Newspaper
Isolezwe
Uzohlaba ikhefu lesonto uMinnie ogxekwa ngokuziphatha kwiRHOD
UMSAKAZI weGagasi FM osematheni \"ngobubhoklolo\" nangokuhlokoloza ngomunwe ebusweni uLondie London ohlelweni iReal Housewives of Durban (RHOD), uzohlala isonto elilodwa ekhaya ngaphambi kokubuyela emsebenzini.
1 min |
July 14, 2025
Isolezwe
Amazwibela ama-Soapies
UZALO Ngo-8.30 ebusuku kwi-SABC1 IQHINGA likaHawu lokuboleka imali yamalobolo kaSizakele alihambi ngendlela ahlele ngayo. USipho uhlonipha isimemo sikababa wakhe ombizile ukuthi azodla nabo isidlo sasemini endlini kaNomarashiya. UPrince ufuna ukuqala umndeni omusha futhi ufuna uSipho abe yingxenye yawo. Isicelo sikaHawu sokuba nesithembu kubukeka ngathi sizofezeka. UMbatha useqala ukuba nokungabaza ngohambo lwakhe lokungena kwipolitiki. UMadlala uyadinwa uma uPrince eqhamuka ehamba noNomarashiya la esebenza khona. Indlela yokukhombisa uthando evezwa uHawu ayihambi ngendlela akade ehlele ngayo. UMzamo wenza kahle njengoba ekhiphe incwadi. UHawu (Bandile Maphalala) uthuswa imicabango anayo yokuthi angase alahlekelwe uSizakele.
2 min |
July 14, 2025
Isolezwe
Ithemba ngabezikhukhula umnyango uthenga ibhilidi
UMNYANGO wokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, usuthenge iMontclair Lodge okwakungeyakwaTransnet, eThekwini ukuze kuhlaliswe kuyo abakhahlanyezwa yizikhukhula.
1 min |
July 14, 2025
Isolezwe
UMaMkhize uthembise lukhulu ethatha iqembu laseSwatini
UZIMISELE ngokuqopha umlando Eswatini uShauwn \"MaMkhize\" Mkhize omenyezelwe njengomengameli omusha weMbabane Highlanders FC ngoMgqibelo.
1 min |
July 14, 2025
Isolezwe
Kunconywe amaBokke ngokukhuphula izinga ezitamuzela kwi-Italy
UHLABEKE umxhwele ngendlela iqembu elilungise ngayo amaphutha elawenza emdlalweni wokuqala ngesikhathi liqumba phansi i-Italy ngo 45-0 emdlalweni wesibili eNelson Mandela Bay Stadium eGqeberha, ngoMgqibelo ntambama, umdlali waphambili wamaBhokobhoko, uSalmaan Moerat.
1 min |
July 14, 2025
Isolezwe
Uncome iqhaza lonomehlo esizweni samaZulu
AKUSENSUKU zatshwala luqale uhlelo lokuholelwa konomehlo ngomsebenzi wabo omuhle abawenzela isizwe samaZulu.
1 min |
July 14, 2025
Isolezwe
Simthobe amanxeba isigwebo uyise womfundi owabulawa ngesihluku kodwa...
UBONGE ukusebenza ngokuzikhandla kwamaphoyisa kanjalo noMbuso uyise womfundi waseDurban Girls Secondary, owabulawa ngesihluku nyakenye, iNkantolo eNkulu yaseThekwini, idedela isigwebo esinzima kwabesilisa ababili abalahlwe yicala.
1 min |
July 14, 2025
Isolezwe
Kwelulekwa uSilva ngeqhinga lokuzifaka kwabeChiefs
MUNYE wabagadli bakudala beKaizer Chiefs, uMarks “Go Man Go” Maponyane, unike uFlavio Silva izeluleko ezimqoka ngezindlela zokugwema ukusindwa yijezi laleli qembu namaqhinga okusheshe azifake ezinhliziyweni zabalandeli abangeke bayeke ukumtinyela uma engayibhakuzisi inethi.
1 min |
July 14, 2025
Isolezwe
OwaseMphithi uyaziqhenya ngokulingisa kwi Thongo
VEZA ukuthi namanje ayikakholwa ukuthi ila ikhona ngempilo intokazi yaseMgungundlovu, uNoluthando Ngema, engomunye wabalingisi abaphambili emdlalweni Ithonga, okhonjiswa phakathi nezinsuku kuMzansi Magic ngo-8.30 ebusuku.
