Try GOLD - Free
Injini kadizili ekwiGWM Tank 300 iyifaka khaxa embangweni
Isolezwe ngoMqibelo
|July 05, 2025
NGESIKHATHI kwaGWM bethula iTank 300 eNingizimu Afrika ngonyaka odlule, esinye sezikhalo ngayo kwaba yinjini yayo ethanda ukuwomela mawala uphethroli.
Eqinisweni lesi yisikhalo esasikhona ngisho nabakwamanye amazwe ngayo njengoba eyi hybrid iphuza amalitha angaphezu kuka-12 ngo-100km kwabanye. Le nkampani ikusukumele lokhu ngokwethula enenjini kadizili engu-2.4 litre.
Lokhu ngikubona kuzokwazi ukuyenza ukuthi incintisane kahle nezimoto ongabala kuzo iToyota Fortuner yize kuzoba nzima okwamanje uma ubheka ukuthandwa kwayo.
Ngeke uyikhohlwe ne-Isuzu MU-X okusanda kulethwa ethuthukisiwe.
Ngaphandle inamaLED headlights, daytime running lights nama-fog lights, amarimu angu-18 inch, roof rails, side steps nokunye.
Yona itete isondo emhlane njengomncanyana iSuzuki Jimny. Khona ngemuva isicabha sivuleka siye eceleni hhayi phezulu njengakwiFortuner.
Lokhu kuba yinkingana uma upake wangena uhlehla ngoba kusho ukuthi kumele ushiye isikhala esithe xaxa.
Ibhuthi nokho inkulu kahle njengoba yona ilayisha abagibeli abayisihlanu.
Ebesihamba ngayo ibingadimile emawindini nobekushayisa ngovalo ngempahla ebhuthini kwazise ayikho ikhava efihla impahla.
Ngihambe ngathola ukuthi yinto okumele uyithenge eceleni uma uyifuna nengikhohlwa ukuthi badlala ngomthengi lapho.
Ubukhulu besikhala ngaphakathi ububona nakubagibeli bangemuva ngoba sanele amadolo awampintshwa yizihlalo zangaphambili.
Ngiyakuthanda ukuthi bafake nezimbobo ezimbili zokushaja nge-USB kanjalo nendawo yokukhipha umoya.
This story is from the July 05, 2025 edition of Isolezwe ngoMqibelo.
Subscribe to Magzter GOLD to access thousands of curated premium stories, and 10,000+ magazines and newspapers.
Already a subscriber? Sign In
MORE STORIES FROM Isolezwe ngoMqibelo
Isolezwe ngoMqibelo
Umfanyana uzakhele udumo ngama-video omgwabo waseZayoni
EBHAYIBHELINI encwadini yeZaga zeNkosi uSolomoni zesi-22 evesini lesithupha, kufundeka kanjena: \"Khulisa umntwana ngendlela eyakuba ngeyakhe; kuyakuthi lapho esekhulule, angasuki kuyo.
1 min
July 05, 2025
Isolezwe ngoMqibelo
Inhlansi yesambulo esisha kuqokwa amakomiti amakhosi
UMNYANGO wokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal usungule uhlelo lwamakomiti okusebenza kwamakhosi ukuqinisekisa ukuthi abamba iqhaza ezinhlakeni zokuthuthukiswa kwesizwe.
1 min
July 05, 2025
Isolezwe ngoMqibelo
Yonga imali; iziqumama nazo ziqale kanjalo
UKUBA yisiqumama esinezigidi zamarandi ebhange kungabukeka kuyinto enzima ukuthi yenzeke kunoma wubani, kodwa ukonga yinto engenzima kakhulu uma uzibophezela ukuqala ukonga imali yakho.
1 mins
July 05, 2025
Isolezwe ngoMqibelo
I-Unilever ishintshe umshovo yethula iFuture Menus 2025
I-UNILEVER Food Solutions (UFS) yethule uhlelo lwabo olusha olwaziwa nge-Future Menu 2025 Vol. 3 ngochungechunge olunombukiso wezokupheka emahhovisi abo aseLa Lucia, eThekwini, ngoLwesine.
1 min
July 05, 2025
Isolezwe ngoMqibelo
Kusongwe uhhafu wonyaka siphezulu esokuthengwa kwezintsha
WEHLA kwenzalo yemalimboleko ngoSepthemba wonyaka odlule ngezinye zezinto okubukeka zibe nomthelela ekutheni sinyuke isibalo sokuthengwa kwezimoto ezintsha ngohhafu wokuqala wonyaka.
1 min
July 05, 2025
Isolezwe ngoMqibelo
USanele Mchunu ozobe ememezela amahhashi ngesiZulu namhlanje
UMA kukhulunywa ngezingqalabutho zabantu abamnyama kuleli nasemhlabeni jikelele, ngeke lasala ngaphandle igama lensizwa edabuka eMpophomeni, eHowick, uSanele Mchunu.
1 mins
July 05, 2025
Isolezwe ngoMqibelo
Bakhala ngokukweleta omashonisa abaweSasol kuhoxa abaxhasi
ABAPHATHI bamaqembu adlala kwiSafa KwaZulu-Natal Sasol League sebezwakalise ukushaqeka nokukhathazeka ngokuvela kwezindaba zokuphela kwesivumelwano sabaxhasi bale ligi, iSasol, neSafa phezu kokuba besakweletwa izishaqane zemali yile nhlangano ephethe ibhola.
1 mins
July 05, 2025
Isolezwe ngoMqibelo
BAZISHOLO BONA
\"NGIPHINDE ngafonelwa wumshana wami komunye umuzi wakithi ethi kufike imoto eyi-Almera. Uthe kwehle abantu ababili, kwathi abanye basala emotweni. Uthe bafike bangibuza maqede, wathi angikho, bathi 'ngiyohamba ngisinda,\" kusho uNgizwe Mchunu esola iNkatha ngokufuna ukumenzakalisa.
1 min
July 05, 2025
Isolezwe ngoMqibelo
Ishayisa ngovalo eyokushadela emndenini ongangifuni
MAGUMEDE kubo kwendoda yami abangifuni nalapho nginyathele khona, angisazi isizathu futhi nginovalo lokuthi uma kwenzeka ngishada ngiyobhekana kanjani nalesi simo? Ngicela izeluleko ntombi.
1 min
July 05, 2025
Isolezwe ngoMqibelo
Umgubho weminyaka engu-30 wamaWeseli eNatal Coastal
IGUBHEE ukuhlanganisa iminyaka engu-30 yasungulwa esiFundeni iNatal Coastal inhlangano yabashumayeli bebandla lama Weseli ebizwa ngokuthi yiLocal Preachers Association. Lokhu kwenzeke enkonzweni enkulu yale nhlangano ebisesakhiweni saleli bandla esisePinetown entshonalanga yeTheku.
1 min
July 05, 2025
Listen
Translate
Change font size

