Denemek ALTIN - Özgür

Ithemba ngokuphothulwa kokwakhiwa kwesikole

Isolezwe

|

July 01, 2025

KUNGASE kuphothulwe ezinyangeni ezintathu ezizayo ukwakhiwa kwesikole saseMlaza, iMenzi High, esike saphazanyiswa Amadelangokubona isakhiwa. Lokhu kuvele izolo, ngesikhathi uMphathiswa wezeMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda, uMnuz Martin Meyer nozakwabo woMnyango ofanayo eWestern Cape, uMnuz Tertuis Simmers, behambele kulesi sikole eyobheka inqubekela phambili ngokwakhiwa kwaso.

- NKOSIKHONA CELE

Ekhuluma lapha uMeyer, uthe kumgoka kakhulu ukuba kuphothulwe ukwakhiwa kwalesi sikole ngenxa yendima esiyidlalayo kwezemfundo KwaZulu-Natal.

Uthe kubuyisa ithemba ukubona umsebenzi uqhubeka ngaphandle kwezinselelo ezike zaba khona ngaphambilini.

"Lesi yisikole esenza kahle kakhulu njalo uma kuphuma imiphumela kamatikuletsheni. Ngakho kumqoka ukuba senze konke okusemandleni ukuthi akubi khona lutho okugcine sekubonakala kusikhinyabeza," kuchaza uMeyer.

Ngaphambi kokuba baye eMenzi, bobabili abaphathiswa bale minyango baqale ngokusayina isivumelwano sokusebenzisana.

Ukudaleka kwamathuba omsebenzi, ukubheka kabanzi izindlela ezingcono zokwakhiwa kwezakhiwo ukuze zingakhahlamezeki kalula, ukulwa nenkohlakalo, ngezinye zezinto okuhlalukile ukuthi le minyango izobhunga kabanzi ngazo ngaphansi kwalesi sivumelwano.

Isolezwe'den DAHA FAZLA HİKAYE

Isolezwe

Isolezwe

UKhuzani ufihle induku emqubeni ngomcimbi waseCarnival City

K ULINDELEKE ukuthi zibe ziningi izinto azojabulisa ngazo abalandeli bakhe umculi kamaskandi uKhuzani Mpungose, emcimbini walo nyaka ozobanjwa isibili iBlue Nation Festival, ezophinde ibanjelwe eCarnival City, ngoMeyi 2.

time to read

1 min

February 05, 2026

Isolezwe

Banqatshelwe ukungcwaba epulazini

IYIME emthumeni emndenini waseBergville, othi unqatshelwa wumlungu wepulazi abahlala kulona iDelta ukuba ungcwabe.

time to read

1 mins

February 05, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Isendlalelo seCape Town Jazz ngedili e-UKZN

NGAPHAMBI kokucula kwiCape Town International Jazz Festival (CTIJF) ngoMashi, umshayi wopiyano futhi ongumqambi wezingoma uSibusiso Mash Mashiloane ubuyela esiteji nabaculi bakhe asebenesikhathi eside beyibambile, uDalisu Ndlazi (webhesi) noRiley Giandhari (wama-drum) abazocula njengeMash Trio eNyuvesi yaKwaZulu-Natal (UKZN) ngoFebhuwari 18 ngo-6.30

time to read

1 min

February 05, 2026

Isolezwe

Zinqunyelwe okatiki izinkabi eziboshwe nenkosi

BEKUZISHUBELE enkantolo izinkabi eziboshwe neNkosi Simphiwe Erick Zuma ecaleni lokubulawa kwekhansela le-DA kuMasipala waseMngeni, uMnuz Nhlalayenza Ndlovu, ngesikhathi zivele ngelinye icala lokuqotha abantu abangu-10.

time to read

1 min

February 05, 2026

Isolezwe

Kugxekwe uBravo B no-Ashay ngokuziqoka kwi-Big Brother

BADINWE bayaveva ezinkundleni zokuxhumana abanye babalandeli bohlelo i-Big Brother Mzansi, njengoba ngoMsombuluko, izinsizwa zaKwaZulu-Natal, zenze obekungalindelekile ziziqoka zona ukuthi zikhishwe uma zithola amavoti amancane.

time to read

1 min

February 04, 2026

Isolezwe

Isolezwe

ISilo asisazifuni izimayini KwaZulu-Natal

ISILO uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini asisafune mayini ezokumba umhlaba KwaZulu-Natal.

time to read

1 min

February 04, 2026

Isolezwe

Uvalo kubulawa izihlobo kade kusongiwe

SITHUKA izanya isihlobo sababili okuthiwa babulawe ngesihluku ngabantu abangaziwa eMabedlana, KwaNyuswa, eHillcrest, ngeSonto.

time to read

1 min

February 03, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Impikiswano ngomsolwa wesibili kwelikaDJ Warras

KUQUBUKE imvunge ngesikhathi kuvela okokuqala eNkantolo yeMantshi yaseGoli, izolo, umsolwa wesibili ecaleni lokubulawa kukaDJ Warras odutshulwe ngoDisemba.

time to read

1 min

February 03, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Kucasuke abaseNigeria uTyla ewina kumaGrammy

BATHUKUTHELE bathelwa ngamanzi abantu baseNigeria nabalandeli bomculi wakuleliya zwe ngokuwina kukaTyla indondo yeBest African Music Performance kumaGrammy Awards emcimbini obuseLos Angeles, e-United States of America (USA) ngeSonto ebusuku.

time to read

1 min

February 03, 2026

Isolezwe

Kuvela nephoyisa kwabalimale kabi kwebiwa imfuyo

KHULUNYELWA emakhoneni eZwelisha, eBergville, eyephoyisa elisinde ngokulambisa nesihlobo salo kade bedutshulwa ngemuva kokuba bebhadanywe egcekeni kusolwa ukuthi bebekade bezama ukweba izimbuzi.

time to read

1 mins

February 03, 2026

Listen

Translate

Share

-
+

Change font size