Try GOLD - Free
Maningi amathuba entsha embonini yamafilimu KwaZulu-Natal
Isolezwe
|June 19, 2025
NJENGOBA iNingizimu Afrika igubha iNyanga yeNtsha, lapha KwaZulu-Natal Tourism and Film Authority (KZNTAFA), siqhakambisa esikwenzela intsha emikhakheni yezokuvakasha nowamafilimu.
-
Kwenziwa okuningi ukwakha isizukulwane esilandelayo sabadidiyeli bamafilimu nosomabhizinisi bezokuvakasha kanye nasezimbonini ngokwazo. Ngesonto elizayo futhi nangenyanga u-Agasti izethameli zeziteshi zethelevishini zizobona imisebenzi yabadidiyeli ababili abasebasha baKwaZulu-Natal abathole ithuba lokugqama ngenxa yokusekelwa yiKZNTAFA. Konke kwaqala ngesikhathi sixhasa uNkk Sthobile Hlophe noMnuz Nqanawe Shangase ukuthi babambe iqhaza ohlelweni Iwe Youth Filmmaker Project ngaphansi kweNational Film and Video Foundation (NFVF) ngo-2023-2024. Lolu hlelo lokuqeqesha nokweluleka unyaka wonke luhloselwe ithalente elivelele ekubhaleni nasekuqondiseni amafilimu ezweni lonke. Manje amathalente kaNkk Hlophe noShangase azovezwa kwiSABC 2 ngoJuni 22 nango-Agasti 3.
Umdlalo osihloko sithi "Moment In Between" obhalwe nguNkk Hlophe noRaihaanah Sayed, uzosakazwa kuqala, kuthi "iQuantum" ebhalwe futhi yaqondiswa nguShangase, iboniswe ngo-Agasti.
KZN FILM FUND I-KZNTAFA inemali ebekwe eceleni yamafilimu, u-30% wayo ohlinzekelwe izinhlelo zokuthuthukisa intsha. Le mali inohlelo lokuthuthukisa nokukhiqiza olugxile entsheni Iweminyaka emibili. Lungolwentsha yaKwaZulu-Natal kuphela futhi luqhutshelwa abadidiyeli bamafilimu abangafinyelela kwabangu-10 ngonyaka.
Lolu xhaso lulekelela nabadidiyeli bamafilimu abasha abasezindaweni zasemakhaya eziqhelile emadolobheni amakhulu. Kulolu hlelo kuhlomula u-62% wabesifazane. Phakathi kwezindawo esesifinyelele kuzo singabala iLembe, Mpophomeni, njengoba kumanje kuhlomula indawo yaseMzinyathi.
This story is from the June 19, 2025 edition of Isolezwe.
Subscribe to Magzter GOLD to access thousands of curated premium stories, and 10,000+ magazines and newspapers.
Already a subscriber? Sign In
MORE STORIES FROM Isolezwe
Isolezwe
Abuye ngezinkani amaphara edla umzila edolobheni eThekwini
IMILUTHA yewunga esivimbanise emgwaqweni uChe Guevara (Moore Road) enkabeni yeTheku
1 min
November 07, 2025
Isolezwe
Indida ngonyamalale ephelezela abebeyogeza ngembuzi emfuleni
Indida ngonyamalale ephelezela abebeyogeza ngembuzi emfuleni
1 min
October 29, 2025
Isolezwe
Isikhulu sonogada sikhomba usomatekisi ngokufa kukathisha
Isithombe: DOCTOR NGCOBO/INDEPENDENT NEWSPAPERS
1 min
October 28, 2025
Isolezwe
HALALA BAFANA BAFANA!
KUFEZEKE iphupho leminyaka labathandi bebhola baseMzansi iBafana Bafana izibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba ezoba ngonyaka ozayo e-USA, Canada naseMexico.
1 min
October 15, 2025
Isolezwe
Injabulo kuBig Zulu ngokusebenza nendodakazi
Injabulo kuBig Zulu ngokusebenza nendodakazi
1 min
October 15, 2025
Isolezwe
Kwaze 'kwabhizi' eMzansi
EZINYE zezimoto ezishaqwe yi-Special Investigating Unit emzini oseSandton kaMnuz Hangwani Maumela (osesithombeni esishuthekiwe kwesokudla)
1 min
October 10, 2025
Isolezwe
'Wayehlale ehubha umkakhe ngezikhali'
U-principal 'wabulala umkakhe wabe esemfumbathisa isinqindi'
1 min
September 03, 2025
Isolezwe
Amagama osondonzima kwelokubulawa kwekhansela
KUVELE negama likaMnuz Khulubuse Zuma (osesithombeni esikhulu) ecaleni lokubulawa kwekhansela le-DA kuMasipala waseMngeni. Abasolwa, uMnuz Thobani Hlongwa, Mnuz Khayelihle Shabalala neNkosi Simphiwe Eric Zuma bebevele eNkantolo yeMantshi eHowick
1 min
September 02, 2025
Isolezwe
Bakhungathekile
UMNUZ Vusimuzi 'Cat' Matlala uvele eNkantolo yeMantshi yase-Alexandra nomkakhe uTsakani nabanye asolwa nabo ukuzocela ibheyili nokuhlehliselwe uSepthemba 2.
1 min
August 27, 2025
Isolezwe
Bezisatshwa nawunina izelamani 'ezibulele' ugogo nomalume
INGXENYE yabelaphi bendabuko abebehambele ingqungquthela yabo ebise-UKZN, eThekwini izolo. Bakhuthazwe ukuthi bangazenyezi ngomsebenzi wabo wokwelapha
1 min
August 20, 2025
Listen
Translate
Change font size

