala ufakazi ecaleni lokubulala ayebhekene nalo
1 mins
January 22, 2026
Isolezwe
Ingxabano kujatshulelwa ingoma kaKwesta
UMDIDIYELI wezingoma ohlonishwa e-Afrika namaphethelo, uThemba \"DJ Maphorisa\" Sekowe, ubhoboke ngobuhlungu asezwiswe bona iminyaka eyisishiyagalolunye emuva kokuphrojusa unqambothi lwengoma yomrepha uSenzo \"Kwesta\" Vilakazi ethi Ingud.
1 min
January 22, 2026
Isolezwe
Ubonge ukwesekwa 'owatinyelwa' ngomzimba wakhe
NGESIKHATHI sinyuka isibalo sabeseka umkhankaso wokuthi kuvalwe iPiano Pulse Podcast kwiYouTube ngenxa yenkulumo \"egxeka\" uThatohatsi ngomzimba wakhe, lo mculi ubonge abamesekile.
1 min
January 20, 2026
Isolezwe
Bathi ungenwe 'amadimoni' osole uMfundisi ngokumphuca ubuntombi
\"Ngabe senza elikhulu iphutha uma sivezela izwe lonke ukuthi unani owesifazane futhi njengebandla ngabe sikhombisa ubudedengu obukhulu.
1 mins
January 20, 2026
Isolezwe
Owamapiano uziqhathe noJulius Malema
KUSHAQEKE abantu abaningi ngesikhathi umholi we-EFF uJulius Malema esongela futhi egibela ngenhlamba umculi wamapiano uDaliwonga Matiwane ngeSonto ekuseni.
1 min
January 20, 2026
Isolezwe
Baphefumula ngoMbhishobhi osolwa ngokugwazela ijaji ngo-R2m
BAVUTHA bengabaselwe abefundisi bamahlelo ehlukene benhlangano, iReformed Independent Church Association (RICA) abasola isandla semfene ngokugqunywa ejele kukaMbhishobhi Michael Sandlwana webandla i-International Pentecostal Holiness Church (IPHC).
2 mins
January 20, 2026
Listen
Translate
Change font size

