Try GOLD - Free
Kuxwayiswa abalandeli bePirates ngomqeqeshi omusha
Isolezwe
|June 24, 2025
SILOMO sakudala se-Orlando Pirates, uLucky Lekgwathi, sikhuze umkhuba wabalandeli wokubuka ngeso abaqeqeshi bese bebaqamba amagama angemahle njengoba benza kuJose Riveiro owayebizwa ngo-plumber ngesikhathi efika eMzansi, ngo-2022, kodwa wahamba esebalwa nabayohlala besemlandweni weZimnyama.
IPirates ibashiye bemangele abalandeli bayo ngesikhathi iqeda ukuqagela ngokumemezela u-Abdeslam Ouaddou waseMorocco njengomqeqeshi wayo omusha.
Ngokusho kwesitatimende sePirates ebesiqinisekisa ukuqashwa kuka-Ouaddou (46) obeqeqesha kwiMarumo Gallants ngesizini edlule, uzosizwa nuuMandla Ncikazi, Rayaan Jacobs, Helmi Gueldich noTyron Damons opheka onozinti.
U-Ouaddou, oshiye kungasemnandi kwiGallants ngenxa yemali, wadlala isikhathi eside njengesitobha eqenjini lesizwe laseMorocco kanti uneziqu zokuqeqesha ze-UEFA Pro Licence.
Ngaphambi kokuqashwa eMzansi, uqeqeshe i-AS Vita yaseDemocratic Republic of the Congo (DRC). Emidlalweni engu-12 kwiGallants, ayisizise isilengelwa yizembe kwiBetway Premiership, unqobe emihlanu, wadlala ngokulingana kwemine washaywa kwemithathu.
Emidlalweni ayiwinile kukhona ashaye kuwona iPirates ngo 2-0.
This story is from the June 24, 2025 edition of Isolezwe.
Subscribe to Magzter GOLD to access thousands of curated premium stories, and 10,000+ magazines and newspapers.
Already a subscriber? Sign In
MORE STORIES FROM Isolezwe
Isolezwe
Abuye ngezinkani amaphara edla umzila edolobheni eThekwini
IMILUTHA yewunga esivimbanise emgwaqweni uChe Guevara (Moore Road) enkabeni yeTheku
1 min
November 07, 2025
Isolezwe
Indida ngonyamalale ephelezela abebeyogeza ngembuzi emfuleni
Indida ngonyamalale ephelezela abebeyogeza ngembuzi emfuleni
1 min
October 29, 2025
Isolezwe
Isikhulu sonogada sikhomba usomatekisi ngokufa kukathisha
Isithombe: DOCTOR NGCOBO/INDEPENDENT NEWSPAPERS
1 min
October 28, 2025
Isolezwe
HALALA BAFANA BAFANA!
KUFEZEKE iphupho leminyaka labathandi bebhola baseMzansi iBafana Bafana izibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba ezoba ngonyaka ozayo e-USA, Canada naseMexico.
1 min
October 15, 2025
Isolezwe
Injabulo kuBig Zulu ngokusebenza nendodakazi
Injabulo kuBig Zulu ngokusebenza nendodakazi
1 min
October 15, 2025
Isolezwe
Kwaze 'kwabhizi' eMzansi
EZINYE zezimoto ezishaqwe yi-Special Investigating Unit emzini oseSandton kaMnuz Hangwani Maumela (osesithombeni esishuthekiwe kwesokudla)
1 min
October 10, 2025
Isolezwe
'Wayehlale ehubha umkakhe ngezikhali'
U-principal 'wabulala umkakhe wabe esemfumbathisa isinqindi'
1 min
September 03, 2025
Isolezwe
Amagama osondonzima kwelokubulawa kwekhansela
KUVELE negama likaMnuz Khulubuse Zuma (osesithombeni esikhulu) ecaleni lokubulawa kwekhansela le-DA kuMasipala waseMngeni. Abasolwa, uMnuz Thobani Hlongwa, Mnuz Khayelihle Shabalala neNkosi Simphiwe Eric Zuma bebevele eNkantolo yeMantshi eHowick
1 min
September 02, 2025
Isolezwe
Bakhungathekile
UMNUZ Vusimuzi 'Cat' Matlala uvele eNkantolo yeMantshi yase-Alexandra nomkakhe uTsakani nabanye asolwa nabo ukuzocela ibheyili nokuhlehliselwe uSepthemba 2.
1 min
August 27, 2025
Isolezwe
Bezisatshwa nawunina izelamani 'ezibulele' ugogo nomalume
INGXENYE yabelaphi bendabuko abebehambele ingqungquthela yabo ebise-UKZN, eThekwini izolo. Bakhuthazwe ukuthi bangazenyezi ngomsebenzi wabo wokwelapha
1 min
August 20, 2025
Listen
Translate
Change font size