1 min |
July 14, 2025
Isolezwe
Kuxwayiswe abafundi abazobhala u-matric eKZN
KUHLATSHWE ikhwelo kubafundi abazobhala u-matric KwaZulu-Natal ukuthi basebenzise incwadi enamathiphu azobacija njengoba kusele izinyanga ezimbalwa baqale ukubhala izivivinyo.
1 min |
July 14, 2025
Isolezwe
UMkhwanazi ufanelwe ukwethweswa ungiyane ngokuhlokoloza izikhohlakali
MHLELI: Umfo kaNdonga, inkomo yomqholiso useyathe waqeda ingcabhayi yasalela kwabahlinzayo, ukucophelela ukungasisiki isikhumba nokuba kungabibikho nyama esalayo esikhumbeni.
1 min |
July 14, 2025
Isolezwe
UMchunu akageze igama lakhe enkantolo-ActionSA
I-ActionSA ifuna uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Senzo Mchunu nabanye anukwa nabo ebugebengwini bayogeza amagama abo enkantolo.
1 min |
July 11, 2025
Isolezwe
Bakhala ngohulumeni abezikhukhula abaphenduke ondingasithebeni
BAKHALA ngohulumeni abathi udlala ngabo abayizisulu zezikhukhula, abaphenduke ondingasithebeni bekhishelwa emnyango ehhotela ebebegobe kulo amadlangala iBayside eThekwini ngoLwesithathu ekuseni, balala emgwaqweni.
2 min |
July 11, 2025
Isolezwe
AmaJunior Boks avivela owandulela owamanqamu kowoMhlaba
UFUNA iqembu linyukele kwelinye izinga esigabeni somkhumulajezi kwi-World Rugby Under-20 Championship nakuba liyinqobe yonke imidlalo yalo yamaqoqo umdlali wamaBhokobhoko amancane, uThando Biyela.
1 min |
July 11, 2025
Isolezwe
UMzansi Magic uzogubha iminyaka ewu-15 ngesiteshi esisha
IMIDLALO eyaba nedumela esiteshini iMzansi Magic (161), okukhona kuyo Isibaya, Lockdown, Inkaba, Rockville neDate My Family, ikhuza ibuya esiteshini esisha esizoqala ukukhonjiswa kusasa njengoba lesi siteshi sigubha iminyaka engu-15 sasungulwa.
1 min |
July 11, 2025
Isolezwe
Sesishoda ngoboya njengoba izilwane sesizehlule ngobulwane ekuchitheni igazi
LABO gingqi esibahlinza nsuku zaphuma, izimpondo nezikhumba zabo ziyobuzwa ezinganeni zethu, thina sesaba mathambo amhlophe.
2 min |
July 11, 2025
Isolezwe
IChiefs ibambe umoya ngomdlali omusha
IZIKHULU zeKaizer Chiefs zibambe umoya ngokulunga kwamaphepha omdlali omusha, uSiphesihle Ndlovu, okuvela ukuthi uzanyelwa ukuthi ajoyine leli qembu eNetherlands, lapho lizicijela khona ukuqala kwesizini entsha yeBetway Premiership.
1 min |
July 11, 2025
Isolezwe
Sibhuqwa yindlala siyizinduna ngemali ebanjiwe
MHLELI: Kwelakho eliwela umfula ugcwele, ake likhuphuke lize lapha endaweni yangakithi, eXobho noma eHighflats. Nakhu sibhuqwabhuqwa yindlala. Ngicela kungenelele abahlonishwa, uNdunankulu wesifundazwe uMnuz Thami Ntuli, uMphathiswa wokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uMfu Thulasizwe
1 min |
July 11, 2025
Isolezwe
Owokholo uzoveza elinye ikhono kwithelevishini
ISIHLABANI emculweni wokholo uLebo Sekgobela, sizoveza elinye ikhono ebelingaziwa efilimini emfishane ezokhonjiswa kuMzansi Bioskop, ngoJulayi 20 ngo-7.30 ebusuku.
