Facebook Pixel Ithemba ngokuphothulwa kokwakhiwa kwesikole | Isolezwe - newspaper - Lisez cet article sur Magzter.com

Essayer OR - Gratuit

Ithemba ngokuphothulwa kokwakhiwa kwesikole

Isolezwe

|

July 01, 2025

KUNGASE kuphothulwe ezinyangeni ezintathu ezizayo ukwakhiwa kwesikole saseMlaza, iMenzi High, esike saphazanyiswa Amadelangokubona isakhiwa. Lokhu kuvele izolo, ngesikhathi uMphathiswa wezeMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda, uMnuz Martin Meyer nozakwabo woMnyango ofanayo eWestern Cape, uMnuz Tertuis Simmers, behambele kulesi sikole eyobheka inqubekela phambili ngokwakhiwa kwaso.

- NKOSIKHONA CELE

Ekhuluma lapha uMeyer, uthe kumgoka kakhulu ukuba kuphothulwe ukwakhiwa kwalesi sikole ngenxa yendima esiyidlalayo kwezemfundo KwaZulu-Natal.

Uthe kubuyisa ithemba ukubona umsebenzi uqhubeka ngaphandle kwezinselelo ezike zaba khona ngaphambilini.

"Lesi yisikole esenza kahle kakhulu njalo uma kuphuma imiphumela kamatikuletsheni. Ngakho kumqoka ukuba senze konke okusemandleni ukuthi akubi khona lutho okugcine sekubonakala kusikhinyabeza," kuchaza uMeyer.

Ngaphambi kokuba baye eMenzi, bobabili abaphathiswa bale minyango baqale ngokusayina isivumelwano sokusebenzisana.

Ukudaleka kwamathuba omsebenzi, ukubheka kabanzi izindlela ezingcono zokwakhiwa kwezakhiwo ukuze zingakhahlamezeki kalula, ukulwa nenkohlakalo, ngezinye zezinto okuhlalukile ukuthi le minyango izobhunga kabanzi ngazo ngaphansi kwalesi sivumelwano.

PLUS D'HISTOIRES DE Isolezwe

Isolezwe

Isolezwe

Isihluku owesifazane ebulawa yisoka ebuya ePhasikeni

K USENZIMA ukwamukela isimo emndenini wowesifazane waseSakhamkhanya, eDoringkop, KwaDukuza, okuthiwa ugwazwe wabulawa yisoka lakhe eqeda kubuya ePhasikeni ngeSonto

time to read

2 mins

April 08, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Usola uLongwe ngokudelela umndeni kaMeyiwa

UMFOWABO kaSenzo Meyiwa ongasekho, uMnuz Sfiso Meyiwa, usole uLongwe Twala ngokuqhuba intwala ngewisa, kulandela ukuvumbuka kweheheba le ncwadi okuthiwa ulibhalele unina kamufi

time to read

1 mins

April 08, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Isiphakamiso sokuthi ahlonishwe ngomngcwabo kahulumeni oweMambazo

UMFELANDAWONYE wezinyunyana zamaciko KwaZulu-Natal, iCultural and Creative Industries Federation of South Africa (Ccifsa), usuphakamise ukuthi ihlonishwe ngomngcwabo osezingeni lesifundazwe, ingwazi yeLadysmith Black Mambazo, u-Albert Mazibuko, edlule emhlabeni ngeSonto emuva kokugula

time to read

1 min

April 08, 2026

Isolezwe

Isolezwe

UPhakel'umthakathi ubeyifihlile eyecala analo

USAZIWAYO ongaconsi phansi ebantwini abakhonze isintu, uNkosikhona Ndabandaba owaziwa ngelikaPhakel'umthakathi, usedalule ukuthi ukwenze ngabomu ukuthukusa izindaba zecala avulelwe lona

time to read

1 min

April 08, 2026

Isolezwe

Isolezwe

ISilo sikhuze osomatekisi ngobulwane

SILO uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini sixwayise ngokuthi impi eqhubeka e-Iran izoba nomthelela omubi ukwedlula ngisho ubhubhane iCorona, saphinde saxwayisa osomatekisi abaphathisa abantu okwezilwane

time to read

1 mins

April 07, 2026

Isolezwe

Uyazihlangula umasipala kolwesikhulu esiphawule ngomiselwe u-R1.5 million

UMASIPALA iDkt Nkosazana Dlamini Zuma uyawakhahlela amahlebezi okuthi ukumiswa kwesikhulu esiphezulu salo masipala, uMnuz Nkosiyezwe Vezi, kumayelana nokuthi siphawule ezinkundleni zokuxhumana ngodaba oluthinta ukuyamaniswa kwesinye sezikhulu zalo masipala, ngokuduka kuka-R1

time to read

1 min

April 07, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Kushaye kwazwela ukushona kwengwazi yeLadysmith Black Mambazo

UBEKHONZE ukucobelela abeza emuva kwakhe ngolwazi uMdletshe Albert Mazibuko obese esele yedwa njengomunye wabayibamba kuqala iLadysmith Black Mambazo okugcine kumenele esibhedlela ngeSonto ebusuku

time to read

1 min

April 07, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Ungena kwelinye igiya umkhankaso wokhetho

UNGENA kwelinye igiya umkhankaso wokukhuthaza intsha ukuthi ivote okhethweni oluzayo lohulumeni basekhaya

time to read

1 min

April 02, 2026

Isolezwe

Uvumbuke kwiJozi FM umsakazi ochithwe uKhozi

UQALE ukuzwakala izolo emsakazweni iJozi FM, umsakazi ochithwe Ukhozi FM, uZeal Dladla, ozosakaza uhlelo lwasekuseni phakathi nezinsuku

time to read

1 mins

April 02, 2026

Isolezwe

Kuthuse abakumasipala ukubulawa 'kwenkabi ebihlela ukuzobasoconga'

ZETHUKILE izikhulu kuMasipala uMdoni, eScottburgh, kulandela ukuvela kwezinsolo zokuthi inkabi ethelwe othulini ngamaphoyisa ezintatha zayizolo, ibihlela ukuyobulala ezinye zezikhulu

time to read

1 mins

April 02, 2026

Listen

Translate

Share

-
+

Change font size