Magzter GOLD ile Sınırsız Olun

Magzter GOLD ile Sınırsız Olun

Sadece 9.000'den fazla dergi, gazete ve Premium hikayeye sınırsız erişim elde edin

$149.99
 
$74.99/Yıl

Denemek ALTIN - Özgür

Ngabe uSenona wuKlebe owumgulukudu?

Isolezwe

|

January 29, 2026

VELE njengephoyisa elingathembekile iNhloko yoKlebe KwaZulu-Natal, uMajor General Lesetja Senona, emva kokuvela kobufakazi bokuthi wathumela usomabhizinisi osolwa ngobugebengu, uMnuz Vusimuzi "Cat" Matlala, imininingwane ebucayi okubalwa kuyo neyamaphoyisa.

- SABELO NSELE

Ngabe uSenona wuKlebe owumgulukudu?

UMAJOR-General Lesetja Senona

(Isithombe: OUPA MOKOENA /INDEPENDENT NEWSPAPERS)

IKhomishini yeJaji uMbuyiseli Madlanga iveze imiyalezo yeWhatsApp ephakathi kukaSenona noMatlala.

Phakathi kwayo, kukhona lapho uSenona ayethumela khona uMatlala amaphepha asenkantolo anemininingwane yamaphoyisa.

La maphepha asenkantolo awecala elalivulwe umuntu owayesola amaphoyisa ngokumshaya.

Obambisene noMadlanga kwikhomishini, u-Advocate Sandile Khumalo, ubuze ukuthi kungani uSenona athumelela uMatlala amaphepha anemininingwane yamaphoyisa okubalwa kuyo nezinombolo zomazisi? UKhumalo uthe lokhu kwakungabeka engcupheni impilo yamaphoyisa.

"Lapha kukhona imininingwane yamaphoyisa ophiko loKlebe, izinhloli, kukhona imininingwane kaMkhwanazi (uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi). Wathumela uMatlala le mininingwane ekubeni wazi kahle ukuthi uphenywa yibo laba bantu."

USenona uthe akazange anake ukuthi la maphepha aneminingwane yamaphoyisa, wathi wathumela uMatlala la maphepha ngoba nakhu umuntu owayevule icala uhlala lapho kuhlala khona uMatlala.

Isolezwe'den DAHA FAZLA HİKAYE

Isolezwe

Isolezwe

Ngabe uSenona wuKlebe owumgulukudu?

VELE njengephoyisa elingathembekile iNhloko yoKlebe KwaZulu-Natal, uMajor General Lesetja Senona, emva kokuvela kobufakazi bokuthi wathumela usomabhizinisi osolwa ngobugebengu, uMnuz Vusimuzi \"Cat\" Matlala, imininingwane ebucayi okubalwa kuyo neyamaphoyisa.

time to read

2 mins

January 29, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Owe-Afro pop ukhuthaza abesifazane 'ukuzibika' kwababathandayo

UMCULI we-Afro pop wodumo lwengoma ethi Emlanjeni, uSbahle, usedalule ukuthi ukholelwa ekutheni manje sesiphelile isikhathi sokuthi abantu besifazane bacindezeleke kangangokuthi kube yihlazo ukuthi basho indlela abazizwa ngayo ngabesilisa.

time to read

1 min

January 29, 2026

Isolezwe

Imvunge ngokungenisa kwe-Al emculweni

SEKUTHATHA imizuzwana ukwenza ingoma ekulungele ukujatshulelwa ngabantu usebezinzisa ubuchwepheshe be-artificial intelligence (AI), nokuyinto eqhubeka nokuqubula imvunge emkhakheni wezomculo.

time to read

2 mins

January 28, 2026

Isolezwe

Basola ekamacashelana umsolwa ezicelela ukuhlolwa inggondo

BAMSOLA ngokuthi uzama ukudlala umacashelana nenkantolo owesilisa waseKoffie Farm, KwaNdengezi, okuvele eyokuthi uzoyohlolwa isimo sengqondo njengoba eboshelwe icala lokubulala umakhelwane.

time to read

1 mins

January 28, 2026

Isolezwe

llengelwa yizembe inhloko yoKlebe eKZN 'ebiwubhululu' kaMatlala

ILENGELWA yizembe iNhloko yoKlebe KwaZulu-Natal, uMajor General Lesetja Senona, esolwa ngokuba wubhululu kasomabhizinisi obhekene noxhaxha lwamacala, uMnuz Vusumuzi \"Cat\" Matlala.

time to read

1 mins

January 28, 2026

Isolezwe

Kuvela okushaqisayo ngokufa kweqembu lomaskanda

KUVELE okushaqisayo ngokwaholela ekubhidlikeni kweqembu lebhola labaculi bakamaskandi, iMaskandi FC. Ngaphambi kokuba leli qembu libe yinhlakanhlaka kukhona abanukwa ngokuthwala nangokuthwebula izinhlanhla zabanye, abanye babizwa ngaphansi kweziketi zonina, abanye bacishe babambana ngezandla, kwakhona ukufelana ngamathe futhi kwakhonjwana nangezibhamu.

time to read

1 mins

January 27, 2026

Isolezwe

OwaseNdlunkulu uqwashiswa yisingumo seNkantolo yoMthethosisekelo

UMNTWANA waseNdlunkulu kaZulu ubona isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo esithinta imishado sizokwenza ukuthi abantu babe manqika ukushada umshado wesintu.

time to read

1 min

January 27, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Basola umuntu owaziwayo kubulawa othandana nabobulili obufana nobakhe

USOLA ukuthi umsolwa wumuntu owaziwayo umndeni wowesilisa obethandana nabantu abanobulili obufana nobakhe, okuthiwa ubulawe ngesihluku eNumber 9, KwaXimba, ngeSonto.

time to read

1 mins

January 27, 2026

Isolezwe

Ibandla lakwaShembe liyathimula ngabacela ngezipho eziphezulu

IBANDLA lamaNazaretha, eBuhleni, seligxeke indaba yezinsizwa zebandla ezikhangisa ezinkundleni zokuxhumana izipho eziphezulu ezizithengela izintombi ezizikhetha ngosuku lokugcina lomhlangano kaJanuwari.

time to read

1 min

January 27, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Kukhuzwa ukuyamanisa ukufa nokhozi kushona uNjinji

UPHATHE kabi futhi kwathusa abaningi ukudlula emhlabeni kowayengumsakazi woKhozi FM, uMandla \"Njinji\" Magwaza, othathwe wukugula esibhedlela ngoMgqibelo ekuseni.

time to read

2 mins

January 26, 2026

Listen

Translate

Share

-
+

Change font size