1 min |
July 11, 2025
Isolezwe
Umhlaba 'udabukela' iChelsea kwiPSG koweFifa
ISHE umhlaba wonke kwabalandela unobhutshuzwayo, kunomuzwa wokwesabela iChelsea FC yase-England kowamanqamu weFifa Club World Cup kwiParis Saint-Germain yaseFrance, kulandela ukubhubhudla kwayo kwasani olubekwe phambi kwayo kulo mqhudelwano osongwa ngeSonto.
1 min |
July 11, 2025
Isolezwe
Asingatshali izikhotha sijike sibabaze uma sezisha
IZAKHAMUZI zaseNingizimu Afrika zisendlaleni yozinzo njengoba iviki neviki, inyanga nenyanga, unyaka nonyaka kuba nesimo esikhonga udungunyane kubantu abavele badungekile ngenxa yezinselelo ezahlukeneyo.
1 min |
July 11, 2025
Isolezwe
UMshiza 'ugadle' kwabuya isithunzi soBusuku Obuhle kuKhozi FM
UMSEBENZI engiwenzayo wenza ngibuye ngingasitholi kahle isikhathi sokulalela umsakazo ngendlela engifisa ngayo ikakhulu ngezikhathi zasemini phakathi nezinsuku ngoba yilapho ezisuke ziyishuka khona imbodla kwamlungu. Lokhu kwenza ukuthi ezinye izinhlelo zemisakazo engisuke ngifisa ukuzilalela, ngigcine ngingalitholanga nhlobo ithuba lokuzilalela.
1 min |
July 11, 2025
Isolezwe
Kuzoqokwa ithimba elizobuyekeza izinga lokuphasa ezikoleni
KUZOBUNJWA ithimba elizophenya ngokuthi kumele linyuswe yini izinga lokuphasa kuleli, nokuthi kuziphi izifundo. Leli thimba lizoluleka uNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNksz Siviwe
1 min |
July 11, 2025
Isolezwe
Kuningi esikufunda kuMngqithi: Dikgacoi
IPHINI lomqeqeshi weLamontville Golden Arrows, uKagiso Dikgacoi, likubona kuyithuba eliyingqayizivele ukusebenza noManqoba Mngqithi njengoba leli qembu lilungiselela isizini ka-2025/26.
1 min |
July 11, 2025
Isolezwe
UMantashe ukhuza eyokuqokwa kwamakhansela angafundile
USIHLALO we-ANC, uMnuz Gwede Mantashe, usechithe amakhansela angafundile wathi njengoba kubhekwe okhethweni abafuni kukhethwe abantu ngenxa yodumo, kodwa ngokuthi bayaboniswa encwadini.
1 min |
July 11, 2025
Isolezwe
Kubhekwe lukhulu kuRamaphosa ozokhuluma ngolukaMchunu
W'ONKE amehlo azobe ethe njo kuMengameli Cyril Ramaphosa, ozokwenza isimemezelo ngodaba lwezinsolo ezishaqisayo ezibhekene noNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Senzo Mchunu (osesithombeni).
1 min |
July 11, 2025
Isolezwe
Ukhale ngezishaqane zakhe ezisebhange elahlwa elokubulala
UKHALE ngoR500 000 wakhe osebhange, athe ngeke akwazi ukufinyelela kuwo ukuze aqhubeke nokondla izingane zakhe uSfundo Bhengu (40), ezicelela ejajini laseNkantolo eNkulu yaseThekwini, izolo, ukuthi limshaye ngoswazi oluncane.
1 min |
July 11, 2025
Isolezwe
Inkantolo yase-Europe ivune uCaster
INkantolo Yase-Europe yamaLungelo Abantu ikhiphe isinqumo sokuthi iNkantolo ePhakeme yaseSwitzerland ayibenzanga ubulungiswa ngesikhathi inqaba ukulalela izikhalo zomsubathi wakuleli, uCaster Semenya.
1 min |
July 11, 2025
Isolezwe
Owe-Orbit uveza okufiswa uSaleng obolekwe kwiPirates
UMQEQESHI we-Orbit College, uPogiso Makhoye, usephumele obala ngokufiswa nguMonnapule Saleng osanda kubolekiswa yi-Orlando Pirates kuleli qembu elikhushulelwa esigabeni seBetway Premiership.
1 min |
July 11, 2025
Isolezwe
Ubuyele ekhaya ezofeza isifiso sakhe emculweni
UKHETHE ukuthi abuye eMelika, ukuze azokwenza umculo we-piano, uSmiso Shezi ozalwa eGreytown.
1 min |