Denemek ALTIN - Özgür
Kuyashuba phakathi kukaNgizwe nowe-IFP
Isolezwe
|July 02, 2025
WAYENGUMSAKAZI woKhozi FM kodwa osengumengameli wamabhinca, uNgizwe "Zulu Charmer" Mchunu, useveze ukuthi uselala obenyoni emuva kokuba ongumkhulumeli weNkatha Freedom Party abuye abe yiPhini likaNgqongqoshe wezokuThutha kuzwelonke, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, emsasazele ngamalungu aleli qembu.
UHlengwa umemezele komunye umcimbi weNkatha ukuthi uNgizwe useyisitha sokuqala seNkatha futhi isenzo sakhe sesidinga ukuthathelwa isinyathelo.
"Mnuz Mchunu, siyiNkatha sinomyalezo owodwa ocacile kuwe, khuzeka mfana. Yazi indawo yakho nemithetho yezwe," kusho uHlengwa.
Lo mholi ukhulume kanje emuva kokuba uNgizwe sekukaningi ehlasela leli qembu nabaholi balo abathize, ebachapha nangenhlamba ezinkundleni zokuxhumana.
Ekhuluma kwingizwe Online, uNgizwe uthe yilezi zinsongo neminye imiyalezo ayitholile emenza athuke izanya aze avulele uHlengwa icala lokumsabisa.
Bu hikaye Isolezwe dergisinin July 02, 2025 baskısından alınmıştır.
Binlerce özenle seçilmiş premium hikayeye ve 9.000'den fazla dergi ve gazeteye erişmek için Magzter GOLD'a abone olun.
Zaten abone misiniz? Oturum aç
Isolezwe'den DAHA FAZLA HİKAYE
Isolezwe
Ngabe uSenona wuKlebe owumgulukudu?
VELE njengephoyisa elingathembekile iNhloko yoKlebe KwaZulu-Natal, uMajor General Lesetja Senona, emva kokuvela kobufakazi bokuthi wathumela usomabhizinisi osolwa ngobugebengu, uMnuz Vusimuzi \"Cat\" Matlala, imininingwane ebucayi okubalwa kuyo neyamaphoyisa.
2 mins
January 29, 2026
Isolezwe
Owe-Afro pop ukhuthaza abesifazane 'ukuzibika' kwababathandayo
UMCULI we-Afro pop wodumo lwengoma ethi Emlanjeni, uSbahle, usedalule ukuthi ukholelwa ekutheni manje sesiphelile isikhathi sokuthi abantu besifazane bacindezeleke kangangokuthi kube yihlazo ukuthi basho indlela abazizwa ngayo ngabesilisa.
1 min
January 29, 2026
Isolezwe
Imvunge ngokungenisa kwe-Al emculweni
SEKUTHATHA imizuzwana ukwenza ingoma ekulungele ukujatshulelwa ngabantu usebezinzisa ubuchwepheshe be-artificial intelligence (AI), nokuyinto eqhubeka nokuqubula imvunge emkhakheni wezomculo.
2 mins
January 28, 2026
Isolezwe
Basola ekamacashelana umsolwa ezicelela ukuhlolwa inggondo
BAMSOLA ngokuthi uzama ukudlala umacashelana nenkantolo owesilisa waseKoffie Farm, KwaNdengezi, okuvele eyokuthi uzoyohlolwa isimo sengqondo njengoba eboshelwe icala lokubulala umakhelwane.
1 mins
January 28, 2026
Isolezwe
llengelwa yizembe inhloko yoKlebe eKZN 'ebiwubhululu' kaMatlala
ILENGELWA yizembe iNhloko yoKlebe KwaZulu-Natal, uMajor General Lesetja Senona, esolwa ngokuba wubhululu kasomabhizinisi obhekene noxhaxha lwamacala, uMnuz Vusumuzi \"Cat\" Matlala.
1 mins
January 28, 2026
Isolezwe
Kuvela okushaqisayo ngokufa kweqembu lomaskanda
KUVELE okushaqisayo ngokwaholela ekubhidlikeni kweqembu lebhola labaculi bakamaskandi, iMaskandi FC. Ngaphambi kokuba leli qembu libe yinhlakanhlaka kukhona abanukwa ngokuthwala nangokuthwebula izinhlanhla zabanye, abanye babizwa ngaphansi kweziketi zonina, abanye bacishe babambana ngezandla, kwakhona ukufelana ngamathe futhi kwakhonjwana nangezibhamu.
1 mins
January 27, 2026
Isolezwe
OwaseNdlunkulu uqwashiswa yisingumo seNkantolo yoMthethosisekelo
UMNTWANA waseNdlunkulu kaZulu ubona isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo esithinta imishado sizokwenza ukuthi abantu babe manqika ukushada umshado wesintu.
1 min
January 27, 2026
Isolezwe
Basola umuntu owaziwayo kubulawa othandana nabobulili obufana nobakhe
USOLA ukuthi umsolwa wumuntu owaziwayo umndeni wowesilisa obethandana nabantu abanobulili obufana nobakhe, okuthiwa ubulawe ngesihluku eNumber 9, KwaXimba, ngeSonto.
1 mins
January 27, 2026
Isolezwe
Ibandla lakwaShembe liyathimula ngabacela ngezipho eziphezulu
IBANDLA lamaNazaretha, eBuhleni, seligxeke indaba yezinsizwa zebandla ezikhangisa ezinkundleni zokuxhumana izipho eziphezulu ezizithengela izintombi ezizikhetha ngosuku lokugcina lomhlangano kaJanuwari.
1 min
January 27, 2026
Isolezwe
Kukhuzwa ukuyamanisa ukufa nokhozi kushona uNjinji
UPHATHE kabi futhi kwathusa abaningi ukudlula emhlabeni kowayengumsakazi woKhozi FM, uMandla \"Njinji\" Magwaza, othathwe wukugula esibhedlela ngoMgqibelo ekuseni.
2 mins
January 26, 2026
Listen
Translate
Change font size

