Try GOLD - Free
Uchitha eyezinsolo ezishaqisayo ezibhekiswe kuye umbhishobhi
Isolezwe
|June 30, 2025
UKHALA ngokubhecwa ngobende inyama engayidlile uMbhishobhi webandla iLiving Well Ministries, elizinze eZimbokodweni, eNingizimu yeTheku, osolwa kwiFacebook ngokushona komkakhe nokuthwala ngamalungu omndeni wakhe.
Phakathi kwezinsolo ezibhekiswe kuMbhishobhi Sicelo Miya waseMzinyathi, eNanda, kubalwa ukuthi waba nesandla ekushoneni komkakhe uMaMchunu ngo-2022 ngoba efuna ukushada nomngani kamufi agcine emgane ngo-Okthoba ngonyaka odlule.
Uphinde asolwe ngokuthwala ngamalungu omndeni wakhe, phakathi kwawo okukhona nomfowabo okuthiwa babesanda kuxabana naye owabulawa ngokudutshulwa. Izinsolo ziqhuba zithi ngisho sekushone unina, wancengwa ukuba aye emngcwabeni kwathi emva kwalokho wosa inyama ejabulela ukushona kwakhe.
Uphinde anukwe ngokushona kwezingane zakhe ezintathu ayezithole kuMaMchunu, ukuhlukumeza umufi esaphila ngokumshaya ngeketanga nokuhamba izinyanga. Zonke lezi zinsolo zivela kwiFacebook ngaphansi kwegama likaBongi Madida, nokho osezisusile.
This story is from the June 30, 2025 edition of Isolezwe.
Subscribe to Magzter GOLD to access thousands of curated premium stories, and 10,000+ magazines and newspapers.
Already a subscriber? Sign In
MORE STORIES FROM Isolezwe
Isolezwe
Osaziwayo nemiyalezo kwabaka-matric
SAZIWAYO bahalalisele abaphase u-matric baphinde bakhuthaza abangaphumelelanga ngokuvuka bazithathe.
1 mins
January 13, 2026
Isolezwe
Lehlile okungayephi izinga lokuphasa ezikoleni ezizimele
LITHE ukwehla kancane izinga lokuphasa ezikoleni ezizimele.
1 min
January 13, 2026
Isolezwe
Itwetwe liphonse umlingisi ekubhaceni
UMLINGISI wodumo kuMuvhango, uTebogo Thobejane, usehamba ethuka izanya kulandela ukubulawa komunye wofakazi ebebegeqa amagula kwiKhomishini kaMadlanga, uMarius van der Merwe.
1 min
January 12, 2026
Isolezwe
Izonyundula izinkinga zakwaMseleku isizini ezoqala kolwesithembu
IBHEKWE ngabomvu isizini entsha yohlelo olukhombisa ngempilo yasesithenjini sakwaMseleku, Uthando Nes'thembu osekuqinisekisiwe ukuthi izoqala ngenyanga ezayo kuMzansi Magic
1 min
January 12, 2026
Isolezwe
Indida ngengezamuzi ngengane 'edlwenguliwe'
UDIDEKILE umndeni wengane okuthiwa idlwengulwe enye eGroutville, KwaDukuza, umndeni kamsolwa okuthiwa ucela ukukhipha isamba semali esihambisana nenkomo nembuzi ngesigameko.
2 mins
January 09, 2026
Isolezwe
OweThonga noMbekezeli baqokwe kowezindondo
UMLINGISI onguMbali Dladla kwiThonga, uNoluthando Ngema, udalule ukuthi akubanga lula kuye ukufika kuleli zinga asekulo emkhakheni wokulingisa.
1 mins
January 09, 2026
Isolezwe
Isexwayiso ngamathikithi e-All White Party eMax's Lifestyle
ABAZOHAMBELA i-5th All White Day Party eMax's Lifestyle eMlaza kusasa, sebedonswe ngendlebe ukuba baqikelele ukuthi amathikithi abanawo abawathenge eWebtickets kuphela hhayi kwesinye isikhungo noma isitolo.
1 min
January 09, 2026
Isolezwe
Bebefuna ngodli imali yokuvikela abathelwe othulini amaphoyisa
BEBEHLALISE umphakathi lubhojozi, bewukhokhisa imali yokuvikela njalo ngesonto abayisihlanu abathelwe othulini amaphoyisa e-Area 10, KwaBester, eThekwini, izolo.
1 min
January 09, 2026
Isolezwe
Kuduma amakhanda kubulawa othandana nabanobulili obufana nobakhe
UMELWE yingqondo umndeni wowesifazane othandana nabantu abanobulili obufana nobakhe kulandela ukutholwa kwesidumbu sakhe sesonakele ekotishi lowesilisa osagcwele amathafa eZakhiweni, ePort Shepstone.
1 mins
January 08, 2026
Isolezwe
Indodana (2) kamaskanda nedumela ebantwini ngokulingisela uyise
INDODANA kaSaliwa, ongomunye wabaculi bakamaskandi abangaconsi kule ndima, isizakhele ugazi ebantwini ikakhulu kwabasebenzisa izinkundla zokuxhumana - ngama-vidiyo afakwa wuyise nabomndeni wakhe, lapho bekhombisa khona uthando lwayo lwesintu nokunye okuhambisana nakho, ilingisela uyise ngokukwenza.
1 min
January 08, 2026
Listen
Translate
Change font size
