يحاول ذهب - حر

Uzohlaba ikhefu lesonto uMinnie ogxekwa ngokuziphatha kwiRHOD

July 14, 2025

|

Isolezwe

UMSAKAZI weGagasi FM osematheni "ngobubhoklolo" nangokuhlokoloza ngomunwe ebusweni uLondie London ohlelweni iReal Housewives of Durban (RHOD), uzohlala isonto elilodwa ekhaya ngaphambi kokubuyela emsebenzini.

- FANELESIBONGE BENGU

Uzohlaba ikhefu lesonto uMinnie ogxekwa ngokuziphatha kwiRHOD

UMinnie Ntuli ongena noFelix Hlophe ohlelweni lwasekuseni phakathi nesonto, ukhiphe isitatimende ngempelasonto, lapho eveze khona ukuthi ucele ukuhlaba ikhefu.

NgoLwesihlanu, ohlelweni lokubuyekeza isizini yeRHOD, kuvele okokuqala i-video lapho uMinnie noLondie bebekhuluma khona bobabili ngokungaboni kwabo ngaso linye.

UMinnie usole uLondie ngokungakhulumi kahle ngabazali bakhe. Kugcine kuphakama umoya kuye, wasukuma wahlokoloza kabili ngomunwe uLondie ebusweni. Ngaleso sikhathi uLondie ubezisongele izandla emamatheka, embuza ukuthi wenzani.

UMinnie ube esegcizelela ukuthi uLondie usebenza elele ngomhlane okungenye yezinto ezashiya abantu bemgxeka ohlelweni.

Kusuka kuvele lesi siqephu abanye bakhombise ukucasuka balimisa ngesihloko ukuthi uMinnie uyibhoklolo elidinga nokuthi iGagasi limthathele izinyathelo.

المزيد من القصص من Isolezwe

Isolezwe

Usizi kothisha abangatohozi beqhinqa emahhovisi oMnyango wezeMfundo

ABIKA usizi othisha abangasebenzi uma bechaza ngesimo abazithola bebhekene naso sokuphela kwesikhathi eside bengaqasheki.

time to read

2 mins

January 15, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Owokholo ubalisa ngokushona kukazakwabo

NGWAZI yomculo wokholo, uMfu Sam \"Makitaza\" Zondi, ibalise ngokudlula emhlabeni kukazakwabo uNoxolo \"Before\" Biyela weMvuselelo Yesizwe.

time to read

1 min

January 15, 2026

Isolezwe

Ochaze uBig Zulu kwiLast Dance akaphoxanga naku-matric

IPHASE ngamalengiso intokazi egeze ubebebe womrepha uBig Zulu nezithameli kwiLast Dance Music Experience eRoyal Showgrounds eMgungundlovu, ngoNcibijane, u-Akhona Msimango.

time to read

1 min

January 15, 2026

Isolezwe

Isolezwe

KUSOLWA ukhwantalala ngokushona kukanina kaFaith

KUSOLWA ukhwantalala njengomnyombo ogcine sewuholela ekutheni kugcine sekumanela unina kaNkk Faith Ntombela, uNkk Busisiwe Nkosi, uMaMkhize, (68) oshone ngeSonto.

time to read

1 mins

January 14, 2026

Isolezwe

Itwetwe kwanda ukuhlaselwa kwabashayeli be-ehailing

SEKUQUBUKE ukukhathazeka ezinhlanganweni zabashayeli bezimoto ezikhokhelwa ngebanga ezilihambile ukwanda kwezigameko zokuhlaselwa kwabo eChesterville, eThekwini.

time to read

1 min

January 14, 2026

Isolezwe

Basabisa ngokuduba Impucuzeko ngenxa kaTshatha

BASABISA ngokuduba Impucuzeko Maskandi Festival abangeneme ngokuhoxa komsakazi woKhozi FM, uKhathide \"Tshatha\" Ngobe kule ndumezulu yomcimbi.

time to read

1 mins

January 14, 2026

Isolezwe

Umaskanda uyokwenza izifundo zobunjiniyela

NKOLELO yokuthi umaskandi wumculo wabantu abangancwadile sekuyinto yayizolo.

time to read

1 min

January 14, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Osaziwayo nemiyalezo kwabaka-matric

SAZIWAYO bahalalisele abaphase u-matric baphinde bakhuthaza abangaphumelelanga ngokuvuka bazithathe.

time to read

1 mins

January 13, 2026

Isolezwe

Lehlile okungayephi izinga lokuphasa ezikoleni ezizimele

LITHE ukwehla kancane izinga lokuphasa ezikoleni ezizimele.

time to read

1 min

January 13, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Itwetwe liphonse umlingisi ekubhaceni

UMLINGISI wodumo kuMuvhango, uTebogo Thobejane, usehamba ethuka izanya kulandela ukubulawa komunye wofakazi ebebegeqa amagula kwiKhomishini kaMadlanga, uMarius van der Merwe.

time to read

1 min

January 12, 2026

Listen

Translate

Share

-
+

Change font size